Now Reading
Ithelevishini seyaphenduka indlela yokuphila
Dark Light

Ithelevishini seyaphenduka indlela yokuphila

Ukhonjiswa ngezempilo nangendlela yokuphila kwezempilo. Ungakhohlwa belu ukuthi nezifundo ezithile ezifundwa esikoleni bayazisakaza embhanyazweni, lokho-ke kube wusizo nakubantwana ngokubavuselela nokubacija izingqondo maqondana nezifundo zabo.

Ngake ngabukela uhlelo engaluthanda kakhulu lweziqiwi zaKwaZulu. Kuloluhlelo ngabona izinyamazane ezinhlobonhlobo, okwathi lapho abantwana bengibuza ukuthi zinyamazane zini, ngabatshela amagama azo, nabo bazibonela ngamehlo lezizinyamazane embhanyazweni. Kuloluhlelo sathokoziswa incazelo uMaqubu Ntombela ayechaza ngayo imikhuba yalezizinyamazane, echaza nangezilwane eziyingozi, nezingenayo ingozi. Naye uMaqubu Ntombela lona sasingamazi ukuthi yiphisi nokuthi ungumbheki wezinyamazane lapha esiqiwini saseMfolozi, konke lokho sakwazi ngoba sambona khona lapha embhanyazweni.

Umbhanyazo usuwalifinyeza kakhulu izwe. Sesazi neNgilandi ngokuyibona lapha embhanyazweni. Sesazi ngisho namazwe ahlala eneqhwa ngokuwabona lapha embhanyazweni. Sesazi nezizwe ngezizwe ngisho nemikhuba eziphila ngayo, ngakho njalo ukuzibona lapha embhanyazweni.

Umbhanyazo uyisikole esikhulu esifundisa abantu ngokwenzeka emhlabeni wonke. Uthini-ke ngezindaba ezisakazwa embhanyazweni? Yizo-ke engizithanda kakhulu, ngoba kuthi kwenzeka nje lokho okwenzekayo ezweni noma endaweni ethile, ukubone khona manjalo lapha embhanyazweni. Uthi ulalele ngendlebe kulowo ofunda izindaba, ube ubuka ngeso lokho okwenzekayo. Ithi into yenzeka eMelika, sibe siyibona nathi lapha eMzansi-Afrika.

Ikhona-ke nemidlalo esakazwa embhanyazweni ephathelene nokuthungatha izigebengu kumbe ababulali, okuyimidlalo ekhombisa ukuthi ububi akusiyona into enhle, nekhombisa ukuthi umthetho unengalo ende. Noma umuntu engabulala omunye ethi akanakubanjwa, ugcina esebanjiwe ngoba umthetho unengalo ende. Kulemidlalo sibona ukuphenya kwabaseshi abayilandelisisayo into abayifunayo, kuze kugcine lowo owenze ububi esegwetshiwe wahlulelwa ngokusemthethweni.

Kodwa-ke yona leyomidlalo inobuhle nobubi. Ubuhle bayo yisifundo esikuyo sokuthi ububi behlulwa ubuhle, nokuthi owenze okubi uyagwetshwa, nokuthi imidlalo enjalo inesexwayiso kwabaningi sokuthi akukho qili elazikhotha emhlane.

Kodwa-ke kuyo leyomidlalo uma lowo owenza okubi ekwenza ngendlela yobuqili obuthile ukuze angabanjwa, nalokho kufundisa abanye indlela yokwenza izinto ngobuqili, njengokugqekeza ngobuqili, ukubulala umuntu maqede ubugqibe ubufakazi ngobuqili, nokuntshontsha ngendlela ehleliwe ezokwenza ukuthi lowo ontshontshile akwazi ukuphambanisa umkhondo, angabanjwa. Konke lokho kuseyiso isikole njalo sokufundisa izigebengu zakusasa. Yebo, ububi buhamba nobuhle. Noma-ke kunjalo, besingathanda ukuba kuchume ubuhle, ububi bunciphe.

See Also

Y ebo, singewusole umbhanyazo ngokusenekela kwawo ububi nobuhle. Nezincwadi ezifundwayo zifundeka uma zikhombisa amandla obubi ehlulwa ngamandla obuhle. Kuya ngalowo obukelayo nalowo ofundayo ukuthi eyakhe ingqondo itshekele ngakuphi. Uma kungumuntu ofunda kumbe obukela ngokucwaningisisa, umbhanyazo ungeke umenze umuntu omubi, ngoba kunguyena ozikhethelayo ukuthi kulento ayibonayo enobubi nobuhle, yena ukhethani kukho kokubili.

Ukuba ububi babungekho ngabe isexwayiso sokulwa nobubi kasikho, nobuhle ukuba babungekho ngabe isexwayiso sokuthi okuhle kungase koniwe ngokubi kasikho. lvangeli lishunyayelwa ezizweni zonke ukuba limelane nobubi. Ukuba ububi babungekho ngabe alikho nalo ivangeli. Ubuhle nobubi ngamathe nolimi. Okunye kugqamisa okunye. Ubuhle ungeke ubazi ukuthi bukhona uma ububi bungekho. Nobubi ungeke ubazi ukuthi bukhona uma ubuhle bungekho. Okunye kuyisibuko sokunye.

Ukubukela ithelevishini lokhu sekuzokuba yindlela esiphila ngayo. Sekuzofana nokuvuka uye emsebenzini, usebenze, ushayise uze ekhaya, uzobukela ithelevishini. Kuzoguqula isimilo nokuziphatha kwabantu. Sekuyikho njalo ukudaleka kwesizukulwane esisha esizophila impilo entsha yethelevishini, isizukulwane esizocatshangelwa yithelevishini, senze lokho okwenziwa kuthelevishini, esinkambo yaso kungaseyikuthiwa ngeyemvelo, kodwa kuyothiwa ngeyethelevishini.

Scroll To Top