Now Reading
IRichards Bay isophe ukubuya namaphuzu agcwele kuMakhosi
Dark Light

IRichards Bay isophe ukubuya namaphuzu agcwele kuMakhosi

IRichards Bay FC iyiqale  kahle isizini yahlala isikhathi eside endaweni yesibili kulogi yize ibingomakoti kuDStv Premiership.

Muva nje leli qembu kubukeka libhinjelwa izinto njengoba sekuphele imidlalo emihlanu  lingawatholi amaphuzu agcwele. Kule midlalo lihlulwe kathathu iStellenbosch, iSekhukhune United neSwallows ladlala ngokulingana kabili neSupersport United kanye na-AmaZulu FC.

Akugcinanga lapho njengoba liphinde lawashiswa ijezi iMamelodi Sundowns koweNedbank Cup.

ElaboHlanga likhulume nomunye wabaqeqeshi baleli qembu uPitso Dladla, novumile ukuthi impela muva nje izinto azihambi kahle.

“Iqiniso ukuthi isimo asikho sihle, ngalokho sihlalile phansi siyithimba labaqeqeshi, ngenhloso yokuthi sibheke ukuthi ngabe yini imbangela eyenza igqoze imiphumela. Nebala sizitholile izizathu, esezenza singadlali ngendlela esiqale ngayo isizini. Esokuqala isizathu ukungenzi kahle emumva, kule midlalo esingenzanga kahle kuyona singenelwa amagoli angekho nzima. Okwesibili emdlalweni yethu sikhanda amathuba kodwa sijike singawasebenzisi. Lezi izinkinga izona esibone ukuthi ziyasilimaza kakhulu,” kusho uDladla.

INatal Rich Boyz emva kwemidlalo engama-21 ihlezi endaweni yesine kulogi ngamaphuzu angama-31, ihlulwe kweyisithupha, yanqoba eyisishiyagalombili yadlala ngokulingana kweyisikhombisa.

See Also

Umdlalo olandelayo izotholana neKaizer Chiefs, kusasa ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium. “Sizoya kulo mdlalo amaphutha siwalungisile. Amalungiselelo ahamba kahle wonke. IChiefs iyiqembu elikhulu kodwa inhlonipho into esizoyibeka eceleni ngoba sifuna amaphuzu agcwele. Siyakuqonda ukuthi izogcwalisa inkundla kodwa sibalulekile abadlali bethu ngalokho, kakhulukazi labo abazobe beqala ukudlala phambi kwezinkumbi zabantu. Nathi sizobe sinabo abethu abalandeli abazosilekelela kakhulu,” kubeka uDladla.

Uphinde wancoma ukuthi yonke impumelelo yeqembu yenziwe ukubambisana. Wathi kulemidlalo eyi-9 esele bazokwenza isiqiniseko sokuthi bathola amaphuzu azobenza behlale endaweni enhle kulogi.

Emdlaweni esele yeNatal Rich Boyz, izodlala neChiefs, iTS Galaxy, i-Orlando Pirates, iLamontville Golden Arrows, iMaritzburg United, iMamelodi Sundowns, iChippa United, iCape Town City neRoyal AM.

Scroll To Top