Usizi lwaboHlanga: Izikhukhula zisembule inzinqe


Isimo sezulu sifake usawoti esilondeni phezu kosizi lowoHlanga. Siphenyeke izinqe ngengqalasizinda engekho esimweni. Le mvula ebihlasele kuthiwa ngengakaze ibonakale ngesikhathi esedlule, imvula ene isikhathi esincane kodwa yenze umonakalo ongayiwa. Ngoba uma uthi uyabheka ezikhathini la ebesibhekene khona noDamoyi we-1987 imvula eyadala umonakalo ocishe ufane nalo, kodwa umehluko usekutheni yana isikhathi eside. Futhi uma uthi uyayibuka le mvula, uDamoyi kwakugcwala imifula bese kuba nezikhukhula kodwa kulesi sikhathi esikusona kuvele kwenzeka izinto ezingajwayelekile ngempela.
Yebo ukugcwala komfula kukhona, izikhukhula bezikhona, ahamba amabhriji, bekukhona lokhu esikujwayele kodwa lokhu esikubone kwenzeka ukufuduka kwenhlabathi; ukusuka kwenhlabathi ingaguguleki kodwa ivele engathi iyahamba noma nayo engathi inomphefumulo noma iwumuntu ngendlela ehamba ngayo.
Isibonelo: kunemigwaqo ehambile, kunenhlabathi esuke yazovala umgwaqo, bese kuba khona indawo la okusuke khona umuzi, waguguleka wahamba ungawile wayohlala wathi cababa emgwaqeni. Into esobala ithi akekho umuntu obengaba namandla okuthi avimbe lo monakalo obuwenzeka. Sibonile esinye isigameko lapho khona umuzi uvele washona phansi, ukuthi uyaphi phansi, awazi.
Ngokujwayelekile abantu bebehamba namanzi ngendlela yokuthi bazoguguleka ngoba kade bewela umfula baminze; kodwa okwamanje sibone abantu behamba namanzi ebathatha ezindlini lapho kufanele ngabe baphephile khona. Sibone abantu bethathwa amanzi kade belele, okusho ukuthi cha isikhathi esikusona besinzima kakhulu. Sijwayele ukuthi abantu abakhe eduze komfula, ibona abebeba nenkinga kakhulu kodwa kulesi sikhathi bekungadingi ukuthi kuze kube nomfula omkhulu noma ngabe mncane ukuze kuhambe abantu, abantu bebezihambela nje namanzi.
Mhlampe ukuguquka kwesimokade sezulu sesikubona kabusha ke manje sesikubona eduze sesikwazi ukuyithinta nangesandla ngoba ngicabanga ukuthi wonke umuntu uyibonile. Uzokhumbula ukuthi ukhulunywa ngokuguquka kwesimokade sezulu akuyona into okuqalwe kulezi zinsuku, kwaqala le emuva mhlampe ngowe-1999, kodwa manje sekuyavela ukuthi mhlampe ivangeli lokuguquka kwesimokade sezulu alishunyayelwanga kahle ngendlela yokuthi lifike kubantu phansi ukuthi bekwazi ukuphila naso beyazi le nto.
Asenzeni isibonelo, uyabona uma kufika isandulelangculaza nengculaza, yakhulunywa yaba kude nathi, yakhulunywa isiseduze nathi, manje sesiphila eduze kwayo umuntu uyayazi futhi uyayiqonda kahle ukuthi yini ingculaza. Kwaba khona isimo esiseduze ukhuvethe, efike ngowezi-2020 kodwa ngendlela eyenza umonakalo ngayo kwaphoqa ukuthi behla beze kithi phansi bazofundisa ngayo.
Uyabona ukuthi abantu abaningi sebeyaqonda ukuthi yini ukhuvethe. Okusho ukuthi leli vangeli lokuguquka kwesimokade sezulu likhulunywa kulawa mazinga aphezulu lapho kubanjwa khona imihlangano kuphela e-ICC, ayehli kahle ize phansi. Kusho ukuthi impela lokhu kwesimokade sezulu besingakalitholi iklasi eliqondile lapho ubona khona uHulumeni ehla ezofundisa ngalesi simo lesi – kunesikhala esisele lapho.
