Impi engenamkhawulo yeRussia ne-Ukraine isikwelinye izinga
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amasosha ase-Ukraine angene ajula endaweni ebingaphansi kwamasosha aseRussia ngasekuqaleni kwesonto njengoba izakhamuzi zibuyela ezigodini ezaziphambili futhi iMoscow ibhekene nemiphumela yokuwa kwebutho layo enyakatho-mpumalanga ye-Ukraine.
Abasebenzi base-Ukraine bathe amasosha ayo aphinde athatha amadolobha namadolobhana angaphezu kwama-20 ngosuku olwedlule, ngemuva kokuthi iRussia ivumile ukuthi isiyishiya i-Izium, isizinda sayo esikhulu enyakatho-mpumalanga ye-Ukraine.
“Abantu bayakhala, abantu bayajabula!” kusho uthisha wesiNgisi osewathatha umhlalaphansi uZoya,oneminyaka engama- 76, enyakatho yeKharkiv edolobhaneni laseZolochiv eliqhele ngamakhilomitha ali-18 ukusuka emngceleni waseRussia, ekhala ngesikhathi echaza izinyanga azichithe ekhosele endlini engaphansi komhlaba.
UNastya, oneminyaka engama-28, wayebalekele leli dolobhana ngoMbasa kodwa wabuya ngesonto eledlule ngemuva kwezindaba zokubuya kwalendawo ngaphansi kolawulo lwe-Ukraine: “Ngicabanga ukuthi wonke umuntu ujabule! Konke sekuphelile manje,” kusho yena.
Enyakatho, amasosha ase-Ukraine ayethuthele e-Udi, idolobhana endaweni okwakungeyona indawo yomuntu eseduze nomngcele. Amasosha abuya lapho athi namanje ayikaphephile, igcwele amabhomu agqitshwayo, amabhomu nezikhali ezishiywe amasosha aseRussia abebaleka, nezilwane zasemapulazini ezilahliwe zizulazula.
Engxenyeni esele yendawo ephethwe yiRussia esifundeni saseKharkiv, u-Vitaly Ganchev, inhloko yokuphatha eMoscow e uvumile ukuthi amasosha ase-Ukraine adlulele emngceleni.
UGanchev, oseyalele ukuthi kukhishwe ngokuphelele izakhamizi ezingxenyeni eziphethwe yiRussia esifundazweni, utshele ithelevishini yaseRussia iRossiya-24 ukuthi babalelwa kwama-5,000 izakhamizi ezibalekele eRussia kodwa umngcele usuvaliwe.
“Isimo siya ngokuba nzima ngehora,” kusho yena. Njengoba izinkulungwane zamasosha aseRussia zishiya izinkambi zawo, zishiya izibalo ezikhulu zezinhlamvu nemishini, iRussia idubule imicibisholo eziteshini zikagesi ngeSonto okubangele ukucisha kukagesi ezindaweni zaseKharkiv neziseduze nePoltava neSumy.