UMACINGWANE: Ayikho indawo eyedlula ikhaya
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Engafunde enjalo kepha wasebenzisa ubuciko bakhe ukwakha isikole endaweni
Yize sekwaphela isikhathi esingangonyaka kwenzeka kodwa isithombe nesifundo salokhu sisathe bha kimi. Lesi yisifundo ngempilo yomunye wamaciko enginomuzwa wokuthi awahlonishwa ngokwanele kuleli, ubaba uSipho Mchunu. Inyanga kwabe kunguNdasa ngonyaka wezi-2019 lapho umhlobo wami u-Angus Gibson nongumphathi wenkampani enkulukazi kuleli ekhiqiza imidlalo iBomb Shelter edlulisa isimemo kimi. Lesi kwabe kuyisimemo esingajwayelekile, ngoba uGibson wabe engangimemeli kwakhe noma endaweni yakhe kepha wabe engimema ukuba ngibe yingxenye yohambo yena nomndeni wakhe abalenza njalo ngonyaka. Lolu kwabe kuwuhambo lokuvakashela eMakhabeleni eKranskorp kwaMchunu. Akungithathanga nomzuzu ukuba ngamukele isicelo okuyinto engejwayelekile ngoba angiyena umuntu osheshe avume izinto.
Nembala yafika impelasonto esabe sihlele ukuba sihambe ngayo. Yithi labaya siphikelele eMakhabeleni lapha endleleni sihambe sibukisana izindawo sibuye sifundisane nomlando wamagama azo. Lathi lapho lizilahla kunina sabe sesiphakathi esigodini iMagobhe eManzaneni emzini wakwaMchunu. Okwaba sobala wukuthi sabe silindelwe ngoba sanede nje saba sebaleni wonke amalungu omndeni ayekelile emamatheka. Inhloko yekhaya kayikufihlanga ukujabula kwayo ukusibona ngoba yaze yathi ukuyisikaza, kwaba wukuqala kwempelasonto yethu leyo.
Ngathola ithuba eliyingqayizivele lokuba ngixoxe noMchunu. Sabe sixoxa nje sihamba izindawo akhulela kuzo nayilapho ayengilandisa ngomlando wakhe nomndeni wakwabo. Ekuxoxeni kwami naye ngafunda ukuthi phezu komculo lo owabe umdumisa amazwe wabe ebathanda abantu bakubo. Lokhu kwaze kwafakazelwa yinto eyavela nje sikhuluma ngokunye okwakungathi uma kungomunye umuntu kube yiyo aqala ngayo ngoba ezindonya isifuba. Lokhu kwakuwukwakha kwakhe isikole endaweni. Echaza ngalokhu wathi: “Ngathi uma ngibuya lapha ekhaya ngazibona izingane zifundela ngaphansi komuthi lokho kwangithinta kakhulu. Ngakolunye uhlangothi ngangibona isidingo somtholampilo. Kepha kwathi uma ngithathisela nakwabanye kwaphuma phambili okwesikole. Nasi nanamuhla simile igama laso yiMagobhe. Ngabe sengicela ukuthi lo muthi ezabe zifunda kuwo izingane ungabulawa ngoba uyisikhumbuzo salokho okwabe kulusizi esadlula kukho,” kusho umfo kaMchunu.
Amadlelo aluhlaza, isiqophamazwi nomlungu
Ihlaya alisho indlela athola ngayo ‘amadlelo aluhlaza’ esuka eThekwini eya eGoli. UMchunu uthi kwabe kungowe-1969 lapho afakwa khona emakhishini ngumfowakubo, uMnu uXoshimpi Mzila ababebhinca naye beshela izintombi lapha amakhaya.
“Ngisebenza lapha eThekwini ngabe ngihola ishumi nesihlanu nje vo. Wababaza umfo kaMzila wathi ake ngizozama eGoli ngoba bona bahola ayisi-R6 nayisi-R7 ngenyanga. Ngafika eGoli ngaqala komunye owabe unginika ayisi-R6 ngingabhalisiwe. Kuthe kunjalo ngathola omunye owangethembisa ayisi-R7, hhawu ngagxuma ngahlala. Angivalelisanga kulona wokuqala ngoba vele ngabe ngingabhalisiwe,” kusho uMchunu efa yinsini.
Odabeni lokuhlangana kwakhe nomlungu owagcina esenjengomfowabo, uJohhny Cleggy, okaPhakade uthi: “Khona lapho uMzila wangixoxela ngomfana womlungu owayeyithanda ingoma yesintu nowayehlala edlula ngalapho besebenza ngakhona. Kuthe ngelinye ilanga ngingasebenzi njengoba kwakuba zinsuku ezimbili ngesonto, ngalolu suku kwabe kungoLwesithathu nami ngizidlalela isiginci engabe ngisenze ngekopi. Ngenza okwejwayelekile ngiludlale ngihamba ngifunda imigwaqo yonke lena emajalidini. Ngoba angifundile indlela engangizikhumbuza ngazo ngangibuka nje upende womuzi loyo nomuthi oseduze ngibe sengiqopha lapha ekhanda ukuthi uma sengibuya ngiyoguduza kanjani.
