Now Reading
Luyashuba olokushoda kwamanzi eMzinyathi
Dark Light

Luyashuba olokushoda kwamanzi eMzinyathi

Inkulu impi yamanzi ngaphansi kwesifunda uMzinyathi njengoba kuthe izolo kwaqubuka umbhikisho eMsinga umphakathi ukhala ngokuthi amaloli amanzi asephelela emzini yamakhansela. 

Lo mbhikisho oqale izolo ebusuku waqhubeka namhlanje ususwe ukusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana zikhombisa iloli lamanzi lisemzini wekhansela lasePomeroy, uMnu uBhekithemba Madondo. 

Omunye obesabalalisa lezi zithombe okuyikhansela le-United Democratic Movement (UDM), uMnu uBoyse Gumede, ubezihambisa nomyalezo othi amanzi asehanjiswa emzini wekhansela kuphela.

Lokhu kuwucasulile umphakathi obukhala ngokuthi sekuphele izinyanga amaloli amanzi engabonwa eMsinga kodwa sekukhona eselibonakala lilethele umndeni wekhansela amanzi. 

UGumede uthe sekuphele iminyaka bekhala ngamanzi okufanele ahlinzekwe uMasipala wesiFunda uMzinyathi kodwa awatholakali.

“Okusicasule kakhulu ukuthi iKhansela uMadondo lihlala eMkhandlwini uMzinyathi okuyiwo okufanele uhlinzeke abantu baseMsinga ngamanzi. Kunokuba amanzi anikezwe abantu asehanjiswa emzini wakhe ebusuku okukhomba ukuthi kukhona ugcobho ngoba amaloli awasezi kuthiwa anezinkinga. Abakwenzile-ke kuthe ngoba sinombhikisho namhlanje, bavele bathumela inqwaba yamaloli ebusuku abeselethele abantu amanzi ngoba bezitshela ukuthi sizokhohliseka bese siyeka ukuhambisa izikhalo zethu. Kuningi esikhala ngakho okungahambi kahle eMzinyathi,” kuchaza uGumede.

IKhansela uMadondo lizichithile lezi zinsolo lathi akulona elithe iloli lamanzi aliye emzini walo futhi belingazi nokuthi liqale kuphi. 

“Udaba lwamanzi luseqhulwini eMzinyathi noGumede uyakwazi lokho kodwa usekhuluma iphutha uma esethi amaloli amanzi asewahambisa emizini yamakhansela kuphela. Amaloli ahambela zonke izindawo kuhlanganisa nayo imizi yamakhansela kodwa akekho owalawulayo ukuthi awaqale kuphi ayeke kuphi,” kusho uMadondo. 

See Also

Ubizele UGumede esitikini wathi uma efuna ukwazi ngohlelo lwamanzi abahlangane emgwaqeni ePomeroy uzomnikeza. 

UGumede wenqabile wathi akaluyise ehhovisi uyofike aluthathe khona. 

Udaba lwamanzi eMsinga okusolwa kulo uMzinyathi lusezandleni zeKhomishini Yamalungelo Abantu okuyiyo eluphenyayo. 

Scroll To Top