Now Reading
Usizi lwaboHlanga
Dark Light

Usizi lwaboHlanga

Njengengxenye yokuvakashela izindawo lapho aboHlanga bephucwa khona umhlaba, elaboHlanga lihambele kwaNgcolosi lezwa ngesililo seminyaka

NGesikhathi yonke imilomo ivunana ezweni ngesidingo sokubuyiswa komhlaba kubanikazi bawo, umphakathi ongaphansi koBukhosi bakwaNgcolosi (kwaBhengu) eNtshonalanga yeTheku owasuswa endaweni yawo nguHulumeni wangaleso sikhathi wobandlululo ngesikhathi kwakhiwa idamukazi iNanda Dam ngowe-1987 ukhala ngokulahliswa okwenyongo yenyathi. Ngokuthola kwelaboHlanga sekuphele iminyaka engamashimi ama-30 ungakaze unxeshezelwe futhi uhlaliswe ezindlini ezingamakopi ezidume “ngolindela” ngoba uthi ulindele izindlu owawethenjswe zona nguMnyango Wezomhlaba ngesikhathi ususwa kodedangendlale bendawo ababakhe kuyo befuyile futhi belima.

Ngesikhathi elaboHlanga lilandela lolu daba abathintekayo babalise ngosizi abakulo, abanye balibeka ngembaba elokuthi okwenzeka kubo kwaba ‘wukugcwatshwa bephila’. Yize oZul’azayithole behambele kwaNgcolosi mithathu imiphakathi eyathinteka; okungowakwaNgcolosi ngaphansi kwenkosi uDinabakubo Bhengu, kube aMaqadi ngaphansi kwenkosi uMzonjani Ngcobo kanye naseMaphephetheni ngaphansi kwenkosi uThandizwe Gwala.

Kokunye okukhalisa lo mphakathi ngaphandle kodaba lwesinxephezelo wukuthi njengoba wona wathathwa wayoxhobelana ndawo ndawo, indawo yabo namanxiwa okhokho bawo kuyahwetshwa kuyo kepha bona kabazuzi lutho. Nembala INanda Dam iyinoni kubavakashi abakhokha imali ngokuyivakashela. Nangesikhathi elaboHlanga lihambela edamini bekuyiso leso izivakashi zizipholele. Inkampani uMsinsi Holding nehweba ngegama elithi Msinsi Resorts and Game Reserves yiyo enegunya lokuhweba kuleli damu. Le nkampani ingaphansi ko-UMngeni Water.

Umkhulu u-Amos Hadebe oneminyaka engama-85 nongomunye wabadala kulo mphakathi nonomlando wonke wokwenzeka uzeke udaba oluwusizi lodwa. Ukhale ngokulahlekelwa yikho konke ayenakho okubalwa nezinkomo nenxuluma athi konke kwemuka namanzi. UHadebe owayewuqweqwe lomshayeli wamaloli amade uthi wafika kule ndawo yakwaNgcolosi ngowe-1965.

“Mtanami mina kuvuka umunyu uma ngicabanga ngezinto ezangilahlekela. Phela ngangizisebenzela kahle nginomuzi omkhulu nemfuyo ngalahlekelwa ngisho nangumshini wami wokulima nawo owacwila edamini. Akukhona nje ukuthi ngacoshwa emgwaqeni. Umuntu esikhala ngaye kakhulu iNkosi yethu nayo engasasinakile ekubeni sahlukumezeka,” kuzikhalela uHadebe.

Uqhuba uthi: “Ngalehlekelwa yikho konke enganginakho okubalwa nomuzi wami nezinkomo kanye nezimbuzi. Ngaphinde ngalahlekelwa nayi veni lami lohlobo lakwaFord nalo elamuka nedamu. Ngihlale ngizizbuza ukuthi kanti siyokwakhelwa nini izindlu esasethenjiswe zona nguHulumeni. Phela ngesikhathi sekuthatha uHulumeni wentando yeningi saba nethemba lokuthi uzosilungisela umonakalo owenziwa nguHulumeni wengcindezelo kodwa ngiyaxakeka ukuthi naye akukho asesenzele khona ngaphandle kwezethembiso ezingekho esihlale sethenjiswa zona. Futhi sengiiyabona iningi lethu lizogcina selidlulile emhlabeni singatholanga lutho,” kuqhuba uHadebe.

