Now Reading
Abantu basemakhaya namabhizinisi amancane kushayekile
Dark Light

Abantu basemakhaya namabhizinisi amancane kushayekile

Umthelela wezinxushunxushu zakamuva KwaZulu-Natal ulahlekise imisebenzi eyizi-39 579 esifundazweni sisodwa. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uNkk uStella MaNdabeni Abrahams (osesithombeni). Ubephendula umbuzo we-Economic Freedom Fighters (EFF) ePhalamende eMkhandlwini Wezifundazwe Kazwelonke. Isifundazwe iKwaZulu-Natal neGauteng ihlaselwe yizinxushunxushu kanye nokutatshwa kwempahla ngoNtulikazi nonyaka.

UmaNdabeni Abrahams uthi imininingwane abayithola eKwaZulu-Natal iveza ukuthi ayizi-3 613 amabhizinisi athintekile okuholele ekulahlekeni kwezimali eziyizigidigidi ezili-R13.4. EGauteng, amabhizinisi angama-312 kwangama-504 athintekile ayengenawo umshwalense. Uthe iningi lamabhizinisi angenawo umshwalense aqashe abasebenzi abayi-10 futhi yiwona ashayeke kakhulu.

UmaNdabeni Abrahams uthi bangama-28% kuphela abasebenzi ababhalisele i-Unemployment Insurance Fund. Ama-35% amabhizinisi angenawo umshwalense abike ukulahlekelwa okungaphansi kwezi-R100 000, kwathi angama-30% alahlekelwa phakathi kwengxenye yesigidi nesigidi samarandi. UNgqongqoshe uthi ama-12% asele amabhizinisi awazange adalule ukulahlekelwa kwawo ngokwezimali.

Ziyanda izindleko zamakhaya
Inkomba yakamuva yezindleko zemizi ikhombise ukuthi ukwehla kwamandla emali okuqhubeka nokukhula eNingizimu Afrika kuthinta kakhulu amakhaya ampofu kakhulu ezweni. IPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group ithi isilinganiso sikabhasikidi wokudla wasekhaya emakhaya ahola kancane sikhuphuke cishe nge-R100 uma kuqhathaniswa nenyanga edlule. Inyuke ngemali elinganiselwa ema-R400 uma kuqhathaniswa nalesi sikhathi ngonyaka odlule.

See Also

“Intengo yokudla inyuswa wukunyuka kwentengo kagesi eqalwe ngoNhlangulana nangoNtulikazi. Unyuke ngama-14.59% futhi ugesi uhamba phakathi kwamaketanga entengo yokudla futhi manje ubonakala emashalofini ezitolo zethu ezinkulu. Into yesibili ukuthi kunesici sesizini, ngakho-ke, ngokwesibonelo, amazambane notamatisi kubiza kakhulu ngoMfumfu ngokujwayelekile. Khona-ke, izindleko zokuthutha nazo zibonakala zenyusa amanani emashalofini ezitolo ezinkulu,” kusho uDkt uJulie Smith, umcwaningi.

Scroll To Top