Amachaphazelo empi yeRussia nawasentshonalanga



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.



Ukucija kwemikhonto phakathi kwamazwe asentshonalanga kanye neRussia sekuphindisele emuva okuningi obekungathi kuyafufusa emazweni ehlukene. Uma kuqala ishuminyaka kube sengathi impi endala yomshoshaphansi (cold war) phakathi kweRussia ne-United State of America (USA) iyaphela. Lokhu kufakazelwe wukwanda kohwebo nokuxhumana komengameli balamazwe.
Yize noma yabe ihlekisana ihlomile, umhlangano kaMengameli uBiden noMengameli uPutin eGeneva ngoNhlangulana wezi 2021 wadala ithemba lokuthi izitha zakudala zingahle zidle ogqokweni lunye.
Konke lokhu kubhuntshile emuva kokuba lamazwe esezithola engqubizana ngodaba lwase-Ukraine. I-USA isola iRussia ngokuba yibhoklolo elizama ukuzenzela nje ezweni elincane nelingenamandla njenge Ukraine. Ngakolunye uhlangothi uPutin umile ekutheni amaMelika yiwo ayimpethu exova amazwe akhelene nayo ukuze ayifukele. Ithi i-Ukraine iludibi nje lamazwe asentshonalanga aphehla uzwathi ukuze amandla nohlelo lokugwamanda nokuqhoqhobala iminotho yamanye amazwe lungaphazamiseki.
Kulempi esidonse isikhathi ebesingakaze sicatshangwe kubukeka izinhlangothi zombili ziqhubeka nokuba nomhuzuko. IRussia okuyiyo eqale ngokuhlasela ibambeke ogibeni lwempi ebingayihlelile ngokwezimali nokufa kwabantu. Eqala eyiphaka uPutin wathi ujuba nje ibutho elizongena liphume kube sekuphelile. Kabuzanga elangeni njengoba impi lena seyenze izwe lakhe lahlala lubhojozi njengoba liqaphe ukuthi kungenzeki phutha lokuba lehlulwe.
Khona manjalo enye injolozela ibheke ekutheni akukho ogovuza abantu ukuba bavukele umbuso njengoba izihonga zingekho zisempini. Imizamo yokusoconga uPutin phakathi eRussia nokubulawa ngebhomu elabe linanyekwe emotweni yendodakazi yomuntu othathwa njengomhlobo omkhulu kaPutin nomeluleki uMnu u-Alexander Dugin kwaba wubufakazi kwalokhu.
Zimabokoboko zombili
Nawase ntshonalanga nabahlobo bawo ayabhubha ngumbongozini njengoba iRussia iqinisa ngemicibilisholo ekhafula imililo e-Ukraine. Lokhu kubhubhisa inqgalsizinda yezwe kakhulukazi izindawo zokuhlala kanye neziphehli zikagesi nokuyosho ukuthi kuzothatha isikhathi ukuba leli yazwe lisimame ngakwezomnotho.
Nayo i-Ukraine iphoxekile njengoba ngomlomo kaMengameli wayo uVolodymyr Zelenskyy wayethi ukulanda kwakhe amazwe asetshonalanga eholwa yi-USA kuzothithibalisa iRussia.
Ngokwezibalo eziqinsekiswe kuhulumeni waseUkraine izakhiwo ezihlala abantu ezibalelwa ezi-140 000 zicekeleke phansi selokhu yaqala impi. Ngokusho kwabakwa Ukrenegro okuyinkampani kagesi e-Ukraine iziphehli bandla zilimale kakhulu nokwaholel ekutheni abantu ababalelwa ezigidini eziyisithupha bangabi nawo ugesi.
Obunye ubuhlakani beRussia kulempi wukujezisa abaseka i-Ukraine kakhulu labo abasetshonalanga ngokunqamula ukugeleza kwegesi neshisisa izindlu, ikhanyise izimboni ukuze umkhiqizo ubekhona.
Lokhu akugcinanga lapho kepha nomnotho nje wamazwe uthintekile njengoba kwezinye izingxenye kungahambi lutho. Amazwe nje anagaphansi kwe-European Union (EU) athwele kanzima njengoba ethe answinya yiRussia nayo yaphindisela ngokunqamuka ukugeleza kwegesi, nokwenzeka ngeskhathi esinzima sasebusika.
Lempi ingaba kude kepha iyawathinta namanye amazwe njengoba intengo kawoyela nophethiloli emhlabeni yenyukile. Lesi simo sicijisa imikhonto phakathi kohulumeni nezakhamizi njengoba kukhuphuka amanani cishe azo zonke izinto ezweni uma kuthinteka intengo kaphethiloli.
Nonyaka wezi-2023 akubukeki lempi izophela kepha kunalokho kubukeka zombili izinhlangothi zizozama ukubeka isithombe sokuthi ziyanqoba. Khona lapho kuzoba khona abakhongi nxa zonke abazoqala izingxoxo zokuba kwehle noma kuphele ukuze ‘isimo sibuyele kwesejwayelekile’. Ukungapheli kwayo kusho nokungapheli kwezinkinga zomnotho wamazwe.