Intshumayelo kaMfu uHawu Mbatha kukhulekelwa izwe



USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.
Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi Phakathi kwenu na?… Aninalutho ngokuba ningaceli, niyacela nokho anemukeliswa ngokuba nicela kabi ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu….hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili – UJakobe 4 amavesi 1–8
Ngifunde leli zwi bathandekayo ngoba sikule nkonzo yenhlambuluko namuhla. Sifanele ukuba sizozihlambulula phambi kukaNkulunkulu ukuze kuhlanjululwe isizwe.
Sifuna ukuthi njengalokhu silapha endlini nakulolu hlelo sibe zinceku. Kasizile ukuba ngabantu abafuna ukudunyiswa nabafuna udumo.
Kasizile lapha ukuba kukhulunywe ngamagama ethu ngomuso. Kuthiwe kwathi izwe selonakele, kufa abantu, kunezikhukhula kwagcina kukhona osibanibani nosibanibani abathi akuzokhulekwa. Kodwa size namhlanje ngoba sizothi sifuna ukukhunjulwa ngokuthi kwathi izwe selonakala, sakhetha ukuba yizinceku. Sifisa kuthiwe saqoka ukuba sikhonze kunokuba sikhonzwe.
Size lapha namhlanje ngokuba sizozehlisa. Sizozihlambulula emehlweni kaNkulunkulu ukuze kuhlanjululwe izwe. Kuhlanjululwe isizwe nesintu emhlabeni wonke. Cha, bengingathanda ukuthi silapha eSouth Africa sihlanjululwe njengesizwe sonke. Njengalokhu isizwe emhlabeni wonke singawulalelanga umthetho kaNkulunkulu, sizothi isintu sonke kasize kuJesu ukuba aselekelele ukuba izwe lakithi lisinde ekonakaleni kokufa elibhekene nakho. Sizozehlisa phambi kukaNkulunkulu ukuze uNkulunkulu asiphakamise. Leli zwe nomhlaba wonke ligcwele unya. Ligcwele ukuhlukumeza. I-Afrika, ihlukunyezwa nsuku zaphuma. Ukwebiwa komnotho wase-Afrika. Ukwebiwa kwemfuyo yabantu, ukwebiwa kwezimoto ezikhishwa ezweni lakithi ziye kwamanye amazwe, ukuvinjezelwa nokuhlushwa kwezingane nabesifazane, ukweba osekuphenduke usiko.
Abantu bangena ezikhundleni zombuso hhayi ngoba befuna ukuhola, kodwa befuna ukwakha icebo lokweba. Kuthi uma bengalitholi ithuba lokufakwa ezikhundleni zombuso, bahambe bathenge abanye babulale laba abangaphakathi, ukuze kuvele ithuba lokuba kube yibona abangena ngaphakathi.
Abantu namhlanje ubabona bevunyelwe ukwebolekwa imali ebhange ukuze bakhe imizi bangene nezingane zabo phakathi. Bakhokha kuze kube sekugcineni kwempilo yabo bekhokhela lezo mali ngoba yizimali eziphilisa izikhondlakhondla zomnotho. Ubona bethola izincwadi ezithi isicelo sakho sokuba wenze isikweletu sokuthenga umuzi samukelwe. Bajabule. Abanye baze bakikize. Empeleni lokho kungumbiko wokuthi isicelo sakho sokuba yisigqila impilo yakho yonke, kanye neyezingane zakho zonke, semukelwe.
Ngobani abanikazi bale mali ekhokhwa ingabe isaphela? Okuthi engani lesi siza noma umuzi wawubize nje le mali, kodwa ekugcineni uma sekubalwa intengo yokwakhiwe kuso, kuphindwaphindwe kaningi inani lemali ebibolekiwe, isamba sibe izindodla? Ngobani laba abayizikhondlakhondla abafake intambo entanyeni ye-Afrika ukuze i-Afrika ibe yisigqila impilo yayo yonke?