“Ngithe ngisahamba ngezwa umuntu engishayela ikhwela ngaqale nganganaka ngoba kwase kuvamile ukuthi uma ngidlula amaNtaliyane angiphosele imali ethanda isiginci lesi. Okwenzeka ngalolu suku wukuthi ngadlula eduze kwakubo kwaJohhny owayehlala efulethini. Ushaya ikhwela lo mfana uhamba ngebhayisekile asondele impela ezwa lesi siginci,” kulanda uMchunu.
Uthi akubanga lula beqala ngoba wafika umfana womlungu wakhuphuka ngesilungu kwaxabana ubendle ngoba wayengezwa nokuthi kuthiwani umfo waseMakhabeleni.
“Wazama umlungu ngaso isifanakalo wangibuza ukuthi ngihlalaphi ngasho naye wakhomba kubo. Indaba yabe isiqala ukujiya uma esethi ake ngime ayobiza unina. Lapha ngasho ukuthi awu ngaboshwa madoda ngizihambela. Wafika unina wasizama isifanakalo naye kwangcono washo ukuthi umfana wakhe uthi uyayithanda le nto engiyidlalayo naye washo ukuthi ungumculi weJazz. Wabe esengimemela endlini,” kusho uMchunu.
Uthi nembala wangena endlini esephakathi washo umhlola unina kaJohnny wathi angihlale kusofa, uthi wakhuza ibhadi ngoba kwala sebesho ukuthi bona kabanankinga naye wathi kanayo kepha uzocupha phansi.
“Wangenzela itiye nesinkwa unina womlungu ngadla kepha inhliziyo igubha ngoba ngangingazi ukuthi ngenziwani. Wabe esecela umfana ukuthi ake ngidlale le nto ebengiyidlala ukuze ezwe unina.
Ngiyakhumbula iculo engalidlala lalithi ‘Baba ngilahlwe yizangoma ngilahlwe zinyanga’. Lapha ngangilithathela kumfo kaBhengu, uPhuzushukela. Ngaphinda ngadlala eyesibili lena ethi ‘Thula mntanami umama uzosiphathela amaswidi’.
“Inkinga lapha kwaba wukuthi ngenza konke nje lokhu kanti bayangiqopha ngangingazi lutho ke ngesiqophamazwi, kwathi sesiqedile wase umfana edlala le nto. Awu kwasuka esinamathambo. Ngasukuma ngama ngezinyawo ngibuza ukuthi benzani, bazongifakela otikoloshe lapha bese ngizizwa. Ngijuluke ngimanzi ngiyabuza ukuthi lokhu bakwenze kanjani,” kuchaza uMchunu nothi akabange esahlala wasukuma lapho waphuma wahamba.
Uthi kwalamula ukuthi agijime aye esitolo eKillarny ngalo lolo suku. “Ngafika lapha esitolo semisakazo ngabuza ukuthi kuyini lokhu bangazisa ukuthi yisiqophamazwi ngathi abakudlale balandula bathi angeke kumane kuzidlalele ngathi mina kabakudlale ngoba kunezwi lami. Ngathi uma ngithi bangalalela nalapha kuwayilense eyejwayelekile. Hhawu yona yamane yazikhulumela izindaba zebhola,” kuchaza uMacingwane efa yinsini.
Ubuhlobo noPhuzushukela
Okunye okumangazayo ngoMchunu wukukwazi kwakhe ukuncoma abanye nokwazisa abamfundisa okuthize. Utusa uBhengu (uPhuzushukela) ngokumfundisa okuningi nokumqoka.
“UPhuzushukela wayethi njalo uma efike lapho ngihlala khona angene ngeculo, okunye ayegogode kukho yindlela aqhwaya ngayo izintambo. Wayeqhwaya ngeminwe umsindo ukhale njalo uzibuze ukuthi wenza kanjani. Kwahamba kwahamba ngakufunda ngadla ngayo nokwathi uma ngohlangana noJohnny nonina bamangala. Ngathi uma sengimfundisa umlungu ngathi ungatshengisi muntu lena yinduku yethu esizodla ngayo izizwe.”
Impilo kaMchunu iyefana nabo bonke abantu besikhathi sakhe. Wazalwa ngaphansi kwezimo zobandlululo. Emakhaya, wangalithola nethuba lokufunda esikoleni kepha impilo eyabe imzungezile yamfundisa abaningi abaya esikoleni abangakutholanga esikolweni nakwangqondonkulu.
Inhloso yokuba nengxoxo noMchunu kwabe kungekhona ukwazi ngomculo wakhe ngoba lokho kuqoshiwe. Engabe ngikuhlosile wukwazi ngalokho okumqoka kuye ngale kwesiphiwo sakhe. Kwaphela izinsuku zethu nginaye senginayo impendulo ukuthi lena yindoda okungayihluphi ukungaziwa, nakhu nje abanye baze benze iphutha bacabange ukuthi nguCleggy owayifundisa umculo futhi nalapho kanendaba. Kunalokho uyavuma ukuthi le nsizwa yomlungu yaba yisithako esimqoka ekudlaleni kwabo.
Okunye engakuqaphela wukuthi ngeke uyithinte ngekwabo elingangcini nje ngomuzi wakubo kepha naseMakhabeleni imbala.
Uma echaza ngalokho ukugoqa kahle uMchunu uthi: “Uma ulima utshala kawusho ukuthi wenzela wena kepha uthi wenzela ukuthi sonke sidle.”
Lo mcabango ujule kakhulu ngoba uma wonke amaciko engacabanga kanje ngabe ayikho indawo engenaso isikole noma umtholampilo.