Isiqephu sesine: Luyini ulibofuzo


Ulibofuzo lwakhiwa umgogodla kanye nomzimba. Umgogoda wakhiwa oshukela bemvelo okuthiwa amapolysaccharides kanye nalokhu okuthiwa ama-phosphates. Umzimba wona wakhiwa yilokhu okuthiwa ama-‘amino acids’ (simple proteins).
Khumbula ukuthi ngaphakathi kwesichwe ngasinye kunomphakathi (nucleus). Uma uvula i‘protein envelope’ uzothola ama-chromosome. Okuzishuqule lapha kumahistones kumachromosome yizinkulungwane zamamayela ofuzolibo (dna). Lolu fuzolibo wulwazi olulotshwe uMdali lapha ngaphakathi kwakho.
Lonke ulimi oluke lwaba khona nolusazoba khona lulotshwe lapha ngaphakathi kofuzolibo lwakho. Awufundi ulimi olusha kepha ukhumbula ulimi olusha. Zonke izigigaba ezenzeka kudala empilweni yakho nasempilweni yokhokho bakho, kanye nezomlando ngokudalwa komhlaba nezulu nakho konke okukulo, zilotshwe khona lapha kufuzolibo lwakho muntu woHlanga.
Yizwa la muntu woHlanga: umlando wonke kusukela ekuqaleni kwesikhathi nangamphambi kokudalwa kwesikhathi ulapha ngaphakathi kofuzolibo lwakho. Izazi zasentshonalanga zibiza lolu lwazi nge‘junk dna.’ Inkathi edlule, inkathi yamanje kanye nenkathi ezayo izishuqule yaba umshuqulo lapha ngaphakathi kofuzolibo lwakho muntu woHlanga. Ucabanga ukuthi izazi zasemphumalanga (izimboni) zazibona kanjani ingomuso? Zakwazi ukubheka zabona ngaphakathi kofuzolibo olulele (junk dna).
Uma ungavula lokhu okuthiwa amameridians ukuze le melanin yakho ihambe kahle ngenkululeko ungabona yonke into ofisa ukuyibona. Wonke umuntu umatasatasa, ufundana nezincwadi kodwa lonke ulwazi luhlezi lapha ngaphakathi kofuzolibo, luvaleleke ngenxa nje yethumbu.
Khumbula ukuthi sinomgogodla woshukela bemvelo, yingakho kumele sidle izithelo ngoba yizo eziqukethe oshukela bemvelo. Umzimba wofuzolibo wakhiwa ama-‘amino acids’. Emzimbeni kuyilapho sithola khona oglutamine, ohistidine, otyrosine njalo njalo. Okusho ukuthi ama-‘amino acids’ afana nezitini zokwakha umuzi. Umgogodla ufana nefoundation noma nensika.
Okwamanje sinomgogodla woshukela bemvelo kanye nomzimba wama-‘amino acids.’ Yini eyenza ufuzo luhlangane? Ngamanye amazwi uma umuzi uqiniswa ngosimende, ulibofuzo lona luqiniswa ngani? Ulibofuzo luqiniswa ngalokhu ekuthiwa amaminerals.
Ngicabanga ukuthi uyabona siyaphi nalomqondo
Konke okuya ngasethunjini kumele kube nalezi zinto ezakha ufuzolibo: kumele ukudla okudlayo kube nama-‘amino acids’, oshukela bemvelo, amaphosphates kanye namaminerals.
Manje kwenzakalani uma wena ngelinye ilanga unquma isinqumo sokuthi uyodla iburger yakwa McDonald’s? Iburger yakwa McDonald’s ishoda ngefructose, ushukela wemvelo. Kanti le fructose yakha umgogodla wofuzolibo. Uma udla ukudla okungenawo umgogodla wofuzolibo kwenzakalani ngomgogodla wofuzolibo lwakho? Uzosala unesikhala umgogodla wofuzolibo lwakho. Lokhu kusho ukuthi ulwazi alusadlluli kahle lapha ngaphahakathi kofuzolibo lwakho ngenxa yalesi sikhala. Uzothi uyabona usuba nokukhohlwa ezinye izinto nje esithubeni.
Noma uvele unqume ukudla ingulube. Ingulube ayinawo amaminerals. Kusho ukuthi kufuzolibo lwakho singawasusa amaminerals. Kungakho Ingulube ivimbela ukuba ukwazi ukubona izinto eziphathelene nemimoya.
Manje kunento laphaya ngaphakathi okuthiwa irna (ribonucleic acid). Le rna umsebenzi wayo ukuthatha isithombe sedna (ufuzolibo) isiyise lapha kwiribosome ukuze kuzalwe isichwe esisha. Kodwa uma ngabe idna yakho ingaphelele kusho ukuthi nesithombe sayo esithathwa irna sizobe siyisithombe esingaphelele. Kwenzeka kanjalo ke ukuthi noma umzimba wakho uzalwa kabusha kodwa izifo zingabaleki.
Uma ufuna imininingwane ngokubhalwe ngasenhla vakashela uYah’ki Hickman ku-https://yahkiawakened.com/.
Incwadi yomlando nesayensi yabantu boHlanga esihloko sithi ‘Utho Ngathi’ ebhalwe yimi uqobo nayo iyatholakala ku-rondomath.stat@gmail.com noma ku-gumedethembisile26@gmail.com.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.