Ingabe lithini ilungelo lengane ezalwe ngaphandle komshado?


Nina boHlanga siyabonga ukubona ukuthi niyithakasele lengosi yethu. Indaba isenamalungelo engane. Asike sibuke ukuthi ingabe ingane ezalelwe emshadweni iyalingana na nengane ezalelwe ngaphandle komshado? Nina boHlanga kufanele sikufunde size sikwamukele ukuthi umthetho sisekelo wethu uthi siyalingana. Manje umbuzo engiza nawo ukuthi ingabe kunjalo yini uma sibuka ingane ezalelwe emshadweni naleyo yangaphandle.
Umthetho wethu uthi ingane ezalelwe ngaphandle komshado ingane ethe uma ibelethwa umama wayo uyobe engashadile, Kodwa uma umama ezala ingane esemshadweni leyo ngane iyobe izalelwe emshadweni.
Sike sikuzwe futhi sikholwe ukuthi amalungelo alezi zingane awalingani, lokho akusilona iqiniso ngokomthetho. Sikubona lokhu uma sibuka umthetho wezingane, wesondlo kanye nowamafa. Umbuzo engazi kahle ukuthi uzibuza wona owokuthi kanjani na?
UMthetho Wezingane ukhuluma ngengane, awukhulumi ngengane ezalelwe emshadweni noma ngaphandle komshado. Sinaso isigatshana somthetho kuwo umthetho wezingane (Section 21) okhuluma ngamalungelo obaba abangashadile nonina bezingane. Bese kuba nesinye isigatshana (Section 20) wona ukhuluma ngobaba wengane obekade eshadile nonina wengane. Lezi zigatshana zomthetho zikucacisa ngokusobala ukuthi zihlukanisa obaba hhayi izingane. Kukodwa nje lokhu kusichazela ukuthi izingane ziyalingana.
Umthetho wezamafa kanye nomnyango wezasekhaya sebebambisene ngokuthi ingane uma ivele ngaphansi komzali kufanele ithole ilungelo layo lefa (uma likhona) ngoba izama ukuqinisekisa ukuthi izingane zikamufi ziyathola ngokulinganayo.
Kubuhlungu ukubona ukuthi izingane ezizalelwe ngaphandle komshado aziwatholi amalungelo azo afanele. Hlezi lokhu kudalwa ukuthi asinalo ulwazi olwanele nina boHlanga. Kungenzeka ukuthi futhi kudalwa ukuthi silwa izimpi zethu ngezingane. Ubone ukuthi ukufaka ubaba esitifiketini sengane akulungile ngenxa yamasiko nezithethe zethu kodwa lokho kube kuyifaka ingcindezi ingane ekutheni ithole amalungelo ayo ewafanele.
Siyabona lapho ingane izalwa ubaba onezimali kodwa yona ibe ikhulela enhluphekweni, kuze kuyothinta ngisho imfundo engcono engabe ingane iyayithola. Ucwaningo luveza ukuthi izingane ezizalelwe ngaphandle komshado zisengcupeni yokukhulela ngaphansi kwenhlupheko, ukungenzi kahle esikoleni, ukuhlukumezeka ngokomoya okugcina kuholela ekutheni baziphathe ngendlela engamukelekile emphakathini.
Ingosi yethu yokuqala sasiqwashisa ngokuthi kubalulekile ukuthi ubaba wengane alazi ilungelo lakhe lokubona ingane. kwingosi yethu yesibili siqwashise ngokuthi ukondliwa kwengane akungabi ngumthwalo kamama kuphela.
Manje nina boHlanga angazi noma niyakubona ukubaluleka kokuthi izingane zethu sizondle, sidlale indima efanele ukuze zibe nekusasa eliqhakazile, hhayi ukuthi sijezisane ngamaphutha ethu singabazali bese kuholela ekutheni izingane zethu zingabi namalungelo azo kanye nempilo engcono.
Kufanele sikuqonde ukuthi indima yomzali empilweni yengane ibalulekile futhi kakhulu. Asingaboni omalume, omamkhulu, nogogo sebedlala indima ekungeyona eyabo ezimpilweni zezingane zethu sibe sisekhona. Akukho lula ukukhulisa ingane uwedwa ungumzali.
Kuba lukhuni kakhulu lapho sekufanele ugqigqe izinkantolo, ulwela ukondliwa namalungelo engane, hhayi ke lapho uma kuthiwa lowo ashade naye umzali wengane ebhodla umlilo. Esizama ukukugqugquzela nina boHlanga ukuthi izingane aziphathwe ngokulingana ngoba lokho kunomthelela ekuziphatheni nasempumelelweni yengane. Kuyisibusiso futhi umthetho ukuthi siziphathe ngokulingana izingane zethu.
Sekuqala ukuba nengcindezi lapho abameli ikakhulukazi lapho enza ifa lomzali onengane angazange wayazisa emndenini wakhe bese kutholakala uma sesisebenza ifa lakhe ukuthi kunengane thizeni, bese singazi ukuthi sizoyithola kuphi, uma ngenhlanhla siyithola umzali wayo usezolwa izimpi esingazazi bese kulimala umsebenzi nalezo zingane ebezingazi lutho. Kokunye imali kamufi ize icwile ngenxa yalokhu. Kokunye uthole ukuthi umzali osele uzondelwa into engekho ngenxa yokuthi izingane zangaphandle azazanga kahle ngokusebenza komthetho wamafa.
Uthini umthetho ngalokhu okufanele sikubheke uma sibuka amalungelo engane. (Section 7 of Act 38/2005) ubudlwelane Phakathi komntwana nomzali, ukuziphatha kwabazali enganeni, ikhono lomzali ukuthi akwazi ukunakekela izidingongqangi zengane, ingcindezi ingane engabhekana nayo uma ihlukaniswa nalowo mzali, iminyaka, ubulili nokukhula ngokomqondo kwengane, indlela ingane ekhuliswe ngayo, ukukhuliswa kwengane kumndeni ohlelekile, ukuvikelwa kwengane ngokomzimba, nangokomqondo okungadalwa ukuhlukumezeka. Udlame lwasekhaya, isinqumo sezomthetho.
Ngakho ke nina boHlanga ngivumeleni ngithi izingane zethu ziyalingana ngenxa yomthetho sisekelo wethu kanye nezinye izigaba zomthetho kodwa yithi abenza noma abahlukanisa izingane zethu.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.