Now Reading
Uzimisele ukusebenza uMengameli wezwe yize izwe lidunguzela
Dark Light

Uzimisele ukusebenza uMengameli wezwe yize izwe lidunguzela

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi njengoba izwe lizama ukushintsha amandla alo ahlukahlukene, ukukhetha amandla enuzi akubekiwe ezithebeni.

Ubekhuluma nezintatheli eceleni komhlangano we-7th SACU obubanjelwe eGaborone, eBotswana ngoLwesine. Umhlangano wosuku olulodwa ubizelwe ukudingida izindlela zokukhuphula ukuthunyelwa kwempahla kanye nokutshalwa kwezimali emazweni amahlanu angamalungu eSACU ahlanganisa iNingizimu Afrika, iBotswana, iLesotho, iNamibia kanye noMbuso wase-Eswatini. Phambilini uNgqongqoshe Wezimbiwa Nezamandla uGwede Mantashe uthe amandla enuzi ayadingeka njengengxenye yenguquko eluhlaza kanye nokulwa nenkinga yamandla ezwe. 

Lezi zitatimende ezishayisanayo ziza njengoba inkinga kagesi ishuba njengoba i-Eskom iqala ukusebenzisa isigaba sesithupha sokunqanyulwa kukagesi izikhawu kusukela ngoLwesibili. UMengameli uRamaphosa uthi nakuba amandla enuzi ebukeka ekhanga ukusiza izwe linqobe izinkinga zokuphehla ugesi, iNingizimu Afrika ngeke ikwazi ukuyikhokhela.

Uphinde wanxusa izikhulu zakwa-Eskom nezinyunyana zabasebenzi ukuthi bayeke ukugxekana futhi bagxile ekutholeni isixazululo esitelekeni esiqhubekayo ukuze kugwenywe ukucwila kwezwe enkingeni kagesi. Kusolwa nalesi siteleka samaholo njengoba isimo sibheda kakhulu njengoba kunezinsolo zokucekela phansi nokusatshiswa kwabasebenzi abatelekile. URamaphosa uthi amaqembu kumele akubeke eceleni ukungaboni ngaso linye abeke izwe phambili.

See Also

URamaphosa uthi uzimisele ngokusebenza yize kusanefu elimnyama phezu kwakhe ngepulazi lakhe.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi naphezu kokungezwani kwezombusazwe okuvela esikhalweni sobugebengu abekwa sona ilowo owayengumholi wezinhloli u-Arthur Fraser uthi umsebenzi wakhe wokuqala wukusebenzela abantu baseNingizimu Afrika. URamaphosa uthe uzoqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe ngaphandle kokuphazanyiswa.

Scroll To Top