Now Reading
Kugqashuke igoda phakathi kowaduma kwiBafana Bafana neTS Galaxy 
Dark Light

Kugqashuke igoda phakathi kowaduma kwiBafana Bafana neTS Galaxy 

Kuvela ukuthi ligqashukile igoda phakathi kukaSibusiso “Villa” Vilakazi neTS Galaxy.

Lezi zindaba ziqinisekiswe umthombo ongaphakathi ongashayi eceleni.

Emasontweni amabili edlule elaboHlanga laqhamuka nodaba oluthi uVilakazi washovelwa ezinganeni emva kokuxabana nomqeqeshi wayo iTS Galaxy uSead Ramovic. 

Ingxabano kaVilakazi noRamovic yabe iqale emva komdlalo weRockets neSwallows FC eDobsonville Stadium, eSoweto. Kuthiwa laba bashintshana ngamazwi ezindlini zokushintshela. Uthuthuva lasuka ngemumva komdlalo  ngesikhathi uRamovic edinwe egane unwabu, ngendlela iqembu eladlala ngakhona kwazise lalihlulwe ukudla iSwallows FC ingasaphelele. Wabe esekhwela edilika kubadlali, wagxila kakhulu kuVilakazi emgxeka ngokungazinikeli ngokwanele kwabe uzisuse. 

UVilakazi ungumdlali ongenazo izigameko ezingacacile kakhulukazi ngaphandle kwenkundla, kunalokho udume ngokwenza kahle enkundleni kusukela ekwiBidvest Wits nakwiSundowns.

 Bekubhekwe ukuthi asebenzise amava akhe njengoba eke wagijima naseqenjni lesizwe iBafana Bafana. Kodwa izonto azihambanga njengoba ehambe engakaze eshaye nelilodwa igoli, nejezi bekuyinto okuthukela eligqokile.

See Also

Ukuhamba kwakhe uVilakazi kuphindwe kwaqinisekiswa uMike Makaab okunguye ophethe izindaba zakhe. 

Kuzo ezithinta iDStv Premiership, lowo owawyisitobha se-Orlando Pirates uHappy Jele ubonakale ezilolonga neRoyal AM. 

Leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize liphinde labuyisa lowo owayengumlolongu walo uJohn Maduka. 

Scroll To Top