Now Reading
Izindlela ezingalandelwa ukuvimbela ukuhlukunyezwa emsebenzini
Dark Light

Izindlela ezingalandelwa ukuvimbela ukuhlukunyezwa emsebenzini

Kowandulela lona umbhalo, sasethembisile ukuthi sizoqhubeka nalesisihloko. Siqhubeka nokuchaza izinhlobo zokuhlukemeza emsebenzi njengoba zichazwe ngumthetho.

Nizokhumbula ukuthi sasichazile ukuthi uHla Lwezibophezelo Zokuziphatha Kahle Ekuvimbeni Nokuqeda Ukuhlukunyezwa Emsebenzini, selubopha ngabhande linye zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa emsebenzini okuxuba nezokuhlukunyezwa ngezizathu zokucwasa ngokobuhlanga. Phela ngaphambilini loluHla lwalukhuluma ngokuhlukunyezwa ngokocansi kuphela. Kodwa manje akusenjalo.

Siyaphinda futhi ngokwexwayisa ukuthi baningi abasazoxoshwa noma behlawuliswe kanzima ngokwephula lomthetho omusha ngesizathu sokuthi kabawazi futhi bengakuboni ukubaluleka noma ubungozi bomthelela wawo.

Siqagule ukuthi zizobaningi izigameko namacala okuhlukumeza ngezizathu zokucwasa ngokobuhlanga. Phela umlando wezwe lethu uyaziwa ekubandlululeni ngokobuhlanga. Futhi leyonsehle nomsanka kulokhu kuqubuke njalo yize sesathola inkululeko.

Umehluko manje ukuthi naboHlanga abayizigilamkhuba sebandile, kanti phambilini kwakuvame ukuba aboHlanga babe ngabagilwa esikhathini esiningi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthetho Wezobulungiswa Kwezokuqashwa unombolo-55 we-1998, ubala nobuhlanga njengesinye sezizathu zokubandlulula nokucwasa ezingavumelekile. Ukucwasa ngokobuhlanga kuxuba nolimi olucwasayo okuphambene nezimiso-nqangi zoMthethosisekelo Weze ikakhulukazi lezo zokungacwasi ngokobuzwe, zokulinga kwabobonke abantu, nezokuhlonishwa kwesithunzi somuntu.

Kuyisenzo esingafuneki esilimazayo emoyeni, esehlisa isithunzi, esihlukumezayo futhi esidala isimo esinenzondo nesesabisayo ebudlelwaneni basemsebenzini. Isenzo sokuqonela esihlose ukuthi umgilwa ancethezelele isigilamkhuba noma esihlose ukwesabisa ukuthi umgilwa uzovelelwa ngokubuhlungu uma engathobeli lokho kuhlukunyezwa.

Lesisenzo kungaba ngesenzeka nqo noma ngesigigiyelayo. Futhi kungaba ngesenzeka kanye kuphela noma ngesiqhubekayo, koyedwa noma kubantu abaningi.

See Also

Ukucwasa ngokobuhlanga kuyenzeka futhi ngokukhuluma, noma ngezenzo noma ngezimpawu, nangolimi olulumelayo olunamagama obuhlanga. Ngezifenqo, nangokubhinqa, noma ukugigiyela kobuhlanga kanye nangezithombe ezinobuhlanga. Ukubiza ngamagama anenzondo yobuhlanga noma ukuphendula ihlaya ubuhlanga obuthile; ukukhipha inyumbazane nokuqonela omunye ngokobuhlanga. Konke lokhu kuwukuhlukumenza ngokobuhla okungekho emthethtweni.

Konke ukuziphatha okunalezimpawu kuthathwa njengokungafuneki futhi okungemukelekile ngoba kwehlisa isithunzi ngokoMthethosisekelo. INkantolo YoMthethosisekelo yanquma ukuthi emacaleni okuhlukumeza ngokobuhlanga, kufanele kubhekwe futhi nomlando wokucwasa ngokobuhlanga owawugunyazwe ngumthetho wobandlululo kunye nomthelela wakho omumi kulabo ababehlukunyeziwe.

Lokho kwaba yisinqumo ecaleni le Rustenburg Platinum Mine v SAEWA obo Bester and others (2018) 39 ILJ 1503 (CC). Owesilisa wohlanga olumhlophe wayebize owohlanga olumpisholo ngegama eilithi “Swartman” noma “indoda emnyama” ngenkathi ecelwa ukuba esuse imoto yakhe lona omhlophe, lapho ayeyimise khona.


UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.

Scroll To Top