Zimapeketwane izinto kuTS Galaxy emuva kohambo lwezigidi ezi-3,4


Kuxabene ubendle ekhempini yeTS Galaxy Football Club ekhungethwe yizinkinga zemali.
ElaboHlanga lihoshe izindaba zokuthi izinto zimapeketwane kumaRockets asanda kuthatha uhambo lwaphesheya kwezilwandle.
Kuvela ukuthi uhambo ludle iqembu izindodla zemali. IGalaxy ivakashele kwelaseTurkey ngoZibandlela yafika yahlala izinsuku ezingama-20.
Idlale neSampdoria eqhamuka kwelamaNtaliyane, i-Al Batin yaseSaudi Arabia, neGiresunspor yaseTurkey.
“Iqembu lisebenzise imali eyizigidi ezi-R3,4 kulolu hambo. Le mali iphume esikhwameni seqembu njengoba bekungekho obexhase uhambo. Abadlali nabasebenzi baphoqwe ukuthi bakhiphe u-10% emiholweni yabo ukuze uhambo lube yimpumelelo. Izinkinga zemali ziqale lapho-ke. Yingakho abanye abadlali nabasebenzi bengazange bahole ngoMasingana. Kuze kube yimanje abakayitholi imali yabo. Abadlali sebeludlulisele enyunyaneni yabadlali lolu daba okuyiyo elubhekayo. Abadlali abaholile yilaba abanenebule iLamontville Golden Arrows nabanye abayizinsika zeqembu,” kuchaza umthombo othembekile.
USukazi uthenge isitifiketi seHighlands Park kumasizini amathathu adlule. Kumasizini amabili okuqala iqembu belivika izembe. Nakule sizini likhona emaqenjini alwela ukuvika izembe kuDStv Premiership.
Akwaziwa ukuthi lizoqeda kuphi kulogi. Kusasa ngoMgqibelo lizobhekana naMaZulu emdlalweni weligi ozoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini kusihlwa.
“Okubi kakhulu wukuthi uSihlalo weqembu uTim Sukazi akazange azixake nakancane ngokuchazela abasebenzi nabadlali ngesizathu esenze wangabaholela. Uvele wazithulela nje kwangathi akwenzekanga lutho. Umqeqeshi uSead Ramovic namaphini akhe amabili angaphandle yibona abaholile ethimbeni labaqeqeshi. Isimo sibi. Umqeqeshi nguyena oseze asize elinye ithimba lakhe ngemali kaphethiloli ukuze bakwazi ukufinyelela emsebenzini. Abanye abasebenzi abasalubhadi kwakhona emsebenzini kanti abanye bafika kanye ngesonto noma emdlalweni yeqembu kuphela. Abasebenzi badinwe bagane unwabu kodwa bayasaba ukubuza ngoba uSihlalo yibhubesi. Uma bengambuza maningi amathuba okuthi baphume ngesango,” kuqhuba umthombo.
Phezu kwalolu sizi umphathi uvele wakhipha ezinye izigidi wathenga iqembu lamantombazane.
IGalaxy ithenge isitifiketi seVasco Da Gama ebigijima kuHollywoodbets Super League. Isayine inqwaba yabadlali abanesipiliyoni okubalwa kubona uNomvula “Lipstick” Kgoela, Nompumelelo “Mbuzi” Nyandeni, noNoluthando “Vivo” Vilakazi bonke abagijima kuBanyana Banyana. Iphinde yaqasha nezinkakha zeBanyana ethimbeni labaqeqeshi eliholwa nguJabu Baloyi noThokozile Mndaweni ocija onozinti.
“Okubuhlungu kakhulu wukuthi nangesizini edlule kunabasebenzi abachitha izinyanga ezintathu abanye ezimbili bengaholi. Ngemuva kwalokho abaphindanga bakhokhelwa imali yabo. Okucasula kakhulu abasebenzi wukuthi umphathi ukhuluma okuhle kodwa ngeqembu kwabezindaba nabalandeli bayamncoma ekubeni abazi ukuthi abasebenzi bakhe baphethwe ngesandla sensimbi,” kuchaza umthombo.
IGalaxy isanda kuhlukana noSibusiso “Villa” Vilakazi oxabane noRamovic ezindlini zokushintshela.
“Phezu kwazo zonke lezi zinkinga umqeqeshi (uRamovic) ulwa nabo bonke abantu eqenjini. Uqale walwa noVilakazi wamshova kuDStv Diski Challenge. Akugcinanga lapho ulwe no-Aphelele Teto naye wamehlisela eqenjini leDDC waphinde walibeka ngembaba elokuthi angeke aphinde adlale eqenjini elikhulu leGalaxy esangumdlali. Okwesithathu umqeqeshi akafuni ukulalela ithimba lakhe lodokotela. Ngaleyo ndlela abadlali bagcina belimala ngoba akuphunyulwa. Kuyagijinywa waya waya. Yingakho abadlali abafana noLindokuhle Mbatha, noBathusi Aubaas bavele balimala bebodwa bengathintananga namuntu. Bakhathele kanti uRamovic akabaniki izinsuku ezanele zokuphumula. Emasontweni adlule uzamile ukulalela kodwa umonakalo bese uvele usuwenzakele,” kuphetha umthombo.
Okhulumela iqembu uMinenhle Mkhize walile ukuphawula ngalolu daba:”Ngiyakweshwama konke lokhu okhuluma ngakho. Izinto zihamba kahle eqenjini futhi nabadlali bajabule okufakazelwa yimiphumela yakamuva.”