Now Reading
Inkakha ibona ezobanjwa kude uMailula uma ezihlonipha
Dark Light

Inkakha ibona ezobanjwa kude uMailula uma ezihlonipha

Ikusasa lakhe lihle futhi liqhakazile okungase kumenze agcine esefunwa phesheya kwezilwandle


Ingwazi yeMamelodi Sundowns uHlompo Kekana ixwayisa isibabuli somdlali waleli qembu uCassius Mailula (osesithombeni) ngobumqoka bokuziphatha. Njengamanje izwe lonke libabaza ikhono likaMailula ovutha engabaselwe phambi kwamapali kuBafana Ba Style.

Ifomu yakhe isimenze waphenduka imfivilithi kubadlali abasethubeni lokunqoba umklomelo womdlali ovelele uma sekuphela isizini kuDStv Premiership.

UKekana uzakhele igama ngesikhathi esangukaputeni kuSundowns, utshele elaboHlanga ukuthi uMailula usethubeni lokulandela ezinyathelweni zabadlali abafana noPercy Tau, uKeagan Dolly noBongani Zungu bonke abashiye kuBafana Ba Style babhekisa amabombo kumaligi aphesheya kwezilwandle.

“UMailula unekhono eliyisimangaliso. Uyikusasa lebhola laseNingizimu Afrika. Into okuzomele ayibhasobhe yindlela azothatha ngayo udumo. Angingabazi ukuthi ngeke asale ngaphandle esikwatini seBafana Bafana esizodlala eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations. Nakhona unethuba lokuqhubeka azakhele igama. Inkinga-ke enkulu kubadlali baseNingizimu Afrika yindlela ababhekana ngayo nodumo. Uma lungeke lumdide udumo uya kude. Okuhle wukuthi uneningi labadlali abanesipiliyoni asebeke baba esimeni esifanayo nesakhe. Bazokwazi ukumeluleka ngendlela engcono,” kubeka uKekana.

UMailula ukhushulelwe esikimini esikhulu seSundowns ekuqaleni kwesizini. Usehlohle amagoli ayisikhombisa emidlalweni eli-12. Wakhe amagoli amathathu.

Emidlalweni emithathu eyedlule uqokwe njengomdlali ovelele imidlalo ilandelana.

“KuSundowns yinto engasajawayelekile ukungaziphathi kahle kwabadlali. Lapha asikho isikhathi sokungcebeleka. Kuyasetshenzwa kuSundowns. Kungenwa ekuseni kuphunywe ntambama. Phezu kwalokho iqembu lidlala cishe zonke izimpelasonto ngenxa yemiqhudelwano eminingi elidlala kuyona,” kuqhuba uKekana.

NakuChampions League, uMailula uvutha engabaselwe. Usehlohle amagoli amahlanu emidlalweni emine.

“Ikusasa lakhe liqhakazile. Angikholwa wukuthi uzodidwa wubukhazikhazi beGoli. Iningi labadlali abaphuma ngasesifundazweni sangakithi eLimpopo bavamise ukuziphatha kahle. Angiboni kukhona okuzoshintsha esimeni sikaMailula. Nginesiqiniseko sokuthi uliqonda kahle usizi lwalapho ephuma khona. Angadlala isikhathi eside njengami, uDaniel Mudau, uJabulani Maluleka noRodney Ramagalela. Bonke labadlali abanawo umlando wokungaziphathi,” kusho uKekana onqobe iChampions League neSundowns ngowe-2016.

See Also

UMailula uneminyaka engama-21 ubudala. Usethubeni elihle lokuthi aphinde aqokwe njengomdlali omncane ovelele.

“Ngeke ngithuke uma ethengwa ngamaqembu aphesheya kwezilwandle. Uma engahamba ngalo mgqigqo ikusasa lakhe liqhakazile ngempela. Kwenzeke okufanayo kuPercy, Zungu noDolly. Bonke ngidlalile nabo. Bagqame bebancane njengoMailula. Ngemuva kwamasizini bekhombisa izinga elifanayo baqalile baheha amaqembu aphesheya kwezilwandle. Abagcinanga lapho kuphela kodwa bazithole sebethengwa ngamaqembu aphesheya bagijima naseqenjini lesizwe,” kuchaza uKekana.

UMailula udabuka endaweni yaseLimpopo eyaziwa ngeGa-Molepo.

“Kuyajabulisa ukubona iSundowns ikhiqiza uhlobo lwabadlali olufana noMailula. Ngike ngezwa iqembu ligxekwa ngokuthenga kakhulu. Abantu abanaki ukuthi iSundowns ayigcini ngokuthenga kodwa namaqembu ayo ezinkulisa ayasebenza. Izithelo zalokho abadlali abafana noSiphelele Mkhulise, Tau, noModjeka Madisha (ongasekho emhlabeni). Bonke la badlali basuka emaqenjini eSundowns ezinkulisa. Bonke bagcine kuBafana Bafana. Angingabazi ukuthi noMailula uzophelela kuBafana,” kuphetha uKekana.

Kusasa ngo-9 ebusuku, iSundowns izobhuquzisana ne-Al Ahly emdlalweni weChampions League eCairo International Stadium kwelaseGibhithe. Lo mdlalo wezinkani zababili ubhekwe ngamehlo abomvu. La maqembu asephenduke inkukhu nempaka.

Scroll To Top