Now Reading
Ufuna ukubonga uFohloza ngokwenza kahle enkundleni
Dark Light

Ufuna ukubonga uFohloza ngokwenza kahle enkundleni

Umdlali wasesiswini waMaZulu FC uHendrick Ekstein, ufunge wagomela ukuthi ngeke amphoxe umqeqeshi uRomain  “Fohloza” Folz ngemuva kokumnikeza ithuba lesibili lokugijima kuleli qembu. 

U-Ekstein noThabo Qalinge bangabanye babadlali ababe bengekho ezinhlelweni zikaBrandon Truter, obeqeqesha leli qembu phambilini. Laba badlali baqoma ukuba baziqeqeshe neqembu la-AmaZulu FC  eligijima kuDStv Diski Challenge (DDC).

Lo mdlali oyibamba esiswini ube nomdlalo omuhle ngeledlule, yize Usuthu luhlulwe ngamagoli amabili eqandeni iRoyal AM koweligi. Indlela adlale ngayo u-Ekstein ushiye abaningi bengawuvali umlomo kanti noFohloza uhlabeke umxhwele.

“Ngijabule ukuthola elinye ithuba ngiqhamuka kwi-DDC. Umqeqeshi uthe kufanele ngikhombise ukuthi ngiyalazi ibhola, engikwenzayo ngenzela yena njengokubonga ukuthi uyakholelwa kumina. Engingakwethembisa abalandeli ukuthi ngizosebenza kanzima, uma ngithola ukwesekwa ozakwethu nomqeqeshi okholelwa kumina nginethemba lokuthi kuningi okuhle okuzokwenzeka. Kodwa-ke akukho ngami, akumele kwenze kahle mina kuphela, kepha iqembu lonke” kusho u-Ekstien. 

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-32, unengcindezi yokujabulisa iqembu njengoba inkontileka yakhe izophela ngoNhlangulana nonyaka, uthe uhlela ukusebenzisa isipiliyoni sakhe ukuze enze kahle.

“Akuyona into entsha eyenzekile. Sengijwayele, nalapho bengikhona ngaphambilini kwenzeka. Ngeke ngibale qembu, kodwa nakhona ngake ngaziqeqesha neqembu elidlala kwi-DDC ngisuka eqenjini elikhulu. Ngakho-ke yinto engiyijwayele. Konke kumayelana nengqondo eqinile nokwazi ukuthi yini oyifunayo. Kimina bekungeyona into enzima” kubeka u-Ekstein. 

See Also

U-Ekstein naye ugculisekile ngendlela adlale ngayo ngesikhathi bebhekene neRoyal Am futhi unethemba lokuthi uzoqhubekela phambili emdlalweni olandelayo. Kolandelayo Usuthu luzodlala neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium, emdlalweni ozokuba kusasa ligamenxe elesi-7 kusihlwa. 

“Uma ngikhuluma iqiniso, bekunzima ngemuva kokuphuma isikhathi eside. Izinyanga eziyisithupha ziningi, kodwa kwadingeka ukuthi ngijule bese ngisebenza kanzima. Besiziqeqesha kahle kakhulu kanti ne-pre-season nayo ibinzima. Ngijabule ngokuthi sikwazile ukudlala ngendlela esidlale ngayo. Kufanele sisebenzise amathuba phambili” usho kanje.

Scroll To Top