Ithelevishini igcina isiguqule impilo yomndeni


Amanye amadoda awakuthandi ukudla kwamakopi, athanda okuphekwe yinkosikazi yomuzi, ngoba aganelwa lokho phela ukuba atatanyiswe ngamakhosikazi awo, abone ukuthi izinkomo alobola ngazo ziyasebenza. Lolu hlobo olunjalo lwamadoda angikholwa ukuthi lungayithenga ithelevishini ngoba luyazi ukuthi mhla lwayithenga, seluyokudla ukudla kwamakopi, noma lusikelwe isinkwa esizokwehliswa ngebhikili lekhofi noma itiye.
Abanye abemi kahle, yilokhu bathenga amathelevishini nje, sebeqashe namageli okuyiwona azokwenza wonke umsebenzi wekhaya, ukuze phela umndeni wona uhlale ezihlalweni ezintofontofo okuthiwa ngamagomagoma, osofa abanjengosomnasi, abanezipilingi ngaphakathi, bebukela ithelevishini, kungekho okubakhathazayo, ngoba konke phela sekuzokwenziwa yigeli. Sekuzopheka igeli. Kuphake igeli. Izitsha zigezwe yigeli. Kwendlale igeli. Konke nje sekuthi geli. Kodwa-ke nakhona lapho kubuye kuxatshanwe ngoba nalo igeli leli linamehlo, linezindlebe, nalo liyathanda ukubukela nokulalela umbhanyazo. Nalo-ke selizokwenza lisheshe lenzela phela ukuba liqede masinyane, ukuze nalo likwazi ukulunguza emnyango ngenkathi kudlala ithelevishini.
Uthini-ke uma umnumzane wekhaya ethe ukuxabana nenkosikazi ngokuthile? Odubayo uzoyolala, kusale osalayo eyilokhu egqolozele ithelevishini, aze ayivale uma sekuvalwa izinhlelo phakathi kwamabili! Abanye kuthi befika ngakho kodwa bevela emsebenzini, baqonde kulo ibhokisi elibhanyazayo bayohlala phambi kwalo, kungekho okhulumisa omunye, ngoba phela umfula usuke usudla izindwani. Nomame-ke aziyeke izimbiza zishe ngoba nakhu akusakhulunyiswana lapha ekhaya, yilowo nalowo useshade nethelevishini.
Hheyi phela kuyadliwa lapha kuthelevishini. Ungabona ezazisweni zokudla ukuthi kudliwa kanjani. Nawe mbukeli uze uzwe usuklokoka amathe, nenhliziyo isilobiza sekuthi ayiphume ngomlomo yikuhaha. Uke uzibone ezinye izaziso lapho abantu bedla khona izibondlo? Uke uzibone nezaziso zezoso? Wo, sukanini madoda, uyadlala wena uma ucabanga ukuthi uzobukela nje kudliwa kodwa kwakho kungadliwa.
Uyomuzwa umame esekutshela emehlweni ukuthi sekufanele niqale impucuko yethelevishini lapha ekhaya, nidle ukudla okudliwa ethelevishinini. Wo, suka, noya niyogilosa ningasabhekanga emuva, ngoba niyokufuna konke lokho okudekelwa amatafula kuthelevishini. Impela mina ngibona ukuthi imikhuba yokudla izoguquka kithina sonke, ngoba sizothanda ukuba ukudla esikukhonjiswa kuthelevishini sikudle. Sekuyikho-ke njalo ukunumuza lokho, ukunethezeka. Kodwa-ke, kufuna imali, ngoba nayo ithelevishini lena uyibuka nje, ifuna imali unyaka nonyaka.
Ake ukubeke eceleni ukudla okudliwa kuthelevishini. Uthini ngokuphuzwayo? Mina ngimangaliswa yimidlalo edlalwa kuyo, okuzothi usabhekile, ubone sekuvulwa amabhodlela kuthelwa ezingilazini, kuthungwa utshwala, kuphuzwa. Nakho lokho njalo kwenza ukuba umuntu athande ukuphuza.
Umuzwe umuntu ethi, uzophuzisa okwabantu ababona kuthelevishini. Sekuyikho njalo ukuguquka kwezinto. Umuntu useyothanda ukudla aphuze akubone kuthelevishini.
Wo, he, ungake uyeke ithelevishini wena nezindaba zayo! Ngake ngezwa ingane ixoxa nenye, ithi, uyise uma eya emsebenzini akamqabuli unina njengabantu abaqabulana ethelevishinini, ngoba bona babambana isikhathi eside! Bahleka abanye abahlekayo, kodwa mina ngabona ukuthi sekuyikuqaleka kwesinye isimilo kubantwana bethu, esisungulwa yithelevishini.
Lokho ababekubona nje ngokwedlula empilweni yobulili, sebekubona ngokunye kuthelevishini. Nabo sekuzothi uma bedlala, basho phela ukuthi abenze njengoba abantu bethelevishini benza. Sekuyikho-ke njalo ukuguquka kwesimilo somuntu lokho. Ekugcineni, sonke sobe sesenza izinto njengoba zenziwa kuthelevishini.
Yinhle yimbi ithelevishini. Lokho kuya ngezinhlelo ezikhonjiswayo kuyo ukuthi ngezibumbani kumuntu, ikakhulukazi kumntwana osazokhula abe ngumuntu phakathi kwabantu. Izinhlelo zehlukene, kukhona ezifundisayo nezivula ingqondo yomuntu, ezikuthatha ezweni lakini ziye zikubeke kwamanye amazwe ngokuphazima kweso. Ubona indlela ezinye izizwe eziphila ngayo khona nje uhlezi kwakho endlini. Ukhunjuzwa ngezinto osuwazikhohlwa ezinhlelweni eziphathelene nomlando. Iyaqhukeka.