Awuqine umthetho kwabakhwabanisa eyezivikeli



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Ukuzitapela imali ehlinzekelwe ukulwa nobhubhane ukhuvethe kuyefana nokuthatha umkhonto ugwaze izisebenzi zezempilo ezizithole sezitheleleke ngegciwane. Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi izisebenzi zezempilo ezingaphezulu kwezinkulungwane ezingama -24 zithelelekile kanti ezili-180 zilahlekelwe yimpilo yazo. Ngeke ngikwazi ukuveza ubufakazi becala elingamukeleka enkantolo ngithi izigilamkhuba zibulale izisebenzi zezempilo. Kepha njengoba izisebenzi eziningi zikhala ngokushoda kwezivikeli okufanele zisebenze ngazo, ukuphi umehluko phakathi kwabo nalabo abangena ezikhungweni zezempilo bahlukumeze noma babulale izisebenzi zezempilo kanye nalabo ababiza intengo engale kokuqonda nabacela bamukele inkokhelo bengenzanga lutho?
Ukusebenzisa imali ngendlela engafanelekile njengokubiza intengo eyeqile kanye nokukhokhelwa ngomsebenzi ongawenzanga kuyinto engalungile futhi ewukwephula umthetho. Kusuke sekweqile-ke uma umuntu esekwenza nasesimweni lapho kuchaphazeleka khona abantu abagulayo nalabo abazinikela ukubelapha. Esikhathini lapho umhlaba ubhekene nobunzima nobungozi obulethwa wubhubhane, abantu basithathaphi isibindi sokweba?
Akulona icala ukuthi uHulumeni asebenzise imithetho evumela izindlela ezinqamulelayo zokuthenga impahla noma izidingo, ikakhulukazi esikhathini esifana nalesi esibhekene naso. Kepha lokho kusuke kungeve kuvulelwa umthombo wokweba.
Ngesikhathi kuqala ubhubhane, uHulumeni waphuma inqina ukuqinisekisa ukuthi izitolo nosomabhizinisi abasebenzisi leli thuba ukwenyusa amanani ezinsiza zezempilo kanye nokuya ethunjini. Sonke samshayela izandla uHulumeni futhi sabamba iqhaza ekubikeni ngalokhu lapho kwakubonakala khona lokhu. Kanti asibuzanga elangeni, zikhulu zikaHulumeni zisebenzisa ithuba ukuhlangana nosomathuba ukweba izizimbulu zemali.
Ukugqoza kwezinsiza zokuzivikela (Personal Protective Equipment) kuthinte izikole, izibhedlela imitholampilo nezinye izikhungo zikaHulumeni. Kumanje izikole zivaliwe ngenxa yokwenyuka kwesibalo sothisha nabafundi abatheleleka nababulawa ukhuvethe. Yize lokhu kwenziwe kakhulu obekulindelekile ukuthi igciwane lidlange kakhulu ebusika, kuyiqiniso nokuthi ukugqoza kwezivikeli kunomthelela njengoba bekunemibiko yokuthi kunezikole ebezingazitholi ngendlela.
Yebo kona izisebenzi zezempilo zisuke zikufungele ukusiza umphakathi kodwa zisuke zingafungelanga ukuzinikela ekufeni. Isizwe sinomsebenzi wokuvikela izisebenzi zezempilo lapho abaningi bengayi emsebenzini ngoba kwesatshelwa izimpilo zabo. Izisebenzi zona azikwazi ukukhetha ukungayi emsebenzini ngenxa yokuthi izikhungo zezempilo kufanele zihlale zivuliwe.
Uma kuqhubeka ngale ndlela kungenzeka kufike esikhathini lapho izisebenzi zinqaba ukusebenza. Kuyoba yithi futhi esiyobe sesigxeka lezi zisebenzi sithi zibeka impilo yabantu engcupheni. Siyobe sesikhohliwe ukuthi zingabantu nazo. Akugcini ngokuthi zingabantu nazo kepha izisebenzi zezempilo zinemindeni ezithandayo futhi eziningi yizo ezinakekela le mindeni.
Kulula ukukholelwa ukuthi ukube ukuthengwa nokuhlinzekwa kwamaPPE bekwenzeka ngendlela eqondile ngabe izibalo zezisebenzi zezempilo ezithelelekile ziphansi.
Zonke izimpilo zezakhamizi zibalulekile kepha angikugqamise ukuthi sengathi isizwe asiboni ukuthi kunewa esilengela kulo. Ukuqeqesha izisebenzi zezempilo kuqala eminyakeni emibili kuya kweyisikhombisa. Lapha angikabali odokotela abangama-specialist. Ngabe isizwe siyakuqonda yini ukuthi ngaphandle nje kobuhlungu bokulahlekelwa yizisebenzi zezempilo ezili-180, kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthola abantu abangathatha indawo yalabo asebesishiyile. Nalabo abangathatha leyo ndawo ngabe bayovuma yini ukwenza njalo uma izinsiza zokubavikela emsebenzini zigqoza ngenxa yamasela?
Abezomthetho kungakuhle baphenye ukuthi ayikho yini indlela yokuthi labo ababandanyekayo kulento embi kangaka babekwe namacala athe ukuqina kunalelo lokweba noma ukukhwabanisa noma ukuphula imithetho nemitheshwana yezokuphathwa kwemali. Kungathumela umyalezo oqinile nakwabanye abasacabanga ukwenza lokhu uma abomthetho bengashushisa lezi zigilamkhuba ngamacala athe ukuqina, njengelokuzama ukubalala noma elokubulala ngokungenhloso.
Okunye okungasiza kule ngwadla esibhekene nayo ezweni ukwethula izindlela ezisheshayo zokushushisa abasolwa. Esifundazweni iKwaZulu-Natal kwake kwaba khona izinkantolo ezazikanisa eduze kwemigwaqo emikhulu lapho kwakushushiwa khona labo ababesolwa ngokwephula imithetho yemigwaqo.
Yize lezi zinkantolo zabuye zayekwa ngenxa yokuthi kwathiwa azikho emthethweni, zaba nomthelela omuhle kakhulu. Kungakuhle kuphenywe ukuthi yini eyenza kuthiwe azikho emthethweni khona kuzolungiswa lokho bese kwenziwa ezizoqondana nokuthi kushushiwe abenzi benkohlakalo ngokushesha. Ngeke inkohlakalo nokukhwabanisa kodwa ukwazi ukuthi ngingazithola ngime ebhokisini lommangalelwa kungabethusa abaningi bangalandeli ezinyathelweni zabanye.