Bazohlanza konke abasolwa kwelokuphangwa kweposi
UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Sebephenduke ofakazi bombuso abasolwa abathathu kwabayisikhombisa ababoshwe ngempelasonto amaphoyisa aseMaluti e-Eastern Cape ngecala lokuphanga behlomile iposi lakuleya ndawo.
Kuthiwa abasolwa bagasele eposini bafika bakhomba izisebenzi ngezibhamu mhla zingama-28 kuMandulo bathatha imali isamba sayo esingadalulwanga bashaya bachitha.
Kuvela ukuthi ngaphambi kokubaleka bashaya balimaza kanzima umphathi weposi, osesimweni esibucayi esibhedlela esingeke sidalulwe ukuvikela impilo yakhe njengoba engomunye wofakazi abaphambili kuleli cala.
Abasolwa babekwa amacala okuphanga, ukuthumba nokuzama ukubulala.
Baboshwe nezibhamu ezintathu i9mm norinco, i-38mm revolver, esokuzakhela ebesinezinhlamvu kanye nemoto eyiveni okubikwa ukuthi bebegila ngayo le mikhuba. Omunye wabasolwa ucele ukudedelwa ngebheyili waveza ukuthi unebhizinisi futhi unakekela izingane ezimbili noninakhulu.
UKhomishana Wamaphoyisa, uLieutenant General Liziwe Ntshinga, ukushayele ihlombe ukusheshe kuboshwe abasolwa wathi lokho kuyasiza ukuthi kutholakale ubufakazi ukuze abasolwa basheshe bagwetshwe.