Simi namhlanje siyisizukulwane esethembele emajele. Ngiyaye ngilalele ngizwe ngisho amakholwa ethi labo bantu abenze ukuthi nokuthi kufanele baboshwe bafakwe emajele. Futhi labo bantu kufanele baboshwe bayogqokiswa izingubo ezigqokiswa abasemajele. Sibophani? Ngesinjani isizwe esikholelwa emajele? Yini singayi kuNkulunkulu siyomnxusa, sithi Nkosi, lezi zingane ezimpilo yazo iphambene nomphakathi, zazalwa ngabazali bazo nazo.
Sizozehlisa phambi kukaNkulunkulu ukuze siphakanyiswe. Sizovuma ukuthi kukhona izinto ezimbi ezenzeka ezweni lakithi nasesintwini emhlabeni. Sithi noma ngabe thina kasikwenzanga, kodwa abakwenzile bakwenze egamini lethu, namhlanje sizokhuleka ngoba sifuna ukuba isintu sonke sizithobe phambi kukaNkulunkulu sithi nguwe wedwa uNkulunkulu. Nguwe wedwa uMkhululi wethu, nguwe wedwa uMsizi wethu.
Sikhetha ukuba sikhonze kunokuba sikhonzwe. Size lapha namhlanje ngokuba sizozehlisa. Kasizile ukuzoziphakamisa. Sizozihlambulula emehlweni kaNkulunkulu ukuze kuhlanjululwe izwe. Kuhlanjululwe isizwe nesintu emhlabeni wonke. Cha , bengingathanda ukuthi silapha eSouth Africa size lapha ukuze kuhlanjululwe isizwe sonke. Njengalokhu emhlabeni isizwe sonke sona sangawulalela umthetho kaNkulunkulu sizosishwelezela. Futhi sizosicelela uMusa kaNkulunkulu ukuba aselekelele sisinde ekonakaleni kokufa elibhekene nakho. Sizozehlisa phambi kukaNkulunkulu ukuze uNkulunkulu asiphakamise njengalokhu kusho uMphostoli esimfundile.
Ngobani abanikazi bale mali ekhokhwa ingabe isaphela? Okuthi engani lesi siza sasibize nje le mali, kodwa ekugcineni uma sekubalwa intengo yokwakhiwe kuso, kuphindwaphindwe kaningi? Ngobani laba abayizikhondlakhondla abafake intambo entanyeni ye-Afrika ukuze ibe yisigqila impilo yayo yonke.
Simi namhlanje siyisizukulwane esethembele emajele. Ngiyaye ngilalele ngizwe ngisho amakholwa ethi abantu abenze okungekho emthethweni kufanele baboshwe bafakwe emajele. Futhi labo bantu kufanele baboshwe bayogqokiswa izingubo ezigqokiswa abasemajele. Sibophani? Ngesinjani isizwe esikholelwa emajele? Yini singayi kuNkulunkulu siyomnxusa, sithi Nkosi, lezi zingane ezimpilo yazo iphambene nomphakathi, zazalwa ngabazali bazo. Futhi ziqhamuka emakubo. Futhi unenjongo ngazo ukuba zenze okuhle.
Ngelinjani ilizwe elifukanyelwa ngamajele ngoba abantu bakhona sebephenduke izilwane? Ngelinjani izwe elicabanga ukuthi kuzokuba mnandi, uma kukhona abangekho emphakathini bekhiyelwe njengezilwane emajele? Izwe elinemiphakathi nabaholi abajabulela ukuthi baningi abangena emajele ukuze kuhlaleke kahle ezweni? Ngisho isizwe esicabanga ukuthi lizoya lilunga izwe uma beya ngokwanda abantu abonakele khona bavalelwe emajele. Sebeyaminyana emajele. Kayisekho indawo yokwakha amanye amajele ezweni.
Size kuNkulunkulu namhlanje sizothi: “Ngempela ngempela bonke badalwa nguwe? Wabadalela ukuba impilo yabo bayiphile eminyangweni ekhiyiwe? Kawufuni yini ukuba uguqule ingqondo nokwenza kwesintu ukuze umoya weNkosi uJehova ube phezu kwabo ngokuba. ungithumile ukuba ngizokhulula iziboshwa. Ungithumile ukuba abasematilongweni bemukele uJesu.
