Iqiniso lithi singabandawonye kepha kasazani singaboHlanga
UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
Lomuntu owathi libunjwa liseva wembulelwa isibonakaliso esijulile futhi esimi ingunaphakade, njengoba siphila esikhathini sentando yeningi kubucayi ukuqhakambiswa kwamasiko ngoba maningi. Ngoba ugcina ungazi ukuthi yiliphi okumele lisimele siyisizwe lokhu kuphenduka umgoqo ovimbe inqubekelaphambili entuthukweni yemvelaphi yethu.
Ngakho kudingeka amasu amasha angavuselela umuzwa wokuzithanda. Uma kungagqugquzelwa othisha ukuba bathathe izifundo zezamasiko kungaba nomehluko omkhulu ngoba abantwana bethu bengahabula okuyikho. Buka nje uma kungathiwa izingane zaseMpumakoloni zivakashela izikole eKwaZulu-Natal ngenhloso yokuzofundisa ngemvelaphi yazo kanjalo nezaseLimpopo zihambele abeTswana ngenhloso efanayo.
Mhla sezikhulile ngeke ziwexwaye amanye amasiko. Ingaphela lento yokubizana ngamagama azithuko nezici ekubeni singabeNgabade yeAfrika sonke. Impi yobuhlanga idalwa wukwantuleka kolwazi ngathi, mihla le sikhala ngokuthi abezizwe basixovela okwethu kodwa yithi esizizonda size sibekane izici. Akekho umlungu owake wafundisa abansundu ukuba baqambane ngamagama afana nokuthi abanye abantu bayizilwanyana noma izinzule wonke lamagama aqanjwa yithi sicokofulana. Umnyombo walengqinamba wukuthi asifundiswanaga ukubungazana kepha safundiswa ukubekezelelana.
Uma umbuso ngokusebenzisa umnyango wezemfundo ungabeka umthetho othi izikole mazivakashelane ngenhloso yokwabelana ngamasiko nemikhuba lungalukhulu uzinzo esizukulwaneni esilandelayo, ingaphela lento yokwexwayana ngenxa yokungazani singabendlu eNsundu. Lento ingaqala ngezigodi nezifunda ngoba nazo zizodwa zinemikhuba engefani. Uma ungalalela indlela yokuhuba kwabantu baseMgungundlovu nabakwaHlabisa ungezwa omkhulu umahluko, lokhu ke kuchaza ukuthi kuningi esingakufunda komunye nakomunye.
Impi inkulu phakathi kwethu ihlekisana ihlomelene sibanga into engenasidingo ubuHlanga, ngabe yini eyisono ngokuba ngohlukile? Yebo singabe Afrika kodwa izingane zasende linye noma zingaba nenswebu yabazali kepha azisoze zacabanga ngendlela eyodwa, abantu abayi ngenxanye bengemanzi.
Lukhulu esingaluzuza uma singabambisana sihloniphe amasiko ezinye izizwe zase Afrika sifunde khona sizobona lapho sihlangana khona ngokomlando. Ngoba uma ubheka izbhelu ezike zasuka kulelizwe mayelana nobuhlanga zidalwa wukufenyiswa komlando wethu, kanti ukuba besizazi bekuyoba lula ukufunda komunye nakomunye.
Okubuhlungu wukuthi emuva kwezimpi ezifana neyaseSandlwana nezinye eziningi kuliwa nabezizwe zasishiya singenamhlaba singenamfuyo, kodwa sisabanga sodwa sibanga izingqweqwe abanye banqakisana ngamanoni ezwe lethu, yini esiyoyizuza ngokuthi uMzulu uzonda uMxhosa noma uMsuthu akamfuni uMtswana? Izwe lima ngomnotho hhayi ngemikhonto nombayimbayi nezinhlamba lezi esichaphana ngazo.
UMnyango Wezemfundo ungabamba elikhulu iqhaza ekwakheni ubumbano ezinganeni ezisafunda ngokuthi njalo ngonyaka zihambelane bese ziyafundisana ngamasiko azo zihlabelele, zihaye izinkondlo, zikhuze izaga kubuzwane imibuzo ngemvelaphi. Impela ikusasa lethu ngabe lisezandleni eziphephile. Kunezinto ezihamba zihlangane uma ucwaninga amasiko aseNingizimu Afrika, njengokugaywa kotshwala, imisebenzi yokukhunjulwa kwezidalwa uthola kusetshenziswa amagama ehlukene kodwa inhloso yinye.
Inkinga enkulu ngathi wukuthi silinda kuze kushaye izinyanga ezithize ukuze sixoxe ngobumqoka bemvelaphi yethu, silinda izikhathi ezizohlohla inkece emakhukhwini kuyacaca ke ukuthi singenwe yisifo esibi ngoba asinendaba nobuntu bethu. Imali iyafika yedlule kepha isiko nemvelaphi limi ngunaphakade futhi liyifa kwabalandelayo. Impela kungakuhle uma uhulumeni engenza imizamo yokuthi kuvuselwe imidlalo ekhuthaza ukufunda komunye nakomunye hhayi lempi bhidlangile phakathi kwethu futhi engeke isise ndawo.