Isiqephu sesibili: Ubumqoka bolibofuzo


Ake sithi siphethe iso lokupopola izichwe (cells). Into yokuqala esizoyibona yilokhu okuthiwa yimitochondria, uma sidlula kwimitochondria sibona i‘golgi apparatus.’ Sidlule kwi‘golgi apparatus’ siye siyongena lapha kwinucleus, umphakathi wesichwe.
Uma singena ngaphakathi komphakathi sibona lokhu okuthiwa i‘protein sleeve envelope.’ Isifo silashwa ngaleyo ndlela. Uma ungasusa i‘protein sleeve envilope’ ungakwazi ukufinyelela kulokhu okuthiwa amachromosome. Amachromosome atholakala ngaphakathi komphakathi. Ufuzo (libo) luzishuqula khona lapha kumachromosomes.
Ngaphakathi komshuqulo wofuzo kunento ekuthiwa amahistones.
Empeleni ulibofuzo ulwazi mayelana nokulotshwa kwesigubo somzimba (geno-code). Ngaphakathi kwaso sonke isichwe, uma uya ngasemphakathini (nucleus), uthola ulibofuzo luzifingqe lapha kumachromosome. Uma ubhekisisa lolu fuzo uthola ukuthi lugcwele phama ulwazi. Lolu lwazi lwazisa ngokuthi amehlo azobe enjani nakanjani, lwazize ukuthi amehlo azobe eluhlaza noma azobe ensundu. Ulwazi luphinde likutshele ngobunjalo bezinwele, zimfishane noma zinde. Luphinde futhi lolu lwazi likutshele ukuthi uzobe unethambo elide noma elifishane. Uzobe umkhulu noma uzobe umncane ngomzimba. Isifanekiso esakha umzimba wakho wonke sitholakala lapha ngaphakathi kwalo lolu libofuzo.
Yonke into eya ngasethunjeni kumele ibe yisakhamzimba. Lezi zakhamzimba kungaba amaphosphate, ama‘vitital nutrients’, ama‘bio photons’, amaminerals nama‘amino acids.’ Uma ngiphuza lezi zinto eziya ethunjini, zifike zigayeke ngaphakathi esiswini. Kugayeka bonke oshukela abaphiciweyo (polysaccharides) babe woshukela abamsulwa (simple sugars), amacomplex proteins (okusanyama) kube ama-amino acids angaxutshwe nalutho (simple proteins), kanye namaminerals. Yizo lezi zinto ezithathwa umzimba ngendlela yethumbu. Lokhu okunye kuvele kwehlele ngezansi. Noma ngabe uthi ke kunezinto ezikhiqizeka emlonyeni bese ziya ngqo emfuleni wegazi, igazi bese liphakela izichwe. Lokhu kuliqiniso, kodwa khumbula ukuthi ithumbu liqala khona lapha emlomeni. Abantu abaningi bacabanga ukuthi ithumbu amathumbu lawa aqondene nesisu kuphela. Akusilo ithumbu ngokuphelele lelo. Ithumbu eliphelele liqala emlomeni, lize njalo lehle ngethumbu le-oesophagus, lidlule kwi‘cardiac sphincter’ lehlele esiswini.
Ukususela esiswini liyehla ithumbu liye kwiduodenum, ijejunum, ileum, ascending colon, transverse colon, lize liyoshaya kwirectum, liphethe ngembobo yomdidi (anus). Ithumbu lidlula maqondana nayo yonke indawo ngaphandle kwemilenze nezinyawo.
Uma sithola ngendabuko yokudalwa kwethumbu sithola ukuthi ithumbu liqala ngombungu (embryo). Umbungu bese uphenduka ifetus, ifetus ibe i-infant, i-infant ibe umntwana, umntwana akhule abe yimi nawe.
Manje uma sibheka umbungu, sithola ukuthi umbungu yilokhu okuchamuselwa yiqanda, bese ke kuyima uqalisela ngezigaba zoshintsho, ugcine ngesigaba sesimo somuntu. Kodwa ngaphambi kokuba ube yisimo somuntu uzonaka ukuthi uqale ube nomsila, ube nezimbobo lezi okuphefumula ngazo izilwane zasemanzini (gills), nakho konke okunye. Okukhombisa ngokusobala ukuthi lokhu abathi phecelezi i-evolution, kwenzeka ngaphakathi kwesibeletho sowesifazane. Leyo evolution yabasentshonalanga kayenzeki ngaphandle kwesibeletho (njengoba izingane zifundiswa ezikoleni namuhla), kepha yenzeka ngaphakathi kwesibeletho.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.