UTau usengumgadli we-Al Ahly ngokusemthethweni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uHugo Broos ngesikhathi ethula iqembu elizodlala imidlalo yokuhlungela umqhudelwano weNdebe YoMhlaba ezokuba seQatar ngonyaka ozayo ukhale ngokuthi kuyamkhathaza ukungadlali kukaPercy Tau.
UTau ubelizwa ngendaba ijezi eqenjini lakhe lase-England eligijima ku-English Premier League (EPL) iBrighton & Hove Albion.
“Nginethemba, lokuthi uTau uzoyishiya iBrighton athole iqembu elisha azofike adlale kulona. Uyisithenjwa seNingizimu Afrika, uma engadlali kuzoba nzima ukuthi abizwe eqenjini lesizwe. UTau ungumdlali omkhulu ukuthi kungathiwa ijezi into ayizwa ngendaba” kusho uBroos.
UBroos iphupho lakhe lifezekile njengoba uTau esengumdlali weqembu lase-Egypt i-Al Ahly. UTau ujoyina i-Al Ahly nje kade imugaqele, ezinkundleni zokuxhumana kuvelile edlala ngebhola enkundleni iMokhtar El Testh Stadium.
UTau oneminyaka yobudala engama-27 uzofike ahlangane noPitso “Jingles” Mosimane okade emqeqesha kompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns.
UMosimane noTau besebenza ndawonye banqobe iligi kabili ngesizini yangowezi-2013/14 nangesizini yangowezi-2017/18, iNedbank Cup ngeyangowezi-2014/15. iTelkom Knockout ngowezi-2015. Banqobe umqhudelwano omkhulu e-Africa iCaf Champions League ngonyaka wezi-2016 neCaf Super Cup ngonyaka wezi-2017.
UMosimane yena kusukeka efikile ku-Al Ahly, nafike kuyona ngoMandulo nyakenye usenqobe izindebe ezinhlanu kubalwa nomqhudelwano weCaf Champions League wangesizini edlule nalapho behlula khona iKaizer Chiefs kowamanqamu ngamagoli amathathu eqandeni.
UTau amaqembu agijime kuwona iWitbank Spurs yakuleli, iRoyal Union Saint-Gilloise, Club Brugge ne-Anderlrcht okwamaqembu ase-Belgium.
I-Al Ahly isayinisa uTau nje inethemba lokuthi ngesizini ezayo izokwazi ukuphuca izimbangi zayo iZamalek isicoco seligi. IZamalek ibe ngompetha be-Egyptian Premier League emva kokuthi ibhaxabule i-El Entang El Harby ngamagoli amathathu eqandeni emdlalweni obungoLwesibili, i-Al Ahly kanti yona idlale ngokulingana ngamagoli amathathu nhlangothi zombili ibhekene ne-El Gouna.
IZamalek inamaphuzu angama-79 kanti i-Al Ahly yona inamaphuzu angama-73, noma kuthiwa iyanqoba okokugcina iRed Devils (i-Al Ahly) kowokugcina ngeke kusayisiza ngalutho.
Isiyonke imidlalo yokugcina ye-Egyptian Premier League yokugcina ihlelwe kanje:
Kusasa ngoLwesihlanu
iCeramica Cleopatra ne-Ismaily ngele-19:00
iNational Bank neZamalek ngele-21:00
i-Al Ahly ne-Aswan ngele-21:00
NgoMgqibelo
iPyramids neGhazl El Mahall ngele-17:00
iSmouha neMisr Lel Makkasa ngele-17:00
i-El Entang El Harby neWadi Degla ngele-19:00
i-Al Mokawloon ne-Al Ittihad ngele-19:00
i-ENPPI ne-El Gouna ngele-21:00