Abahlehlela i-Action SA bakhomba uMashaba ngokuba ngumagayazidlele




Njengamaqembu amaningi asuke esungulwe ngabaholi abalaxaza amadala noma bakhonjwe indlela,ngezizathu ezahlukene, okwenzeka eqenjini likaMnu uHerman Matshaba i-ActionSA akukusha. Emuva kokungaboni ngasolinye neDemocratic Alliance (DA) eyayifolosa ngaye njengeMeya kuMasipala waseGoli, uMashaba akapholisanga maseko wasungula i-ActionSA. Ukwethulwa kwe-ActionSA kwabonakala njengokuzogudluza iDA komasipala ebaphethe ngoba uMashaba wayezosebenzisa lonke ulwazi lwangaphakathi ekuyincisheni umoya.
Wayengakufihli nokuthi uzolandelwa zihlwele ikakhulukazi aboHlanga abase bezibona bekhishwa inyumbazane kuDA.
Selokhu lamenyezelwa njengeqembu lezepolitiki eminyakeni emibili edlule, lihanjelwa ngamalungu aqavile asuke esezakhele igama lapho esuka khona.
Kwenzekile kuCongress of the People eyasungulwa ngowe-2008 ngelikhulu isasasa. Ukusungulwa kwayo kwabonakala njengokuvuleka kwekhasi elisha lezombusazwe. Omunye wabaholi bayo uMnu uMosioua Lakota wayekusho kugcwale umlomo ukuthi uKhongolose uphumile esandleni, awusayilandeli imigomo owasungulelwa phezu kwayo. Sekungumlando ukuthi umbango wokuhola leli qembu awugcinanga nje kuphela ezinkantolo, kodwa sekuke kwabanjwana nangezandla kwavuka namavelemane. Namuhla inezihlalo ezimbili vo ePhalamende, esifundazweni ayisabonwa.
EzikaMashaba ziqale ukwembuleka izinqe ngesikhathi kusuka ukungaboni ngasolinye kwashiya labo abebeyizithenjwa zeqembu esifundazweni emuva kancane kokhetho lohulumeni bezindawo ngowe-2021. KwaZulu-Natal kwaxebuka uDkt uMakhosi Khoza kulandela ukuhilizisana noMashaba. UDk uKhoza wagcina ngokukhonjwa indlela. Akubanga isikhathi esingakanani kwalandela uMnu uBongani Caluza owabe enguNobhala Wesifundazwe, owahamba nenqwaba yabalandeli.
Omunye okwaba nenhlokomo ngesikhathi ezibandakanya ne-ActionSA uMnu uBongani uBaloyi ozakhele igama kuDemocratic Alliance ngokubamba amahlandla amabili kuMasipala iMidvaal eGoli. UBaloyi unconywa ngokuphatha ngobuchule lo masipala njengoba kungazange kubikwe nephunga lenkohlakalo. Kuleli sonto umemezele ukuthi uyalilaxaza leli qembu nalapho esola uMashaba. Umgxeka ngokwakhela iqembu kuyena kunokuba lisabalale lapho wonke umuntu ezozizwa esekhaya. Uveza ukuthi ngesikhathi ejoyina i-ActionSA wayibona lapho ibuthaka khona wathi uzosebenzisa amava awazuze kuDA ukulungisa isimo kanti usezithela isisinga.
UBaloyi ubenguSihlalo eGauteng. Uthi selokhu ethathe izintambo kulesi sifundazwe usekwazile ukuhlela izifunda okungangokuba kukhulunywa nje zonke iziFunda zinozihlalo. “Bengizimisele ukulisebenzela leli qembu futhi bese ngibheke nokutshela ubuholi bukazwelonke ukuthi kungakuhle bunikeze amandla ezinhlakeni nasemagatsheni. Lokho bekuzosho ukuqala kohambo lokuba kube nedomkhrasi eqenjini,” kubeka UBaloyi. Uthi isikhathi asichithe kuDA simcije kakhulu ngoba usenolwazi olunzulu lokwakha amagatsha.
Ukhala ngokuthi amandla amaningi ku-ActionSA asezikhulwini eziphezulu. “Ngamtshela uMashaba noMichael Beaumont ukuba banike amagatsha amandla, ngayilwa leyompi ngaze ngayinqoba. Ngibona sengathi yilokho okungidonsele amanzi ngomsele. Ingixakile indlela uMashaba athathe ngayo ukungaboni ngasolinye phakathi kwethu,” kubalisa yena. Uthi uhambe kungasekuhle ngoba uMashaba wamtshela emehlweni ukuthi uzomehlisa esikhundleni sikaSihlalo Wesifundazwe amenze umkhulumeli weqembu kuzwelonke uma eqhubeka nokuziphatha ngale ndlela.