Uhilizisane nomqeqeshi wathatha isinqumo sokumehlisela eqenjini elincane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ushovwe ezinganeni umdlali weTS Galaxy FC ozakhele udumo kuMamelodi Sundowns nakuBafana Bafana uSibusiso “Villa” Vilakazi oxabane nomqeqeshi weqembu uSead Ramovic.
ElaboHlanga lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi kusuke esinamathambo ezindlini zokushintshela uRamovic bejikijelana ngamazwi noVilla ngemuva komdlalo weRockets neSwallows FC eDobsonville Stadium, eSoweto.
URamovic uphikwa yimiphumela kuGalaxy njengoba esanqobe imidlalo emithathu emidlalweni eli-16. Iqembu lakhe yilona futhi elisashaye amagoli amancane emidlalweni yeligi kusukela kuqale isizini.
Kuvela izindaba zokuthi usephenduke ibhubesi njengoba exabana nawo wonke umuntu eqenjini.
“Ngemuva komdlalo ubedinwe egane unwabu ngendlela iqembu lakhe elidlale ngakhona kwazise lihlulwe wukudla iSwallows FC ingasaphelele. Uhlulekile wukuzibamba ngemuva komdlalo wakhwela wadilika kubadlali bakhe,” kuchaza omunye wabadlali abagijima kumaRockets.
UVilakazi ujoyine iGalaxy ekuqaleni kwesizini ngemuva kokuhlukana neSundowns ekupheleni kwesizini edlule.
“Ngemuva komdlalo ugxeke uVilla ngokungazinikeli ngokwanele. Ukhale ngokuthi akayilandelanga imiyalelo yakhe. UVilla ngokunengeka ube eseyamphendula. Umbuzile umqeqeshi ukuthi bekumele enze njani ngoba nguyena othe akahlale ebhokisini kanti ibhola belingafiki. URamovic uziphendulele ngokuthi bekumele aphume ezikhaleni. UVilla ukhale ngokuthi ubezophuma kanjani ezikhaleni ekubeni iSwallows ibigcwele yonke emuva,” kuqhuba omunye umdlali obesezindlini zokushintshela.
UVilla ulizwa ngendaba ijezi ngaphansi kukaRamovic. Ungene ngesiwombe sesibili bebhekene neSwallows eDobsonville. Kuze kube yimanje akakaze alithole igoli.
“Ebusuku uVilla uthole umyalezo wokuthi angalubhadi eqenjini elikhulu leGalaxy kodwa akaye kojima nezintwana ezidlala kuDSTv Disiki Challenge,” kubeka lo mthombo.
UVilla akazange ajime neqembu elidala leGalaxy kulona lonke leli sonto. Leli phephandaba liphinde lathola izindaba zokuthi akayona ingxenye yeqembu leGalaxy eliyodlala neCape Town City emdlalweni weligi namuhla ngo-7.30 ebusuku.
“Omunye umdlali ushovwe eqenjini elidlala kuDDC ngu-Aphelele Teto. Ubuyiselwe kuDDC. Ngesikhathi uRamovic ethethisa uLifa Hlongwane emsola ngokudlala umbozo nokushaya izitayela ezingayindawo uTeto ube esehleka kancane. Yilapho-ke kusuke khona indaba. Uvele washiya uHlongwane wangenela umfana omncane. Uthe ngeke aphinde adlale eqenjini elikhulu esakhona kuGalaxy. Ugcizelele ngokuthi umphindisela ku-Ashley Makhanya kuDDC,” kuchaza umthombo.
IGalaxy izobhekana neCity ngaphandle kwabadlali abamqoka okubalwa kubona uLindokuhle Mbatha, uBathusi Aubaas, uMelusi Buthelezi, u-Ebrahim Seedat noJunior Traore.
“Usefana nebhubesi uRamovic. Ulwa nawo wonke umuntu eqenjini. Unolaka olubi kabi kulezi zinsuku. Abadlali bayakhala nangokuthi basemasoseni. Akafuni kuphunyulwe. Yingakho abadlali belimala ngapha nangapha. Abanye ufuna badlale belimele.” kusho omunye wabasebenzi.
UMinenhle Mkhize obhekele ezokuxhumana kuGalaxy uzichithile lezi zinsolo.
“UVilla ubengekho ejimini ngenxa yokuthi kunodaba lwangasese oluthinta yena uqobo. Akakaze axabane nomqeqeshi. UTeto yena ungumdlali weDDC. Kwesinye isikhathi ujima neqembu elikhulu kanti kwesinye isikhathi abuye ajime neDDC. Kuleli sonto ujime neDDC. Akukhona ukuthi umqeqeshi unolaka kodwa yinto ejwayelekile ukuthi imiphumela ingaqhamuki abaqeqeshi banyukelwe umoya.” kuphetha uMkhize.
UVilla kungenzeka agcine eyiqhamula inkontileka yakhe neGalaxy ngemuva kwegxabano yakhe noRamovic.