Silapha bathandekayo namhlanje ngokuba sinezingane nomama nobaba asebekhulile, abadinga izinsiza ngokwempilo kodwa kazitholakali lezi zinsiza ngoba kufanele ukuba ube namakhikhi amade ukuze ukwazi ukwelashwa. Abanye basebuthakathakeni abalutholi usizo sebeze basole basola umjovo wokhuvethe wokhuvethe bathi wabalethela ubuthakathaka. Silapha bazalwane ngoba kukhona izingane ezichithe iminyaka eyisithupha. Neyisikhombisa, zifundela ubudokotela, ziphase, maqede zihlale emakhaya. Kaziqashwa. Kuthiwa imisebenzi kayikho. Abantu bayagula
badinga odokotela. Kodwa sisezweni lapho lezi zifundiswa zingaqashwa ndawo – kuwo wonke umhlaba abantu bakhona bazenza ngcono ngokuba bafunde bathole amajazi. Uzwe kuthiwa ingane ifundile isizosebenza. Kodwa lapha amajazi alelele uthuli.
Izibalo zabantu ezinkulu ezweni lakithi zikhomba ukuthi abantu abaningi kabasebenzi. Izibalo zombuso zisho izibalo zalabo abafuna umsebenzi, kazibabali asebeze badela, abangasazifaki izicelo zomsebenzi.
Siyisizwe esize kuNkulunkulu namhlanje sithi Nkosi imigwaqo yezwe lakithi kayihambeki. Amanzi kawatholakali. Ukudla akukho. Ugesi kawusekho. Izindawo zokwakha kazikho. Kuleli zwe kunofuduko oluya emadolobheni ngoba kucatshangwa ukuthi impilo ingcono khona. Abantu bazibona sebeqoqanele ezindaweni ezibizwa ngemijondolo. Bangelwa nayizifo ngenxa yempilo abangayejwayele.
Size kuNkulunkulu sizothi imvelo yonke seyonakele. Ulwandle lugcwele indle. Izindawo nemifula kugcwele ukungcola. Izindlela zigcwele amaphepha alahlwa yizingane zethu. Sivula amafastela ezimoto namatekisi namabhasi sijikijele amaphepha emgwaqeni. Sazi ukuthi ngokwenza kanjena sibulala imvelo. Yithi Nkosi, abekho abanye. Yithi ababulananayo. Size kuwe Nkulunkulu sizothi Nkulunkulu wethu sisize nathi ukwazi ngalesi sisulu sezinto ezinje.
Umhlaba we-Afrika ungumhlaba wezimpi. Ama-Afrika kawanalutho, kwamanye amazwe ngeke umfice umuntu wase-Afrika onomhlaba. E-Afrika kabasenawo abantu umhlaba nalabo abake baba nawo. Sewaba ngowabantu bokufika. Sithi Nkulunkulu wethu siza njengabantu base-Afrika owayisiza wayibusisa ngokumbiwa phansi wayibusisa ngokuhluma kokudla, ngokuhluma kwezihlahla zezithelo, wayibusisa ngemvula, wayibusisa ngemvundo.
Abantu base-Afrika ngabantu ababusiswe ngendlela eyedlula zonke. Sibusisiwe kunalabo abaqhamuka emazweni okuhlupheka. Size kuwena Nkulunkulu wethu siyazithoba, sicela ukuba ulikhumule ijoka losizi entanyeni yethu. Senzele umusa ukuba i-Afrika ikhululwe. Ngithi Nkosi kuwo wonke umhlaba abantu bakhona bazenza ngcono ngokufunda, bafunde bathole amajazi, kulalwe kudliwe emakhaya. Lapha amajazi alelel uthuli. Ezinye izingane sezize zaqala phansi zayofundela okunye. Sizoma phambi kwakho Nkosi sizokhulekela ukuba ukhumbule izwe lase-Afrika. Sithi impi phakathi kweRussia nase-Ukraine, ibangele ukuthi thina esingabase-Afrika, sidideke ngoba iRussia yaselekelela ukuze sikhululwe. Futhi sidideke ngoba i-Ukraine ibithatha izingane zethu ukuba ziyofunda ukuze zibe ngcono.
