Now Reading
Ukuzwelana nempilo yowoHlanga kugqamile kukhilikithi emdlalweni odlule
Dark Light

Ukuzwelana nempilo yowoHlanga kugqamile kukhilikithi emdlalweni odlule

Ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi iProteas, uDean Elgar uthi bazoqhubeka benze abakwenzile ngaphambi kokuqala komdlalo. IProteas kuthe uma kuqala umdlalo weTest (othatha izinsuku ezinhlanu ngokujwayelekile) abadlali baguqa ngedolo abanye baphakamisa isandla sokudla benzela ukukhombisa ukweseka iBlack Lives Matter.

UKagiso Rabada, uRassie van der Dussen, uKeegan Petersen, uKyle Verreynne, uLungi Ngidi noKeshav Maharaj ibona abaguqe ngedolo kwathi u-Elgar, u-Aiden Markram, uWiaan Mulder no-Anrich Nortje bona baphakamisa izandla. “Sinikeze abadlali ilungelo lokwenza noma yini abafuna ukuyenza. Uma abadlali bekhululekile ukuguqa, kungenzeka nasemdlalweni olandelayo. Nabafuna ukuphakamisa isandla sangakwesokudla nabo bangenza okufanayo” kusho u-Elgar.

Bekungokokuqala iqembu lakuleli likhombisa ukweseka umshikashika weBlack Lives Matter.
Elakuleli eliqeqeshwa uMark Boucher kulindeleke ukuthi liqhubeke nokwenza kahle bese libhekene neWest Indies emdlaweni wesibili wayo njalo iTest. Lo mdlalo uzoqala namuhla ngele-16:00 ntambama eDaren Sammy National Cricket Stadium khona eWest Indies.
Kuyiwa kulo mdlalo elakuleli linqobe kalula emdlalweni obuqale ngoLwesine olwedlule. AmaProteas anqobe lo mdlalo, obuseDarren Sammy Cricket Ground, nge-Innings eyodwa nemigijimo engama-63 ngempelasonto.

Umdlali wakuleli ongumshwibi uRabada, ubona lizokhuphuka izinga lokuzethemba kumaProteas emva kokuhlula iWest Indies kalula emdlalweni wokuqala wochungechunge lwama-test.

IWest Indies ikhishwe yenze imigijimo engama-97 ku-Innings yokuqala, yenza eli-162 kweyesibili. IProteas ibhethe kanye yahlanganisa imigijimo engama-322. “Kulo mdlalo uyaye ukale imisebenzi yakho ngokwenza imigijimo eli-100 uma ubhetha noma ukuthatha amawikhethi amahlanu noma ali-10 uma uwumshwibi. Yikona osuke uzimisele ngakho njalo uma ungena enkundleni. Ngiyazi besekudlule isikhathi eside ngihluleka ukukwenza kodwa ngiyajabula ukuthi sekwenzekile. Iyona ndlela oqhathanisa ngayo ukuthi udlale kanjani nokuthi uzilungiselele ngendlela efanele yini. Ubani ongeke ajabule uma enze into encomekayo? Ngiyaziqhenya kakhulu ngendlela engisebenze ngayo,” kusho uRabada oke wakleliswa waba owoku-1 kubashwibi emhlabeni.

Abashwibi bakuleli badlale kahle kakhu njengoba uRabada kuma-Innings amabili uthathe amawikhethi ayisi-6, uNorje osanda kuqoqa izindondo ezinkulu emklomelweni yakuleli yena wathatha amawikhethi ayisi-7, uNgidi wathatha amahlanu. IProteas abeqala ukuwina umdlalo weTest ekuhambeni kusukela ngowezi-2017. Adinga ukungahlulwa kuTest yesibili ukuze alunqobe lolu chungechunge.

See Also

Eqhuba uRabada uthe: “Siseyiqembu elisha futhi sisakha. Uma ubheka abadlali abanamava okuthenjelwe kubona, abakhulile kangako ngokweminyaka. Ngingazibala mina noma uQuinny (De Kock). UDean (Elgar) nguyena osemnkantshubovu, mina ngineminyaka engama-26 kodwa kusho lukhulu ukuthi ngibalwa nomakadebona kuleli qembu. Ukunqoba lo mdlalo wokuqala kuzosinika umdlandla esizowusebenzisa kolandelayo neminye esizoyidlala kule minyaka ezayo. Ngeke sizikhukhumeze kodwa sizothatha konke okuhle esikwenzile, siqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla,” kusho uRabada.

Uthe kweminye imidlalo abahlulwe kuyona bebezigwaza ngowabo ngokuthi balehlise izinga, umdlalo ugcine ubaphunyukile. Kulo mdlalo (abawudlale neWest Indies) silokhu sihamba ngegiya eliphezulu. Siyazi ngeke kube lula kolandelayo kodwa okubalulekile ukuthi siqhubeke nezinga eliphezulu.

INingizimu Afrika kuyimanje emhlabeni emdlaweni yeTest ikeliswe endaweni yesi-7, akuyona neze into enhle ezweni elinomlando onje kulo mdlalo izwe elizihola phambili iNew Zealand.

Scroll To Top