Umdlalo wezinjomane unozibuthe kumaphanta


Bakhona abangawuzwisisi bethi udla imali, kubhala uMuntu Xulu.
Lo mdlalo ungomunye phakathi kwayo yonke imidlalo edlalwa ngemali. Uma nje umuntu eseke waqala ukuwudlala ngemali yakhe, ayibe isasuka inhliziyo kuwo ngoba usuke esezibona eyisicebi ngemali azoyiwola uma ihhashi alibhejeleyo liphume phambili, noma azibone esebambe ijekiphothi enesaza semali, esezokwakha indlu yakwanokusho enamagumbi ayishumi nantathu. Usuke azibone esevule ibhizinisi elesabekayo ngemali azoyititiliza emjahweni.
Abaningi abawuthandi lomdlalo ngoba bathi udla imali, umuntu agcine eseyiwulele yonke imali yakhe kuyo yonke imijaho, eyilokhu ecabanga ukuthi uma eluze kowokuqala, uzowina kowesibili, kuthi lapho eluza kowesibili, athi uzowina kowesithathu. Kuthi noma eyilokhu eluzele safuthi akadeli ngoba okumbusayo enhliziyweni yithemba lokuthi uzogcina esewinile. Uyoze aphaphame engasenayo ngisho neyokugibela ibhasi noma isitimela abeze ngaso lapha ebhandeni lokujahela amahhashi.
Kuthi noma esehlaselwe yinkengane, kube khona nje leyo angathenga ngayo amantongomane, okuyiwona luphawu lokuthi lowo obekade enemali, akasenayo ngoba isidliwe ngamahhashi, umbone ede ehamba eququdana namantongomane, ewehlisa ngokuphuza amanzi njengogume kumbe ukhothi, lona ofunda umthamo walo maqede uwehlise ngokugambalakaqela amanzi.
Bakhona-ke abawuthandayo lomdlalo, futhi bawubiza ngokuthi umdlalo wamakhosi. Bawudlala noma kunjani, kwale ngisho umuntu esemsebenzini imbala, isu lona lokuphuma ayodlala amahhashi uyolithola, ngoba phela lapho uthando lukhona, nendlela ikhona. Kufana nalaba abadlala amaphepha, okungaze kuse beyilokhu bewaphaqazisa, nalaba abadlala amadayisi, abangadinwa ukuyilokhu bequma uma bewaphonsa phansi, bewashayela izithupha.
Abadlali bamaphepha nabamadayisi sike sizwe ukuthi baxabene bebodwa bebanga imali, kuze kugcine sekuphume nezidumbu, kodwa amaphanta amahhashi wona noma edliwe imali ngenxa yokuluza, bakuthatha ngenhliziyo enhle nje lokho, abasoli muntu, futhi naleyomali yabo ecwilile, abayifuni kumuntu, kufana nje nemali abangazange nje babenayo ngisho khona kwasendulo.
Kuyamangalisa-ke ukuthi amaphanta asewukhonze ngempela lomdlalo, noma ewina noma eluza, kuwo imfaniyafana nje ngoba awusoze wawabona edikila, noma ewugxeka. Ethembekile impela kulomdlalo, lapho ongawezwa ethi aluze ngoba abebhejele ujoki esikhundleni sehhashi, amanye uwezwe ethi kade ebhejele ihhashi esikhundleni sikajoki, amanye athi abebhejele umninihhashi, amanye athi kade ebhejele umvivinyi walo.
Phela lokho akusho ngoba kungaziwa ngempela okuyikhona akubhejelayo, noma ihhashi eligijimayo, noma ujoki oligibeleyo, noma umninilo noma olivivinyayo-utrainer.
Ungawezwa uma esekhuluma amaphanta ethotho noma khona impel a ebhandeni-enkundleni lapho ejahela khona amahhashi omjaho njengaseTurffontein, eScottsville, eNew Market, eGreyville, e Vaal, eGermiston naseClairwood nakwezinye izinkundla njengaseBloemfontein, ePort Elizabeth naseCape Town. Uyozwa ngomuntu eyilokhu ekhuluma yedwa ethi, “Okungcono ngibhejele leli eligitshelwe ngu Van As, ngoba emjahweni wangoMgqibelo owedlule uphume phambili ngehhashi ebeliyimfivilithi.”
Kanti kuzothi uma ebhejela eligitshelwe nguVan As, asale eselengise umlomo ekhexile uma lelo hhashi lingaphumanga ngisho nendawo, sekuphuma eligitshelwe nguVan Booma iwini.
Abanye ubezwa bethi: “Namhlanje, ngizovula idabuli ngoMaster Mind, ngoba uthwele umthwalo olula ongu-49,5 kg, ngivale idabuli ngoGijima Kakhulu ophume iwini ngoMgqibelo owedlule eGreyville egitshelwe nguMacaskill.”
Iyaqhubeka.