Sithi siyacela Nkosi ukuba uqede izimpi kwande uzwano. Sithi Nkosi musa ukuvumela izikhathi zonyaka ezinokushisa okwesabekayo. Okwenza ukuba singazi ukuthi sizocashaphi. Emva kwalokho kube nezikhukhula zemvula ezithatha konke esithi sizozisiza ngakho. Sithi Nkosi ukuzamazama komhlaba esisanda kukubona eTurkey kukhuze ngoba umhlaba wadalwa nguwe. Wamisa izwe nabakhiyo kulo. Wakumisa wena. Wamisa ngisho izizukulwane ezikhona neziyokuba khona. Ngithi nkosi ukuqala kokubhekana ngeziqu zamehlo eNtshonalanga Europe, kuyasesabisa sengathi kuzosetshenziswa izikhali zenuzi bese sibhubha sonke emhlabeni. Siyakunxusa Nkosi ukuba usisize ukuba umhlaba wethu ungabhubhi ngenxa yezimpi.
Kukhona isimo esibi sokweqhathwa kwezimpi e-Afrika ngamabomu. Ngoba kukhona izikhulu ezifuna ukuntshontsha umnotho wokumbiwa phansi ngesikathi thina silwa sodwa. Sikubone eMozambique befuna uwoyela negesi baqhatha impi ukuba sibulalane sodwa e-Afrika.
Size kuwe Baba sithi ungubaba onguKhristu, futhi uyosivikela.
Sicela ukuba umusa wakho ubonakale kithi njalo. Siyakubonga siyakutusa ngempilo kababa onguMkhristu uPhapha uBenedict osanda kumbiza. Siyakucela ukuba imfundiso yakhe esintwini isale iqhubeka kudunyiswa igama lakho. Baningi abanye abaholi. Siyakhuleka sicelela bonke abasebenzele ukulunga, besebenzela ukuba yizinceku kunokuba babe ngabakhothanyelwayo.
Namhlanje size kuwe Nkulunkulu sizokhulekela amakhosi, sizokhulekela oNgqongqoshe, oMengameli, obaba nomama, izinsizwa nezintombi, nezingane zikaSunday School. Sizokhulekela imfundo ezweni lakithi. Sikhulekela umusa kaNkulunkulu kuvulwe izimboni ukuze abantu basebenze. Sikhulekela ukuthi abantu base-Afrika kebabonakale ukuthi bangabanikazi bawo wonke umcebo.
Nkosi siyanxusa sithi zonke izicebi ezikhona emhlabeni, zicetshiswe ngumcebo wase-Afrika. Ake wenze abantu base-Afrika babe yizicebi ngomcebo wezwe labo. Size kuwe ukubeka abamaqembu ezombusazwe, siwatshelile. Sizobeka futhi nabaholi, nabo sibatshelile. Size kuwe Nkosi ngoba wadala uxolo, sixolela bonke abasonile. UnguNkulunkulu ongakhethi bala lamuntu. Sixolela bonke abasonile ukuze nawe usixolele. Sicela uxolele abaholi bethu, uxolele izitha zethu, uxolele omakhelwane bethu, uxolele obabamkhulu abayibamba impi belwela izwe labo.
Namhlanje thina esiyinzalo yabo sizinikela ngezwi labo. Sizothi sibuyela kuwe ngoba wena uzosikhanyisa siyazithoba phambi kwesihlalo sobukhosi, siyazithoba phambi kwamandla akho. Siyabonga kuNkulunkulu wethu, sibonga nangalo msakazo, sibongela isizukulwane esiphila ngalesi sikhathi ngamandla akho ozosisiza kuthi ukukhanya kwakho kuxoshe ubumnyama, kuxoshe ukungazi. Abaphele abantu abalwa bodwa ngoba beqhathwe ngabafuna umcebo waleli zwe.