Ingosi yokuqala: Ngabe kube kungenzeka ukuthi aboHlanga badabuka kuNotshezi (Mars)?


U-Elon Musk, ongumsungili weSpaceX, uhola ithimba loSolwazi noNjiniyela abakha izithuthi zomkhathi ezizothatha abantu la emhlabeni zibayise kuNotshezi, phecelezi Planet Mars. Izangoma zezulu ziqagula ukuthi amazinga okushisha azonyuka ngokudlulele eminyakeni ezayo. Lokho kuyodala ukuthi kungabe kusaphileka emhlabeni. Yiso kanye isizathu esigqugquzela uMusk ukuthi aqale umkhankaso wokwakha izithuthi zomkhathi ezizothutha abantu zibayise kuNotshezi (Mars) beyoqala impilo entsha. Yini ndaba kukhethwe uNotshezi njenge khaya labantu elisha? Ngabe abantu bangakwazi ukuphila kuNotshezi? Uthini umlando waboHlanga ngokuhlala kwabantu kuNotshezi? Kwingosi yokuqala neyesibili sizophendula lemibuzo.
Inhlangano ye-United State of America, iNASA, isithumele izithununu (robots) cishe ezine kuNotshezi, okufaka i-Rover Spirit & Opportunity, i-Rover Exploration & Curiosity kanye nezinye. Ulwazi olujulile umfundi angaluthola la: https://mars.nasa.gov/#red_planet/0. Inhloso yokuthumela lezizithununu ukuhlola ukuthi abantu, izilwane nezimila kungakwazi ukuphila kuNotshezi. Izithununu i-Curiosity Rover, sathunyelwa kuNotshezi ngowe-2011. Izithombe ezithathwe i-Curiosity Rover zikhombisa izindawo ezifana nemifula namachibi aye ashelwa amanzi. Lezithombe zitholaka kwi-https://mars.nasa.gov/resources/27185/perseverance-views-depot-in-the-distance/.
Buningi ubufakazi obukhombisa ukuthi kwake kwabanamanzi kuNotshezi ngaphambilini. Lolulwazi lugqugquzele umkhankaso kaMusk wokuthi uNotshezi angaba ikhaya labantu ngengomuso. Ngabe uNotshezi uhluke kangakanani kunomhlaba esiphila kuwo manje?
Uma ubheka ukudalwa kukaNotshezi uzobona ukuthi uyafana nomhlaba lo esiphila kuwo. UNotshezi unezinkathi zonyaka ezine njenga la emhlabeni. Lokhu kwenziwa ukuthi ukutsheka kwensika kaNotshezi kuwu-25 degrees kanti okwala emhlabeni kuwu-23.5 degrees. Lokhu kwenza ukuthi inyakatho neningizimu zithole ukushisa kwelanga ngokungalingani, okwenza kubenezinkathi ezine onyakeni: intwasahlobo, ihlobo, inkwindla kanye nobusika.
UNotshezi uqhele kakhudlwana kwilanga kunomhlaba lo esiphila kuwo. Lokhu kwenza uNotshezi abe nonyaka omude kunonyaka wethu la emhlabeni, mude ngokuphindwe cishe kabili. Usuku kuNotshezi lunamahora awu-24 nemizuzu ewu-23 kanti usuku lapha emhlabeni imvamisa lunamahora awu-23 nemizuzu ewu-56. Ngamanye amazwi lude kancane usuku kuNotshezi uma uliqhathanisa nolwalapha emhlabeni.
Umhlaba lo esiphila kuwo mukhulu ngokuphindwe ngesithupha kunoNotshezi. Umhlabathi kaNotshezi ubomvu. Emhlabeni kaNotshezi kunezintaba namagquma njengalapha emhlabeni. OSolwazi baqagula ukuthi kunokwenzeka ukuthi uNotshezi unomlilo wensimbi phakathi ekujuleni kwawo. Umnyakazo walomlilo wensimbi wakha uzibuthe ozungeze uNotshezi. Lozibuthe uvikela uNotshezi kwisivunguvungu somoya welanga. Nomhlaba wethu unawo uzibuthe osivikela kwisivunguvungu selanga.
Ngabe umoya osesibhakabhakeni sikaNotshezi unabo ubungozi kubantu? OSolwazi bathi umoya osesibhakabhakeni sikaNotshezi wakha i-carbon dioxide, i-nitrogen ne-argon kodwa ayikho i-oxygen, lokhu kungenza kubenzima ukuphila kwabantu emhlabeni kaNotshezi.
Lolulwazi ngoNotshezi luvuse imibuzo eminingi ezingqondweni zabantu. Ngabe kungenzeka ukuthi kwake kwahlala abantu kuNotshezi endulo? Lemifula namachibi kaNotshezi ashiswa yini? Uthini umlando womkhathi waboHlanga ngoNotshezi?
Ukuphendula lemibuzo engenhla, sizolanda insume ngemvelaphi yaboHlanga. ISanusi uVusamazulu Credo Mutwa kwincwadi yakhe i-“Song of Stars”, kusukela kwikhasi le-121 kuya kwikhasi le-131, ulanda insume ngokufika kwaboHlanga la emhlabeni. Ngokufingqiwe, lensume ihamba kanje:
Kuthiwa uMdali endulo wabadala abantu wabahlalisa emhlabeni obomvu, lomhlaba wawuseduze kwalomhlaba esikuwo manje. Kuthiwa abantu bokuqala babenesikhumba esibomvu. Kulomhlaba obomvu, abantu besimame babenamandla adlula awabesilisa. Ngangokuba, abantu besimame babezingela abantu besilisa, bambathe nabo, bese beyabadla. Lesi senzo sadala impi enkulu phakathi kwabesimame nabesilisa.
Lempi yaholela ekugqashukeni kwemimoya esabekayo, la okufaka khona imimoya edla izinkanyezi eyayanziwa ngokuthi imigungangu (imigwinyalanga). Ibutho elalilihowa uMoromudzi lalwa lempi enkulukazi, lagcina seliyinqobile imimoya esabekayo, layixosha emhlabeni obomvu…
Sizoyiqhubeka lensume kwingosiyesibili.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.