Now Reading
Isiphakamiso sokuvotela ukungamethembi uMengameli
Dark Light

Isiphakamiso sokuvotela ukungamethembi uMengameli

UMengameli uCyril Ramaphosa uzobhekana nokuvotelwa ngokungathenjwa ePhalamende ngesonto elizayo ngemuva kokuthi uSomlomo weNdlu uThandi Modise evume isicelo esivela eqenjini i-African Transformation Movement (ATM) sokunquma ngamandla akhe okuphatha izwe.  

Lowo owayenguMengameli waleli lizwe uJacob Zuma wabhekana namavoti amaningi okungamethembi ngesikhathi esahola leli lizwe, kepha selokhu kwangena uMengameli Ramaphosa esikhundleni ngowezi-2018 kuyaqala ngqa kuvotelwe ukungamethembi uMengameli.  

Lesi sicelo saqhamuka ngenyanga kaNhlolanja kulo nyaka ngesikhathi leli lizwe kanye nomhlaba kwakusebenza ngaphansi kwezimo ezehluke kakhulu. Iqembu i-ATM lafaka lesi siphakamiso ngesikhathi kunokwanda kokucishwa kukagesi kanye nokwanda kokungazinzi komnotho kuleli lizwe.  

UNobhala WePhalamende Kazwelonke uMasibulele Xaso ukuqinisekisile ukuthi lolu daba luzoba sezinhlelweni zePhalamende ngesonto elizayo.  

Ngesikhathi lesi siphakamiso sifakwa ngoNhlolanja, uMengameli we-ATM uVuyolwethu Zungula wathi umbuso kaRamaphosa uyehluleka ukubhekana nezinkinga eziphuthumayo ezibhekene nezwe ngakho-ke kufanele ashenxe esikhundleni sakhe sokuhola leli lizwe. “Sasicabanga ukuthi njengabantu abahlonipha intando yeningi kufanele sikuhloniphe okushiwo yiyo, kepha lo mbuso kuyavela ukuthi yiwona olulekwa kakhulu ukudlula yonke imibuso kusukela leli lizwe lathola intando yeningi, nezinhlangano eziningi zokweluleka kanye nezithunywa ezahlukene kubonakala sengathi ziya ezindlebeni ezingezwa uma ziletha ululeko noma ukwenziwa kwazo akwenziwa kahle,” kusho uZungula

See Also

UZungula waphinde wathi; “Kuphephile ukusho ukuthi leli lizwe lineKhabhinethi efanayo kodwa lokhu akunamphumela omuhle. INingizimu Afrika yavumela uMengameli Ramaphosa ukuthi enze izinto ngendlela ye”New Dawn” kodwa izwe namanje liyaqhubeka nokukhubeka.”

Kudingeka abangamaphesenti angama-67 ukwedlulisa lesi siphakamiso.

Scroll To Top