Ubethuleleni aze abhoboke esesemnyango uDe Ruyter
Amanyundululu awaphahlaze ekugcineni enza kwehle ukwethenjwa kukaKhongolose ngo-Eskom
NgoLwesithathu ekuseni kuvukwe nezindaba ezithi obeyiSikhulu Esiphezulu enhlanganweni ephehla ugesi i-Eskom u-Andre de Ruyter useshiye isigubhukane emuva kwesivumelwano asenze nomqashi.
Kube khona okusolisayo ngokushiya kwakhe ngale ndlela ngoba bekubhekwe ukuthi aphume kulesi sikhundla ngasekupheleni kukaNdasa.
Ubesevele esulile kwa-Eskom kodwa eselinde ukuba kufike isikhathi ukuze anikezele izintambo kozobamba ngesikhathi kusathungathwa ozongena kulesi sihlalo esishisayo. Kuthe kusabatshazwa lokho ngokuhamba kosuku laphuma iqhina embizeni ngokwenze washiya.
Isitatimende seBhodi lakwa-Eskom sithe asiyithandanga indlela uDe Ruyter aziphathe ngayo ngesikhathi enengxoxo nentatheli yakwa-Etv u-Anneka Larsen, lapho ebuzwa khona ngesimo sakwa Eskom. Engxoxweni uDe Ruyter utshele intatheli ukuthi waxhumana nongqongqoshe emuva komhlangano weCOP27, ezwakalisa ukukhathazeka ngemali eyizigidigidi ezi-8.5 eyayinikelwe.
Uthe lo ngqongqoshe angazange amdalule wamphendula ngokuthi: “Kumele ube ngumuntu ovulelekile, ukuze ukwazi ukwenza okuningi okuhle, kumele uvumele abanye abantu “bathi ukudlayidla kancane”. Akazange afune ukusho ukuthi lesi sikhulu sikhona yini kuKhabhinethi kodwa wathi sisekhona kumanje kwipolitiki.
Ukhulume kabanzi nangokugxambukela kukaKhongolose kwa-Eskom. Sisasele neminingi imibuzo ngendlela uNgqongqoshe Wezamabhizini kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan angenelele ngayo ekhomba ngenjumbane uDe Ruyter emtshela nokuthi akaphume aphele kwipolitiki agxile kwakuqashelwe. Ukugonyuluka kwakhe esevele engasemnyango kwenza kucace ukuthi kuningi okunye esingakwazi obekwenzeka nokusenzeka kwa-Eskom okudingayo ukubekwa ezithebeni zezwe.
Okwenza abantu baseNingizimu Afrika bathukuthele kakhulu ngophuma kwale ngonyuluka ukuthi bahleli ebumnyameni ngenxa yokuncinywa kukagesi osekucaca manje ukuthi kokuningi yinto yamabomu.
Lizothenjwa kanjani iqembu elibusayo noHulumeni kaRamaphosa uma kusavela amahlazo angaka ngogesi. Lokhu nje kukodwa kwenza ubone ukuthi abantu basazoqhubeka nokuhlala ebumnyameni uma “kusadliwa” njengokusho kukaDe Ruyter. Kungakuhle awaveze obala amahlazo ukuze kucace ukuthi inkinga kagesi idalwa yinkohlakalo noma iziphehli ezindala namalahle njengoba kushiwo.