Now Reading
Igcine imbuyisile uMaduka iRoyal AM 
Dark Light

Igcine imbuyisile uMaduka iRoyal AM 

Ibuyise umqeqeshi wayo omdala uJohn Maduka iRoyal AM ebhinjelwa izinto muva nje.

Ukubuya kukaMaduka kumenyezelwe iRoyal AM, namuhla ngoLwesine ukuthi impela lo mqeqeshi uyena ozohlala ebhentshini laleli qembu njengoba kuqhubeka isizini.

UMaduka uhambe kuleli qembu ekuqaleni kwesizini ka-2022/23, wajoyina iMaritzburg United nakuyona angahlalanga isikhathi eside. 

Ukuhamba kwalo mqeqeshi kwiRoyal AM, yabe isiqasha uKhabo Zondo wabambisana noDan Dan Malesela izinto ezingabahambelanga kahle. Izintambo muva nje kwiThwihli Thwahla (iRoyal AM), bese zibanjwe u-Abram Nteo naye imiphumela ibimuphikisa.

UMaduka ukuhamba kwakhe kwashiya izikhalazo zokuthi uhamba kanjani ngoba iqembu lalenza kahle ngaphansi kwakhe, okuwubufakazi balokho walibeka endaweni yesithathu kulogi lakwazi ukuyodlalal e-Afrika. Kwaphinde kwashiya  nomnikazi weqembu uShauwn “MaMkhize” Mkhize eshaqekile njengoba wayengazi lutho ngokuhamba kwalo mqeqeshi kwazise wayephesheya kwezilwandle.

See Also

Emidlalweni emihlanu iThwihli Thwahla edlule inqobe umdlalo owodwa ihlula AmaZulu FC, ibe isihlulwa kabili yadlala ngokulingana kabili. Kuyimanje leli qembu lihlezi endaweni ye-12 kulogi ngamaphuzu angama-21 emva kwemidlalo eli-18.

UMaduka uzobe ehlezi ebhentshi leli qembu bese libheke neLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership, lo mdlalo uzoba ngoMgqibelo ePrincess Magogo Stadium ligamenxe elesi-3 ntambama.

Scroll To Top