Now Reading
Bazobe bebulala inyoka emcimbini wokugabavula kwezinjomane eKing Cetshwayo
Dark Light

Bazobe bebulala inyoka emcimbini wokugabavula kwezinjomane eKing Cetshwayo

IMeya kaMasipala Wesifunda iKing Cetshwayo uMnu uThami Ntuli uthe umqhudelwano iKing Cetshwayo June izowufukula kakhulu umnotho.

IKing Cetshwayo June okuzobe kungokokuqala ikhona, izoqala namuhla ngoLwesihlanu ize isongwe kusasa. Ngokusho kukaNtuli uthe lo mjaho wamahhashi bawubekele eceleni izigidi ezi-R2.5 uthe bahlose ukuhlonipha iSilo sasOndini, iNgonyama uCetshwayo, okuqanjwe ngayo isifunda. Kulindeleke ukuthi uhehe izinkumbi zabantu, abaqhamuka ezindaweni ezehlukahlukene.

“Kuzobe kungokokuqala lo mjaho wamahhashi siwusingatha, kodwa abantu abazobe bekuwona angingabazi ukuthi ngeke nangengozi bazisole ngawo. Izinhlelo zawo ziseqophelweni eliphezulu kakhulu. Okuhle ukuthi ngalo mqhudelwano kuzosizakala wonke umuntu ikakhulukazi laba abanamabhizinisi amancane namakhulu. Izitolo zokudla zizobe zigcwele phama, izindawo zokulala nazo kuzobe kungesifanayo, izindawo zokufaka uphethroli zizobe zingena zidedelana izimoto. Nalaba abathunga inqephu, abenza imisebenzi yezandla bazothola ithuba lokukhangisa imisebenzi yabo. Nosomabhizinisi abasafufuza bazobe bevumelekile ukuba badayise enkundleni. Lokhu esengikubalile ngenhla ayi ukuthi into engithi ngiyacabangela, nakanjani izokwenzeka. Indawo yangakithi izothuthuka kakhulu” kusho uNtuli.

Lo mjaho wamahhashi uzobe uhambisana nomqhudelwano wonobuhle, ingqephu nedili lomculo. Ihhashi elizodla umhlanganiso lizogoduka nezinkulungwane ezili-R100.

“Njengoba kukhona nedili lomculo nje baningi abantu abazobe bezofuna ukubona abaculi ababathandayo, ngoba ngibekile ngiyacela abantu kakhulukazi aboHlanga bephume ngobuningi bezokweseka lendumezulu yomqhudelwano” kubeka uNtuli.

See Also

UNtuli uthe babheke ukuthi iKing Cetshwayo June yenze imali engaphezulu kwezigidi ezingama-R30.

Okunye okuvezwe uNtuli okuwubufakazi bokuthi inhloso yalo mqhudelwano ukufukula umnotho weSifunda iKing Cetshwayo ukuthi abaculi abazonandisa iningi labo kuzoba abaqhamuka khona ukuze kungaphumi imali eningi kuqashwa abaculi bangaphandle.

Khonamanjalo inkundla yeqembu elisanda kunyukela kuDStv Premiership iRichards Bay, ebizwa ngokuthi UMhlathuze Sport Complex  iyaqhutshekwa nokulungiswa. Lokho kusho ukuthi leli qembu likaSfiso Biyela imidlalo yasekhaya selizoyidlala kuyona, kwazise beseliyidlalela eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Scroll To Top