Bayomela elakuleli kumkhalambazo wamazwe eTokyo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ufisa ukubona uhulumeni engenelela ekwesekeni umkhalambazo umqeqeshi osemncane nabona ukuthi kungalekelela izwe ekwenzeni kahle emiqhudelwaneni yomhlaba.
ULungisani Mabaso uxoxe nelaboHlanga ngaphambi kohambo lwakhe lwaseTokyo, eJapan ekanye eyomela iNingizimu Afrika kumqhudelwano womkhalambazo, I-IFT World Kyokushin ngoMbasa.
Kulokhu hambo uzophelezelwa uCebolenkosi Zondi oneminyaka yobudala eyisishiyagalombili no-Adariam Nkhoma oneminyaka eli-10 abangamakarateka aphuma kuMasipala uMzinyathi.
“Kubuhlungu ukuthi kuze kube yimanje kusakhethwa iphela emasini ekubhekeleleni ezemidlalo. Buka nje kumele siye eToyko, ukuze sihambe kumele sithole uxhaso. Kodwa makuziwa kweminye iminxa yemidlalo bahamba kalula. Uhulumeni kumele ashintshe ukwenza manje. IRussia yayingaliboni elidlalayo kwiNingizimu Afrika kumkhalambazo, kodwa manje isingemuva koJapan ngenxa yokuthi uhulumeni wakhona wazinikezela ukuthi uzoyilekelela. Nathi singabalwa namazwe ahamba phambili, sibuye nezindondo kwimiqhudelwano emikhulu uma singesekwa, “kusho uMabaso.
Ubalule ukuthi abafana ababili azohamba nawo, aphakathi kwabali-12 azomela iKwaZulu-Natal.
“Njengoba siya kulo mqhudelwano ngeke ngithembise ukuthi sizokwenza kahle, ngoba siyobhekana namazwe ahlonishwayo. Ngingasho ngithi njengomqeqeshi ngiyoncela ulwazi, ngeke ngifakele nabafana ingcindezi. Engikufisayo ukuthi kabili noma kathathu kumele kube ukuthi abadlali bomkhalambazo bahambela amazwe bencele ulwazi, bengaqhamuki sebeya kumqhudelwano woMhlaba,” kusho uMabaso.
Lo mqeqeshi ophethe ibhande elimnyama uthe wangena kumkhalambaza ngowezi-2005.
“Ngangithola ukucwaseka ngoba ngimncane ngomzimba ngathi indlela ezongisiza ukuthi ngingene kulo mdlalo, kusukela lapho uthando lanyuka kuze kube inamhlanje,” kubeka uMabaso.
Njengoba bezolibhekisa eToyko bedinga uxhaso iMeya yaseMzinyathi uPetros Ngubane uzolekelela laba ngemali eyizinkulungwane ezingama-R20.
UMabaso uthe bayayibonga kakhulu iMeya ngokuphosa esivivaneni. Wathi ucela nabanye osomabhizinisi balekelele.
UNgubane uthe ubafisela okuhle bodwa eToyko, wathi uyazi bazozibonakalisa khona bephakamise isifunda uMzinyathi neNingizimu Afrika yonkana.