Bekuwukuthi kulesi sikhala bekuzofundiswa ngokuguquka kwesimokade sezulu ukuthi kufanele siziphathe kanjani, kufuneka singawungcolisi umoya njengoba kusuke kukhulunywa. Bekufanele ngabe manje umuntu uma ezokwakha sesikhona isithombe esigcwele sokuthi kufanele wakhe endaweni enjani, bekufanele engabe sekunamahhovisi lapho siya khona siyobheka ukuthi indawo ethile ikufanele yini ukuthi kwakhiwe kuyona.
Bekufanele ukuthi sekukhona imikhankaso ezoba khona kuhanjwa umuzi nomuzi kufundiswa abantu abakhe ngasemfuleni, kufundiswa izinhlangano ezimele abantu abathize kube izona eziqhuba leli vangeli ukuze ngelinye ilanga ingasifici lento isibambe singanakile.
Bekufuneka kubhekwe indawo lapho kungcwatshwa khona ukuthi amathuna abekwa endaweni enjani kodwa uyabona ukuthi ucwaningo lalapho alunakiwe ngoba uzobona amathuna esezintabeni, esemagqumeni, esendaweni oyibonayo ukuthi ayikho kahle ukuthi kungafihlwa abantu lapho. Yivangeli leli ekumele lishunyayelwe kakhulu, sisalindile ukuthi bakhona abazosicubungulela ukuthi engabe yini edale ukuthi lezi zikhukhula zigxile kakhulu enhlabathini.
Ingqalasizinda iyona esiphenye izinqe, sisehlane, akunamelusi, ngoba kucacile ukuthi akekho umuntu onesiqiniseko esifundazweni iKwaZulu-Natal sokuthi iyiphi ingqalasizinda edinga ukuhlolwa, nokuthi eyiphi ebekufanele ihlale isikhathi esingaka kodwa ayihlalanga leso sikhathi nezizathu.
Okusha nokudala kuhambe namanzi, bekungeke sikuvimbe lokho kodwa into ebesizokwazi ukuyenza ukuthi sibe nenhlansi eshoyo ukuthi amabhriji esingawaqapha angahamba namanzi imaphi. Bekungalekelela ukuthi yonke ingqalasizinda yaseNingizimu Afrika ihlolwe, kwaziwe amabhriji nemigwaqo engahamba namanzi ukuze kulungiswe indawo yesiphephelo kuthi uma kufika izikhukhula kwaziwe iziphi izindawo eziyisishozi sezingozi, ikakhulu lapho kumele kususwe abantu bafakwe ezindaweni eziphephile
Lena eyengqalasizinda akuyona into entsha ngoba siyiqale ngowezi-2019 senza uN3 eCamperdown ibhriji lakhona ngasemchezukweni weMlaza Road ngihamba nonjiniyela oyimele siyolibukisisa eduze ngoba selakhiwe iminyaka eminingi kodwa into ebonakalayo uma ulibuka phezulu ophahleni lwalo uyalibona ukuthi ngendlela ehwayeke ngayo seliyingozi kungenzeka ukuthi kungekudala liwe.
Ngenza elinye ibhriji eWeenen elifushane abantu sebehambe namanzi, senza namabhriji aseNkandla naseMsinga awakhiwe ngendlela engagculisi kahle. Konke esakuthola sakubuyisela emnyangweni kodwa konke lokho bakushaya indiva. Enye into esicindezelile nesazosicindezela ukuphuza ukuzwa, ukuba nezindlebe eziwugqinsi kubantu abaqondene nalowo mnyango, Sike sahlola izindawo ezinengozi kakhulu sisuka ePietermartizburg siya eKokstad sahamba nombiko sawunika umnyango kodwa namanje asikaze siyithole impendulo.
Lesi simo sezulu sisazosiphinda uma kuwukuthi abantu okufanele ngabe bayalalela ibona abanezindlebe eziwugqinsi, umsindo awusheshi ukufika kubona noma ufika emva kweminyaka ethize.
Ingqalasizinda kumele kube nomuntu ozoyazi ekhanda lakhe ukuthi uma kungathiwa kufika imvula, athi abantu abasebenzisa ibhriji elithile nomgwaqo othile kungenzeka babenenkinga. Singabi abantu engathi siyizinyamazane sivuswa imvula lapho esilele khona, kodwa abantu abahlelekile abahlelayo bayakwazi ukuthi lokhu kuzosishaya ngokuhamba kwesikhathi, asikwenze kanje.
Umthandazo wami ukuthi izinsiza zokulekelela laba abakhahlamezwe izikhukhula sengathi zingafika kubona ziphelele.