USihlophe uhlela ukuguqula umlando ngomcimbi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Indawo yaseHarding ingezinye yezindawo ezike zabasematheni, ngokuthi inhlamvu into eqhuma noma inini kufe abantu. Lokho bekwenza amalunga omphakathi uhlalele ovalweni.
Okuwubufakazi balokho ngenyanga eyedlule uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnu uBheki Cele wahambela uMasipala uMuziwabantu ngesikhathi kunembizo yokunqanda ubugebengu emuva kokudedelwa kwezigebengu ngebheyili ezili-108.
Ngalezi zigameko ezingezinhle umsakazi woKhozi FM u-Irvin Sihlope, ongowokudabuka khona eMuziwabantu uhlele indumezulu yomcimbi ahlose ngawo ukuhlanganisa abantu, nokuzobenza bakhohlwe ngokwenzekile ezikhathini ezedlule, ephinde efukule osomabhizinisi basendaweni. Lo mcimbi ubizwa ngeHarding Summer Festival, uzokuba mhla zili-17 eHarding Park.
“Indawo yangakithi ike yaba sematheni ngento engekho yinhle okuwukubulawa kwabantu. Ngakho ngalo mcimbi sifuna ukuqeda uvalo kubantu, bejabule bebone osaziwayo abahlonishwayo kuleli. Lona ngikholwa ukuthi kuzoba umcimbi omkhulu, ngoba ayikho into efana nalena eke yenziwe eMuziwabantu. Silindele abantu abaningi, njengoba amathikithiki kusukela aqala ukudayiswa athengwa ubuthaphuthaphu,” kusho uSihlophe.
Ebuzwa ngezokuphepha ukuthi zizobe zinjani ukuqina uthe: “Ayikho inhlobo yephoyisa ezobe ingekho, kuyimanje agcwele lonke idolobha. Ngosuku lo mcimbi azobe ekhona elekelelwa onogada abasebenza enkampanini yomuntu wakhona eMuziwabantu, ngalokho sifukula umnotho wasendaweni. Abantu abangasabi abeze ngobuningi, bazobe bephephile” kubeka uSihlophe.
Kubaculi abazobe besina bededelana kubalwa uProfessor, DJ Tira, T’zozo, Babo, Sgwili, AmaSiblings, Zakwe, Nomfundo Moh nabanye abaculi abaningi okubalwa nabendawo.
“Ngalo mcimbi kuzozuza abantu abaningi lapho ngibala abanezindawo zokulala, izindawo ezidayisa ngokudla, izindawo zokufaka uphethiloli, nosomabhizinisi abasafufusa” kuqhuba uSihlophe.
Ngasohlangothini lwezokuphepha uSihlophe ufakazelwe iMeya yakuMasipala waseMuziwabantu uMnu uSiboniso Zungu othe lento yokuchanasa kwezigebengu seyizofana nomlando.
“Sifuna ukuguqula umlando omubi ngendawo yakithi, lento yezigebengu ezichanasayo izophela lokho kuzobonakala kulo mcimbi esifuna ukubuyisa ngawo isithunzi. Abantu abazokwenza okubi bazojeziswa kakhulu, sizoqhubeka nokuseka imicmbi efana nalena. Sikhathele ukuvezwa ngabezindaba ngezinto ezingezinhle” kubeka uZungu.
UMnu u-Anele Nzimande, oyikhansela elibhekene nezobuciko namasiko, uthe luzobe lungafakwa lubuya nodaka. Uthe okwamchaza kakhulu ngalomcimbi ukunikezwa kwabaculi bendawo ithuba lokushiyelana inkundla nasebaziwa.