UCaluza ufisela owekhilikithi wakuleli okuhle kodwa kweye T20
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USandile Caluza ongumqeqeshi weLindelani Cricket Club, uthi komujabulisa ukubona uNonkululeko Mlaba eba ngumdlali oshaye amawikhethi amaningi ukubadlula bonke kumqhudelwano weNdebe yoMhlaba ye-T20 ebanjelwe lapha eNingizimu Afrika.
UCaluza ungomunye wabantu abadlale indima enkulu, ohambeni lukaNonkululelo njengoba ayemqeqesha kuyona iLindelani Cricket Club okuyiyo emkhulisile.
UNonkululeko emidlalweni emibili esidlalwe iMomentum Proteas useshaye amawikhethi amathathu, kanti intokazi esithathe amawikhethi amaningi okwamanje uSophie Ecclestone wase-England nokeliswe phezulu emhlabeni ngaphansi kwe-International Cricket Council (ICC).
“UNonkululelo angimfakeli ingcindezi, kodwa isifiso enginaso ukuthi abe ngumdlali othole amawikhethi amaningi kulo mqhudelwano. Lokho kuzokwenza akeliswe njengohamba phambili emhlabeni, njengoba kuyimanje ehlezi endaweni yesibili ngemumva kukaSophie. Ngifisa aqhubeke ngendlela adlale ngayo kumdlalo odlule lapho elakuleli kade liguqisa iNew Zealand. Okungichaza ngaye ukuthi, indlela adlala ngayo iyadlondlobala ukhombisa ukukhula useyazethemba, uma sekuyisikhathi sakhe sokushwiba uyabonakala ukuthi ufuna ukuthola amawikhethi,” kusho uCaluza.
Le ntokazi eteketiswa ngokuthi uLefty, kwazise isebenzisa isandla sobunxele uma ishwiba ineminyaka yobudala engama-22 idabuka eNtuzuma. Njengoba isikeliswe endaweni yesibili emhlabeni kubashwibi, iqale ukuba yingxenye yeMomentum Proteas kowe-T20 ngonyaka we-2019 nalapho yayibhekene ne-India.
“Ngesikhathi uNonkululeko noNondumiso Shangase bebizelwa okokuqala eqenjini lesizwe, ngahlala nabo phansi ngabatshela ukuthi ukungena kwabo kwelesizwe akusho ukuthi sekuphelile kodwa muningi umsebenzi okumele bawenze. Engabayala ngakho ukuthi, kumele bazinze eqenjini iqembu lihlale libadinga, bese bezibekela indawo yabo. Siphinde sahlangana njengoba besebekwazi ukuthola ithuba lokudlala, ngibatshela ukuthi ngiyafisa ukubona oyedwa wabo ekeliswa nabali-10 abenza kahle. Okwenziwa uNonkululeko ngikubona sekungaphezulu, ngoba manje ubheke ukuthi abe ngunombolo-1 kubashwibi,” kubeka uCaluza.
Lo mqeqeshi ubalule ukuthi uNonkululeko ulapho ekhona ngenxa yokuzimisela nokuhlonipha.
Lo mqeqeshi ngaphansi kweLindelani Cricket Club uphinde wakhiqiza, u-Ayanda Hlubi obeseqenjini leNingizimu Africa labaneminyaka engaphansi kweminyaka eli-19 kwiNdebe YoMhlaba, u-Asamkele Kawu, uNobuhle Busani noNonhlanhla Mngoma abadlala eqenjini iDolphins Ladies no-Esihle Kawu odlala kwi-SA School U/19.
Umdlalo olandelayo weMomentum Proteas ukusasa ngoMgqibelo lapho ezodlala khona nompetha i-Australia.
“Ngiyazi kuzoba umdlalo onzima lo njengoba umlando uveza ukuthi asikaze siyihlule i-Australia. Kodwa ngikholwa ukuthi singayihlula uma singadlala ngendlela esidlale ngayo kumdlalo odlule. UNonkululeko ngifuna nakulo mdlalo azibonakalisa, ukuze ube umpetha kumele unqobe kwabanye ompetha. Ngalokho uma engenza kahle kuyona yonke imidlalo engazibona ehlezi esicongweni emhlabeni nokuyobe kuyinqopha mlando leyo. Okuhle futhi lemidlalo siyidlalela lapha ekhaya lokho kuzomlekelela kakhulu,” usho kanje.
Ubalule ukuthi kumqhudelwano odlule owabe ungowezi-2020 e-Australia, elakuleli kwakumele linqobe kwanetha imvula isinqumo savuma osokhaya ngokuthi banqobe ngamaruns amahlanu.
Elakuleli liseqoqweni A lapho lineSri Lanka, i-Australia, iNew Zealand neBangladesh.
Umdlalo wakusasa ne-Australia uzoqala ngelesi-19:00 eSt George’s Oval, umdlalo ozovula kuyo le nkundla kusasa ophakathi kwe-England ne-India ozoqala ngelesi-3.
Namuhla ngoLwesihlanu kuzodlala iNew Zealand neBangladesh ngelesi-3, kuthi kusihlwa kudlale iWest Indies ne-Ireland ngelesi-19:00 eNewlands.