Now Reading
Kuye ngamagama enkehli kowamanqamu eQatar
Dark Light

Kuye ngamagama enkehli kowamanqamu eQatar

Ngaphambi komdlalo wamanqamu wayizolo weNdebe YoMhlaba, elaboHlanga lithe kulo kuzogqama abadlali ababili abagqoka onombolo-10 kumazwe amabili okuyi-Argentina neFrance.

Kuye ngamagama enkehli, uLionel Messi we-Argentina noKylian Mbappe bakhombise umhlaba ibhola elingasoze lakhohlakala emlandweni. UMessi ne-Argentina banqobe umdlalo sekukhahlelwa amaphenathi,  kodwa ngakolunye uhlangothi uMbappe oneminyaka yobudala engama-23 unqobe izinhliziyo zabantu ngokuvalela phakathi amagoli amathathu.

UMbappe lokhu akwenzile kuyinqophamlando njengoba kwagcina ukwenziwa uGeof Hurst wase-England ngonyaka we-1966. Ngokweminyaka anayo uMbappe, kubukeka kunguye umdlali ozophula amarekhodi abekwe uMessi nRonaldo emdlalweni yamazwe nasemaqenjini imbala. 

Ngonyaka wezi-2018 wayinqoba iNdebe YoMhlaba, kulokhi uhlulwe kowamanqamu kwazi bani kwelandelayo kokwenzakalani isikwati seFrance sinabadlali abasebancane abasazodlala isikhathi okuchaza ukuthi isangayinqoba ezayo.

Ezinye izindaba ezithinta abadlali beFrance kuvela ukuthi u-Aurelien Tchouameni kumphoqe ukuthi aphume ezinkundleni zokuxhumana njengoba kuvela ukucwasa ngobuHlanga. Lo mdlali ongomunye wababe nomqhudelwano omuhle ungomunye wabashwebe iphenathi kwiFrance omunye uKingsley Coman. 

Ukunqoba kwe-Argentina abaningi bakuthatha njengokuthi kuqede ukukhuluma ukuthi ngubani “Imbuzi” phakathi kukaMessi noCristiano Ronaldo wasePortugal. 

See Also

Eminyakeni edlule bekukuningi ukuphikisana kubalandeli ukuthi ubani omkhulu, uMessi njengoba eseneNdebe YoMhlaba kumbeka phezulu kakhulu.

Iphupho labantu abaningi bekuwukuthi oyedwa phakathi kukaRonaldo noMessi awunqobe lo mqhudelwano, nebala lokho kwenzakalile. UMessi ubalwa nabadlali abakhulu okunguPele waseBrazil noDiego Maradona wase-Argentina.

UMessi njengoba ubedlala umdlalo weNdebe YoMhlaba okokugcina noma unombolo 10 wase-Argentina ungangaphinde usetshenziswe. 

Scroll To Top