Amazwe ama-Arabhu aseziphendule abadlali abamqoka
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umlando wamazwe; ukwakheka kwawo, izimpi, ohulumeni kanye nenkolo awuphelele uma ungavezi ubukhona kwemibuso, ohulumeni bama-Arabhu nenkolo yobusulumane. Nonyaka nje elinye lamazwe amqoka kuma Arabhu iTurkey igubha iminyaka eli-100 yaba yirepublic ngonyaka we-1923. Lena yingxenye nje yomlando walelizwe elinomlando omude kusuka abantu bakhona befuduka enkabeni ye-Asia bebumba ubukhosi obahlukene okufaka obamaSeljuk kanye nokwabakwa Ottoman okwasungulwa e-Anatolia ngumbusi waseTurkey u-Osman ngowe-1299.
Namuhla kwipolitiki yesimomazwe kanye nepolitiki yezomnotho ngeke uwazibe amazwe, nohulumeni bama-Arabhu. Yibo abaqala nabaqeda izimpi, abatshala izimali emazweni abo nangaphandle nasebeqale ukuhola ezinhlakeni eziningi zamazwe. Namuhla ohulumeni bama-Arabhu bangama-22 kusuka eMiddle East naseNyakatho ye-Afrika: e-Algeria, eBahrain, eComoros Islands, eDjibouti, e-Egypt, e-Iraq, eJordan, eKuwait, eLebanon, eLibya, eMorocco, eMauritania, e-Oman, ePalestine, eQatar, eSaudi Arabia, eSomalia, eSudan, eSyria, eTunisia, e-United Arab Emirates naseYemen.
Kusobala ukuthi labo hulumeni basemkhankasweni abawenza behlangene noma ngabodwana. Lona ngumkhankaso wokuveza umhlaba owehlukile kunalo owejwayelekile noholwa ngamazwe asentshonalanga. Lokhu okwamanje basakwenza ngempumelelo. Ekupheleni nje konyaka owedlule eQatar kusetshenziswe iNdebe yoMhlaba, sonke sivezelwe ubuhle, imali nosiko-nkolo lwamasulumane nokuhleleka kohulumeni bama Arabhu.
Amazwe ama-Arabhu aphethe umnotho omangalisayo oningi lawo livela ekuhwebeni ngo woyela. Iningi lawo liyingxenye ye-Organization of the Petroleum Exporting Countries (OPEC) neyasungulwa ngumhlangano iBaghdad Conference ngoMasingana ngowe-1960, yilamazwe alandelayo i-Iran, i-Iraq, iKuwait, iSaudi Arabia neVenezuela.
Muva nje elinye lalamazwe iSaudi Arabia ithuse awasentshonalanga uma iNkosana uMohammed bin Salman ephakamise ukuthi iSaudi Arabia ingahle ijoyine iBRICS eyenziwe ngamazwe eminotho ethuthukayo okuyiBrazil, iRussia, i-India, iChina neNingizimu Afrika. Uma lokhu kugcina kwenzekile kungasho ukuphazamiseka kobuqhude beMelika namazwe aseNtshonalanga kusho nokuphazamiseka kwedollar emhabeni ngoba aba-Arabhu angayifukula iBRICS.
Khona lapho iTurkey isiphenduke umdlali omqoka kwipolitiki yaseYurophu futhi iyadlondlobala kwezempi ngaphansi kuka Mengameli uRecep Tayyip Erdoğan. Ngakolunye uhlangothi i-Iran igwajisa awaseNtshonalanga nenuzi enayo. Okwamanje ohulumeni bama-Arabhu bayisithako esinambithekayo kwipolitiki yesimomazwe nepolitiki yezomnotho nokuyinto okubukeka isekude ukuguquka.