Khona kucishe kwenzeka inhlekelele

February 10, 2023


nguMfo waKwaNomajalimane
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Abaningi kabanakanga ukuthi ukukhipha igama kukaSomlomo lokuthi iNdlu (iPhalamede) iguqile okwesikhashana bekuphuca amandla okuvikeleka kwamalungu e-EFF njengemalungu eNdlu kunika ibutho (Presidential Guard) lezokuphepha kukaMengaleli amandla engeziwe ukuthi enze noma yini ukuvikela iNhloko yoMbuso – ngisho nokudubula imbala.
Akukho ukungabaza ukuthi ukube bekusendaweni ethe ukuvuleka ngaphandle noma ukube obekwenzeka kuqhubeke isikhashana bekuzofika emandleni kulimale abantu noma bafe kuvikelwa iNhloko yoMbuso nokuyinto esemthethweni.