Now Reading
Asiqaphele ukuthi abefundisi singabenzi bathathe indawo yabazali
Dark Light

Asiqaphele ukuthi abefundisi singabenzi bathathe indawo yabazali

Bakwethu lesi yisinyikanyika sendaba. Bengakafiki abezizwe nezindonga zokukhonzela ezibizwa ngamasonto, indawo yomzali yayicace bha ingenachashaza. Ngisho induna yesigodi noma yesifunda yayaziwa indawo yayo futhi ingakwazi ukuba ngaphezulu komzali enganeni yakhe.

Umzali umele uMdali empilweni yengane yingakho bethi umzali uNkulunkulu wokuqala enganeni. Lokhu kuphosa enkulu inselelo kuthina bazali banamuhla ukuba sisukume sithathe indawo yethu ezimpilweni zabantwana bethu. Ngoba iqhaza likamfundisi elokwelekelela kwezikamoya, hhayi ukuba umzali. Umzali uyohlala engumzali.

Kuyadumaza ukubona ingane iziqhayisa ngomfundisi wayo eqophelweni elifana nse nelikayise nonina. Umfundisi naye unomndeni wakhe kanti akakwazi ukuba nguyise wazo zonke izingane zasemhlabeni ezinoyise nonina.

Nakuba singekufenyise ukuthi abefundisi balibambile iqhaza elikhulu kubantwana abanganakiwe abazali babo kanye nezintandane nemihambima. Kodwa mkhulu ugcobho uma abefundisi bengezolucophelela uqhekeko oseludalekile phakathi kwemindeni ngenxa yamasonto.

Kanjalo nabazali kumele bayiqaphelisise ingwadla eza nokudembesela ekubambeni iqhaza lokuba umzali ngokuphelele. Empeleni kufanele ngabe bukhulu ubudlelwano phakathi kwabafundisi nabazali ukuze lokko okufundiswa ekhaya nalokho okushunyayelwa ezinkonzweni kuthelelane njengemifula engashi.

Akekho umzali othokozayo uma kutuswa enye indoda yena esadla anhlamvana amabele. Ngakho ke ukubambisana phakathi kwabefundisi nabazali kungaba nomkhulu umthelela ekwakhiweni kwesizwe kuphele ukuqophisana.

Ngoba ngisho uJesu ebuncaneni bakhe wayesingathwe uyise nonina. Lokku kumele kube isibonelo esihle somsebenzi womzali enganeni yakhe kungakathalekanga ukuthi inobizo olungakanani. Iqhaza lomzali limi ingunaphakade.

Singebasole abefundisi uma abazali nabo bengazisukumeli izingane zabo zize ziyothola ithemba nompheme emazwini eziwamukeliswa umfundisi. Kusho ukuthi sikhulu isidingo sokuba umzali abe yikho konke enganeni yakhe.

Endulo umzali wayekwazi ukuqamba ingane igama ililandele futhi kwakuthi noma esesohlakeni lokufa akwazi ukushiya amazwi azoba isibusiso noma isiqalekiso phakathi komndeni. Lokhu kwakudalwa ubuqotho bakhe umzali.

See Also

Isonto kumele kube indawo yokuhlanganela hhayi umpheme wokuphephela. Yikhaya kuphela elingafukamela umntwana. Zikwenkulu ingcuphe  izingane zethu njengoba sifunda ngokunukubezwa kwazo emasontweni mihla namalanga.

Nakhona emakhaya izingane ziyanukubezwa oninalume. Ngakho ke ukubambisana kwamasonto nabazali kubaluleke kakhulu ngoba kunikeza ingane ithuba lokubika esontweni okubi okwenzeka ekhaya iphinde ibike ekhaya ukuhlukumezeka engakuthola esontweni. Muhle kakhulu umphumela ongaqhamuka uma kungaba nalokko kubambisana.

Ingane ethanda inkolo mayigweme ukupikla ngoNkulunkulu kuze kufikwe lapho sekugxekwa khona abazali. Ngokunjalo nomzali ongayizwa kahle eyenkolo makacophelele amazwi awashoyo angelumeli enganeni ize igcine isivala izindlebe ekhaya.

UMdali wabeka abazali ngenxa yesizathu futhi wagcoba abefundisi ngoba kunesidingo. Kubalulekile kulezinhlangothi zombili ukuthi zisebenzisane ngenxa yezingane ikusasa elisezandleni zazo,hleze sizele imithithimbili nje yilabazali bobabili umfundisi nomzali.

Scroll To Top