Now Reading
Yamukelwe ngezindlela ezehlukile eyokwehliselwa esigabeni sesibili
Dark Light

Yamukelwe ngezindlela ezehlukile eyokwehliselwa esigabeni sesibili

Inhlangano i-Restaurant Association of South Africa (Rasa) ithi inokukhathazeka ukuthi yize kunezinguquko uMengameli uCyril Ramaphosa (osesithombeni) azimemezele enkulumweni
yakhe esizweni, lo mkhakha uzoqhubeka nokulahlekelwa yimisebenzi.

Izikhungo ezingabalulekile ezinjengezindawo zokudlela, imigoqo nezikhungo zokuzivocavoca kuzodingeka ukuthi zivalwe ngehora le-10 ebusuku. Ukudayiswa kotshwala ezitolo ezidayisa utshwala okungaphuzwa kuzo kuzovunyelwa phakathi kwehora le-10 ekuseni nehora lesi-6 ntambama kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Ukuthengiswa kotshwala okuphuzwa esizeni kuzovunyelwa ngokwezimo zelayisense kuze kufike kwihora le-10 ebusuku kepha ukuphuza utshwala kuhlala kungavunyelwe ezindaweni zomphakathi.

Isikhulu salo soseshini uWendy Alberts ukhale ngokungabi bikho kokubonisana kukaHulumeni lapho enza izinguquko. UMengameli uphinde wamemezela ukuthi yonke imibuthano izokhawulelwa kubantu abangama-250 abangaphakathi ezindlini kanye nabantu abangama-500 ngaphandle.

Amaqembu epolitiki aphawula ngezinguquko zemikhawulo yokhuvethe

I-African National Congress (ANC) isamukele isimemezelo esenziwe nguMengameli uCyril Ramaphosa, sokuthi izwe selisesigabeni sesibili sokuvalwa kwezwe lonke kusukela ngeSonto. UMengameli uthi ukwehla kwezibalo zabantu abanokhuvethe emasontweni edlule kungenye yezizathu ezenza ukuthi imikhawulo ekuhambeni inyenyiswe. Njengoba kusele amasonto ambalwa ngaphambi kokhetho loHulumeni Basekhaya, uKhongolose uthi lesi simemezelo siza ngesikhathi esifanele, ukuvumela amaqembu ezepolitiki ukuthi enze imikhankaso yokhetho, kodwa ngaphansi kwemithetho eqinile yokhuvethe.

Okhulumela uKhongolose kuzwelonke uPule Mabe uthe, “Ezindaweni lapho behlangana khona abantu , kufanele baqinisekise ukuthi kunomoya ogelezayo – ikakhulukazi manje njengoba sekusele amasonto ambalwa ukuthi kube nokhetho. Kumele siqinisekise ukuthi abazobe bebambe iqhaza kulolu khetho oluzobe luphuma laphaya ukuyokwethula ama-manifesto abo ahlukene bakwenza lokho ngaphansi kwezimo lapho bekwazi khona ukugcina imigomo
yokhuvethe ”

I-Economic Freedom Fighters (EFF) ithembise ukungayilandeli imigomo esanda kwethulwa. Okhulumela iZitoyitoyi ngokhetho, uLeigh Mathys uthi emihlanganweni yazo yakhiwe ngabantu abangaphezu kwama-500. Ngakho-ke akaboni iqembu lilandela okushiwo nguMengameli. “Uma sinomhlangano wethu, asibeki mkhawulo yabantu abangama-500. Kodwa futhi angeke siyilandele imithetho kaRamaphosa, siyazi ukuthi lokhu akusekho mayelana nemithetho yokhuvethe kepha kumayelana nawo ngqo uKhongolose ozama ukuvimba ukwenza imikhankaso ngesikhathi sokhetho, ”kusho uMathys.

Okhulumela iNkatha Freedom Party (IFP), uMkhuleko Hlengwa uthi inkulumo kaRamaphosa ayibhekise esizweni mayelana nokulwa nokusabalala kokhuvethe ezweni iyamukelwa. Lokhu
kungenxa yokuthi izovula amasango okuthi i-IFP iqinise umkhankaso wayo wokhetho
lohulumeni basekhaya, oluzoba ngoLwezi. Uthi, nokho, amaqembu ezepolitiki ahlukene kuzofanele aqaphele kakhulu futhi angadikibali.

See Also

Imithetho yokhuvethe kusadingeka ukuthi iqashelwe. UHlengwa uthi, i-IFP ikubheke ngabomvu ukubamba iqhaza kulolu khetho lomasipala “Lokhu kusenza sikwazi manje
ukuba nomkhombandlela ocacile wokuthi kumele wenziwe kanjani umkhankaso. Kodwa-ke, sifuna ukuthi njengeqembu leNkatha Yenkululeko ukusho ukuthi sisadinga ukuqhubeka nendlela yokuphepha sonke esiyithathe njengezwe, ukuqinisekisa ukuthi siyayilandela imigomo yokunqanda ukubhebhetheka kwaleli gciwane,” kusho uHlengwa.

IFreedom Front Plus (FF Plus) ithi, inkulumo kaRamaphosa ngeke yenzele izwe okuhle, ngoba vele, amaphoyisa ahluleka ukusebenzisa isikhathi sokungena ekhaya. UWouter Wessels, okhulumela iFF Plus, uthi izinga lesibili ezweni lonke kuzovumela iqembu ukuthi liphume liyokhankasela ukhetho oluzayo lohulumeni basekhaya. Uthi abantu baseNingizimu Afrika balambele ushintsho ezingeni lomasipala, uguquko oluzobona ukulethwa kwezidingo kwenzeka.

UWessels uthi, “asiyiqondi indaba yesikhathi esinqunyelwe ukuba sibe ngaso emakhaya ngoba okwamanje, amaphoyisa ayahluleka ukwenza lo mthetho. Siyalamukela iqiniso lokuthi imibuthano yezepolitiki izovunyelwa. Kodwa sikwenza lokho, iqiniso lokuthi uhlelo lokugoma luhamba kahle, kumele kuvunywe ukuthi uhulumeni wahluleka ekuqaleni
nokuthi kwaba nempendulo ephuthumayo.”

Scroll To Top