Now Reading
UManqana oseke wayinqoba iMTN 8 ufisela uSuthu impumelelo kowamanqamu
Dark Light

UManqana oseke wayinqoba iMTN 8 ufisela uSuthu impumelelo kowamanqamu

Uma kukhulunywa ngomdlalo wamanqamu eMTN 8 ongasoze wakhohlakala emlandweni, owaba ngonyaka wezi-2009 lapho iLamontville Golden Arrows yabhaxabula i-Ajax Cape Town ngamagoli ayisithupha eqandeni e-Orlando Stadium, eGoli.

Umdlali owagqama uNjabulo “Mvonqo” Manqana, washaya amagoli amabili. Waphinde wabalwa njengomdlali oshaye amagoli amaningi kumqhudelwano  ngokulingana noRichards Henyekanye ongasekho emhlabeni.

UManqana obenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga, njengoba ngoMgqibelo ozayo kuzodlala umdlalo wamanqamu wayo iMTN 8 lapho kuzotholana phezulu i-Orlando Pirates na-AmaZulu FC. Lo mdlali owayedume ngebhola elinomjiko, uthe yize abantu abaningi bethwele ngeqoma iPirates kodwa ubona Usuthu lungavele lubaphoxe.

“Ngesikhathi sidlala ne-Ajax Cape Town sasingabhekiwe ukuthi yithi esingaba ompetha ngoba yayiphethe inqwaba yabadlali abanekhono, kodwa sagcina sinqoba. Nangempelasonto ezayo kungaba into efanayo, iPirates ukudla kwayo iMamelodi Sundowns abantu abaningi sebeyinikezile indebe kodwa ngiyawabona AmaZulu engajabhisa abantu aabaningi. Inqaba nje ukuthi kumele abadlali bayo babambisane ngoba benzile bedlala neKaizer Chiefs. Ngenhlanhla nyakenye nganqoba ngaphansi kohlelo lweMTN 8 Last Legend Standing, ngoba ngakhetha inombolo yokuthi iMamelodi Sundowns iyona ezonqoba lo mqhudelwano. Kulo nyaka ngikhethe unombolo 5 okwabe kungaMazulu, kungenzeka ngiphinde ngiwine futhi ngokunqoba kwalo Usuthu” kusho uManqana.

I-Ajax Cape Town yayibophele oThulani Serero, uGeorge Maluleka, uThulani Hlatshwayo noStanton Lewis. Ngohlelo lweMTN 8 Last Legend Standing, inkakha esuke iqembu elinqobile iya ngakubo yenze umqhudelwano ozoxhashwa abakaMTN.  Njengoba uManqana kunguye onqobile ngokwedlule, ukwenza kwakhe umqhudelwano kwamkhuthaza ukuthi afise ukuvuselelwa kwezinhlaka zokuthuthukiswa kwebhola ezikoleni, nabona ukuthi kungenza umehluko omkhulu ebholeni lakuleli kwazise eminyakeni edlule izikole yizona ebezingumthombo wethalente labadlali.

“Ukunqoba kwaMaZulu FC kuzonginike ithuba lokuphinde nginikele emphakathini, kuvundululeke ikhono engikholelwa ukuthi ilapho eligcwele khona ezikoleni. Iqiniso iKwaZulu-Natal inekhono, ukunqoba kweqembu lakithi kuzokhuthaza kakhulu ukuya phambili kukanobhutshuzwayo” usho kanje. Njengoba adlala kwiLamontville Golden Arrows, muva nje izinto ziyabhimba kuleli qembu.Ebuzwa ukuthi inkinga ubona kuyini uthe: “Ayikho into enzima njengokuthi ningenelwe igoli umdlalo usaqala, leyonto yenza nishintshe indlela ebenihlele ukuthi nizodlala ngayo. I-Arrows kulemdlalo edlule ivumela ukungenelwa igoli, lokho kwenza begcina sebedlala into abangayazi. Ngokwebhola idlala kahle kakhulu lidla utshani kodwa ayimuse ukuvuma ukulandela njalo ngemumva. Izitobha ngisola zona ukuthi kumele ziqinise emumva, kungavele kungene igoli kalula” usho kanje.

Abafana Bes’thende emdlalweni edlule, bahlulwe iRoyal AM ngamathathu kwelilodwa, iPirates ngamabili eqandeni, badlala ngokulingana kabili ekhaya bebhekene neStellenbosch kanye neCape Town City.

UManqana uphinde waxwayisa uNduduzo “Suluman” Sibiya noPule Mmodi, abayizithenjwa zaleli qembu.

“Labadlali bazi ibhola bobabili, ibona engikholelwa ukuthi bawumgogodla weqembu. Engingakusho kubona ukuthi abangagcini ngokusisiza uma kuyiwa phambili kuphela kodwa noma sekumakwa ababuye. Ngoba ukungabuyi kwabo kufakela izitobha inkinga. Lokhu sakubona emva kwesikhathi, kwakuyimina uThokozani Mshengu noPhilane Shange sasidlala kahle sijika abantu kodwa bese kuyiwa emumva singabonakali iqembu lidliwe. Okunye mabethola amathuba abawasebenzise ngendlela” kusho uManqana.

Omunye umdlali amncomile uVelemseni Ndwandwe, nathi kusazokhulunywa ngaye kakhulu ngoba ikhono unalo.

I-Arrows izodlala umdlalo wokugcina namuhla kusihlwa eHarry Gwala Stadium ligamenxe elesi-7 ngaphambi kwekhefu leNdebe YoMhlaba neMaritburg United ebhedelwa izinto.

See Also

Imidlalo yeDStv Premiership namuhla ithakwe kanje:

  I-AmaZulu FC neStellenbosch eKing Zwelithini Stadium ngele-15:30

  IChippa United neRichards Bay FC eBidvest Stadium ngele-15:30

  ITS Galaxy neSekhukhune United eMbombela Stadium ngele-15:30.

  ISupersport United neSwallows eLucas Masterpieces Moripe Stadium ngele-17:30

Scroll To Top