Umkhulu uHadebe uthe uyajabula ukuthi lolu daba seluzovela kwabezindaba ukuze nesizukulwane singalahlelwa ngumlando wokususwa kwabo. “Mhlawumbe nalo Hulumeni uzosukuma uma esobona lolu daba emaphephandabeni. Lena yinto ekade ngikhala ngayo ukuthi kungani lolu daba lwethu lungaphumeli obala lwaziwe yizwe.”

NoNks uDanisile Ndlela umuzi wakubo owacwila emanzini naye ukhala ngoHulumeni ongasabanakile ekubeni balahlekelwa. “Kwakuthiwe sizonikezwa indawo engamaskwemitha angama-900 (900m2) umuzi ngamunye kodwa manje sekuthiwa sizonikezwa isiqeshana esingama-400m2 umuzi ngamunye. Akusashiwo lutho ngamasimu ethu namadlelo ezinkomo esasinawo. Kumanje silungiselela ukuya ePretoria ukuyokwethula khona izikhalo zethu ngoba iziphathimandla lapha azisisizi ngalutho okubalwa nezikhulu zakwaLand Affairs,” kuzikhalela uNks Ndlela osekomitini lomphakathi elibizwa nge-Area Committee.

Omunye walabo umndeni wakhe owasuswa edamini uMnu uBheki Mbambo ubekhuluma aze afikelwe ngumunyu uma exoxa ngale ndawo nalokho okwenzeka emndenini wakubo neminye eyabe ingomakhelwane: “Mfowethu ukwakhiwa kwaleli damu kwaletha usizi esizweni sakithi njengoba manje iningi lomakhelwane bethu lisantula. Abanye basahlala emathinini nasezindaweni ezehluke kakhulu kunalokhu imizi yawobaba eyabe iyikho,” kusho uMbambo.

UMageza (abakwaMbambo) uqhuba uthi mkhulu umonakalo owenzeka esizweni sakwaNgcolosi nakwezinye izizwe ezabe zikhona ngokwakhiwa kwaleli damu. “Iningi lethu lalahlekelwa yimfuyo, imizi, izitolo namabhodlelasitolo, konke okwemuka nedamu ngenxa yokuthi amaBhunu ngesikhathi kusakhulunywa indaba yokususwa kwabantu wona avele avulela idamu ngenhla lakhukhula yonke into eyayiseduze. Ngikhuluma nje kukhona izitolo, amaliba nemizi elapha ngaphansi edamini. Akukho muntu owaboshwayo ngalesi senzo esinonya sokubhubhisa aboHlanga. Ngikhuluma nje iningi labamnumzane ababezimele kahle balahlekelwa yikho konke baphenduka izimpabanga ngenxa yaleli damu.”

Uyibalile imizi athi yabe yakhele le ndawo kanye nezitolo ezagubuzelwa ngamanzi. Ubale amabhizinisi akwaMbeje, kwaMampengane, nakwaPhewa kanye nesitolo sakwaNyanga.

“Ngikhuluma nje ekhaya kwakunamasimu kulinywe ubhatata nommbila kodwa ingxyenye enkulu yale ndawo esidliwe yinkampani uMsinsi Holdings osuvele wafaka izikhonkwane uthi indawo sekungeyawo. Laphaya (ekhomba) kwakuyinsimu okwakuthiwa kuseMpangisweni umama owayetshala kuyo ummbila,” kusho uMbambo.
“Kulesiya siqhingana esivela emanzini kwakunomuzi kamkhulu uVuma Mbambo, umuzi wakwaMabaso, umuzi wakwaNdlela kanye nomuzi kamkhulu uSigidi Ndlovu, konke okumbozwe ngamanzi. Nomuzi kamkhulu uMpundulu Mbambo nawo wacwila edamini. Kunenqwaba yamathuna abantu aguguleka ambozwa ngamanzi.”

