Now Reading
Uzonandisa emcimbini wokubekwa kweNkosi yamaNgisi owakuleli
Dark Light

Uzonandisa emcimbini wokubekwa kweNkosi yamaNgisi owakuleli

Ubalwa nnemizwilili yomhlaba eqokelwe ukunandisa emcimbini omkhulu wokubekwa ngokusemthethweni kweNkosi yamaNgisi ngoMbasa uPretty Nyende

Ukumenyezelwa kwegama lakhe akwethusanga ngoba eBritain uyintandokazi yomculi. Iphephandaba elikhulu lakuleli lizwe iTelegram labhala kanje ngayeu: “Intokazi yaseNingizimu Afrika eshaya ngezwi elipholile nohleko olungelinganiswe nalutho ifika kuzwakale uma isingene esiteji noma yikuphi lapho ihambela khona.” Le ntokazi esihambele amazwe amaningi ngenxanje yephimbo layo elimtoti yazalwa ziyi-6 kuNdasa we-1985 endaweni eyayibizwa ngePiet Ritief esifundazweni iMpumalanga.

Emuva kokuphothula ibanga leshumi yabhalisela ukwenza izifundo zomculo eNyuvesi yaseCape Town, yadlulela e-Accademia Teatro alla Scala, yaphinde yaphekwa nasesikhungweni somculo iSouth African School of Music.

UMaYende usehambele cishe wonke amatheatre amakhulu emhlabeni, okuhlanganisa neRoyal Opera House, iCovent Garden, i-Opéra National de Paris, iMetropolitan Opera, iTeatro alla Scala eMilan, iDeutsche Oper Berlin eGermany,  iStaatsoper Berlin, iBayerische Staatsoper eMunich, i-Opernhaus Zürich and Gran Teatre del Liceu eBarcelona, neVienna Staatsoper.

See Also

Uma ungeyena umlandeli we-Opera akulula ukwazi izingwazi asesebenzisane nazo kulo mkhakha nokuthi uwaqonde amagalelo akhe, nendlela ahlonishwa ngayo emhlabeni kulo mkhakha.

Useke washiyelana inkundla nePhiladelphia Orchestra becula izingoma zikaRichard Strauss. Ngaphandle kokucula uphinde alingise. Ikhono lakhe ekuculeni nasekulingiseni esebenzisa iphimbo lakhe kwenza afunwe ngapha nangapha emazweni amaningi. Lokho kudala nokuthi abe yindlala eNingizimu Afrika ngoba akasetshenziswa kakhulu ekhaya. Maphakathi nonyaka washiya abalandeli bakhe besafuna impinda ngesikhathi ecula aphinde alingise eWiener Staatsoper elingisa indawo ka-Adina kuL’elisir d’amore, wagcina iVioletta eSimon Stone.

Scroll To Top