Now Reading
Iyachichima yizikhalo inqola ye-ANC ebheke eNasrec
Dark Light

Iyachichima yizikhalo inqola ye-ANC ebheke eNasrec

UKhongolose uya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi kusasa eNasrec eGoli nomgodla onyinyithekayo. Kuwo kukhona izikhalo ezihlukahlukene zabantu baseNingizimu Afrika okuhlanganisa izinhlangano ezizimele, ezingenzinzuzo, ezimele abantu abangasebenzi, intsha, abesifazane nabamabhizinisi.

Lezi kuba izikhalo ezijwayelekile eziwumphako ophathiswa i-ANC uma iya kule ngqungquthela emuva kweminyaka emihlanu, kepha kulokhu inqola igcwele iyachichima. Kujwayelekile ukuthi uvuthondaba lwengqungquthela lube lapho sekukhethwa ubuholi obusha. Ziba khona nezithangami lapho kudingidwa khona izinqubomgomo, ukwethulwa kwemibiko yeminyaka emihlanu edlule. Umbiko osuke ubhekwe kakhulu ngokaNobhala Jikelele. Kubuye kwenziwe nezivumelwano iqembu elizibophezela kuzo futhi elisebenza ngaphansi kwazo.

Ngasekuqaleni kwesonto inhlangano emele intsha engasebenzi kuleli ibe phakathi kwabantu abathumele umphako kule nhlangano inxusa ukuba ingqungquthela ibheke ukuthi kungani intsha ibhuquza emakhaya neziqu zemfundo ephakeme.

Okunye okuwumphako ukuthi izingqungquthela ezihlelwayo zabatshalizimali ezweni kumele intsha imelwe ngoba izwi layo ligcina lingasazwakali, esikhundleni salokho iyakhulunyelwa. “Sekukaningi sikhala ngokuthi kuzo zonke izithangami lapho kukhulunywa khona ngathi izwi lethu alizwakali, simelwa abantu abakuhulumeni abayihlanekezelayo inkulumo. Sekube nezingqungquthela ezintathu eGoli naseKapa lapho sizwa kukhulunywa ngabantu abangasebenzi nezinselelo zabo kepha, sinalo uhlaka olusimele olungakaze lumenywe ukuzobeka isithombe esiyiso ngesimo esibhekene naso,” kusho uThabiso Matela oneziqu zoSonhlalakahle osekuphele imiphakathi emihlanu efaka izicelo zomsebenzi kunhlanga zimuka nomoya.

See Also

Omunye umphako ophathiswe uKhongolose uqhamuka kuMkhandlu Wosomabhizinisi boHlanga iBlack Business Council. Bona bafuna i-ANC ibeke eqhulwini udaba lokucima kukagesi ukuze kubuyiselwe umnotho esimweni esikahle, kuphinde kwenziwe isiqinseko sokuthi imisebenzi ekhona ayilahleki. UMkhandlu uthi sekuphele izinyanga ezimbili mukuthu ugesi unqanyulwa ezweni okuyisimo esingamukelekile. Bathi lokhu akwehli kahle kwababheke ukutshala izimali kuleli. “Lokhu kudicilela phansi zonke izinhlelo zokufukulwa komnotho,” kusho isitatimende soMkhandlu Wosomabhpizinisi.

UKhongolose uya kule ngqungquthela nje izinto zimapeketwane ngaphansi kobuholi bukaMnu uCyril Ramaphosa. Kube ngokokuqala kusuka ngowe-1994 ukuthi iqembu lithole amaphesenti angaphansi kwama-50 okhethweni. I-ANC yembuleka izinqe okhethweni lohulumeni bezindawo ngoLwezi wezi-2021 ilahlekelwa omasipala abamqoka abakhulu ezweni. KwaZulu-Natal kwacishe kwavalwa ngehlahla. Umbango uphakathi kukaDkt uZweli Mkhize noMnu uRamaphosa. Noma ubani ophumelelayo kukaba baholi, abantu baseNingizimu Afrika kuye babheke ukuba kufezwe izethembiso I-ANC ekhankasa ngazo ngezikhathi zokhetho.

Scroll To Top