OZul’azayithole baqede cishe usuku lonke bezungeza le ndawo baye bayofika eMolweni lapho eminye imindeni yaxhobelana khona emathinini okwabe kuyizindlu ezethulwa njengezesikhashana. Yize lapha sekukhona intuthuko encane njengemigwaqo nemizi, cishe kuyo yonke imizi ekhona ngemuva kunesikhumbuzo njengoba kunomuzi wethini nje eliwuphawu lomzabalazo wempilo yabantu ababehlala enadweni manje osekuthiwa yiNanda Dam.

Intombi endala yakwaThabethe, uNkk uNtombazana Thabethe oneminyaka engama-87 ilande yaze yacweba izinyembezi ikhumbula lapho isuka khona, kanjalo nomyeni osewahamba emhlabeni.

See Also

“Awu thina mntanami basingcwaba siphila. Ngikhuluma nje inxuluma lami engangilakhelwe ngumyeni wami ongasekho lemuka namanzi ngalahlekelwa nayimfuyo konke okwemuka namanzi. Kumanje ngibhace emathinini nawo avuzayo. Futhi sengiyabona sengizoze ngihambe emhlabeni umphefunulo wami ungakhululekile njengoba sihleli sethenjiswa minyaka yonke ukuthi sizokwakhelwa izindlu. Ngikhuluma nje ngiyabikelwa uma kuzokuna imvula,” kusho intombi endala, ugogo uThabethe.

UNkk u-Eunice Msomi (71) owake waba nasemakomitini abe elandela lolu daba naye ukhala esifanayo: “Ngane yami ngalahlekelwa yikho konke okubalwa umuzi wami namakamelo ayisi-6 nezinye okubalwa namaqhugwane nezinkomo ezili-16 konke okwemuka namanzi,” kuzikhalela uGogo uMsomi.

Kukhona abacosha okuthile

Okuyimpambakwici wukuthi abakwaNgcolosi bakhala nje ezinye izizwe okungaMaqadi nabaseMaphephetheni kukhona abakuzuzayo kepha okungasho lutho ngoba kwasho ukulahlekelwa ngumhlaba. Lokhu kufakazelwa ngumbiko osihloko sithi: The Constriction of the Inanda Dam and Sequent Compensation to the Qadi, Maphephethweni and Ngcolosi Tribal Authorities: District of Ndwedwe: KwaZulu-Natal owahlanganiswa nguMnyango Wezomhlaba, wasayinwa yisikhulu uMnu uSwanepoel, mhla zingama-30 kuMandulo ngowe-1997. Ngaphambi kokwamukela isinxephezelo esiyizigidigidi ezi-R5,6 kwadingeka isizwe saMaqadi sizibophezele kulokhu okulandelayo:

Isizwe saMaqadi asisenakuphinde sifune noma sikhale ngokunxeshezelwa kuHulumeni ngenxa yokwakhiwa kwaleli damu.

Isizwe saMaqadi njengesizwe samukela lesi sinxephezelo ngenhloso yokusisebenzisela ukuba kuzuze isizwe saMaqadi

Nokuthi lesi sinxephezelo esiyizigidi ezi-R5.6 sizofakwa esikhwameni sesizwe ku-akhawunti eseHhovisi leMantshi yaseNdwedwe, nokuthi kuzokhethwa ikomiti elizokwakhiwa amalungu esizwe elizobhekelela ukusetshenziswa kwale mali ukuze kuzuze isizwe.

Okuvelayo ezinkulumweni zamalungu alahlekelwe, wukuthi imali yabe ingekhona konke okwabe kumqoka ngumhlaba oqukethe konke ngabo.

Scroll To Top