Kuzophela ubungani kuMbappe noHakimi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindeleke ukuthi kuguge utshani phakathi kweMorocco neFrance, la maqembu azotholana emdlalweni wesibili wowandulela owamanqamu kwiNdebe YoMhlaba.
Okunye okuzokwenza lo mdlalo ushube ukuthi iFrance izoya kuwona ingayithathi kancane iMorocco njengoba isimangaze abantu abaningi. I-Atlas Lions (iMorocco) ikwaze ukuhlula iBelgium emdlalweni yamaqoqo, kuthe kusenjalo yalandela ngokuhlula iSpain koweLast 16 sekukhahlelwa amaphenathi. KumaQuarter-Final ibe isihlula iPortugal ebigabe ngoCristiano “CR7” Ronaldo, ngegoli elilodwa eqandeni.
Ukufika kwayo kulesi sigaba kungumlando kwazise izwe lokuqala lase-Africa ukungena kowandulela owamanqamu.
Impi yalo mdlalo iqale ngaphandle kwenkundla njengoba amaphoyisa aseFrance abedudulana nabalandeli beMorocco, ngesikhathi bejabulela ukuhlula iPortugal behamba emgwaqeni yaseParis.
Okunye ukuthi abadlali abadlalela iMorocco badabuka eFrance.
Impi ezobe ibhekiwe enkundleni eyabangani okungu-Achraf Hakimi waseMorocxo noKylian Mbappe waseFrance. Laba badlali badlala eqenjini elilodwa okuyiParis-Saint Germain (PSG) okuyiqembu laseFrance.
Kwividiyo uMbappe oyisithenjwa seFrance uvela ethi: “Kubuhlungu ukuthi ngizodlula kuwena mnganami, ngizodlula. Ibhola leli lokho kumele kwenzeke”.
Lo mdlalo uzoqala libumbele elesi-9 kusihlwa e-Al Bayt Stadium. Iqembu elizonqoba kulo mdlalo lizobhekana ne-Argentina kowamanqamu emdlalweni ozokuba ngeSonto, elizohlulwa lizodlala neCroatia bebanga indawo yesithathu.
Ukunqoba kweMorocco impela kobe kusho ukuthi ingamaqhawe, kwazise izobe ihlule iqembu eliyizimfivilithi okuyilo futhi elingompetha boMhlaba.