Now Reading
Amasi abekwe elangeni kwezikanobhutshuzwayo
Dark Light

Amasi abekwe elangeni kwezikanobhutshuzwayo

Umhla zili-16 kuZibandlela usuku lapho khona abantu abaningi beqala ukuzijabulisa kwazise izinkampani eziningi zisuke sezivalile, kanti abanye besuke bethole amabhonasi. Kodwa labo abathanda unobhutshuzwayo basuke bebheke imiqhudelwano eminingi eba semakhaya nasemalokishini, ejwayele ukuqala ngalo lolusuku.

ElaboHlanga likhulume nabahleli beminye imiqhudelwano edlondlobala kakhulu kusukela yasungulwa. 

UScelo Zuma ongumhleli we-BB Bakers Super Cup, wazise elaboHlanga ukuthi kuyabajabulisa ukubona lo mqhudelwano udlondlobala. Lo mqhudelwano uzoqala namuhla ngoLwesihlanu usongwe ngoMsombuluko ezinkundleni zasePinetown.

“Unyaka wesithupha lo mqhudelwano uzodlalwa, ngikholwa ukuthi siyawubona umehluko omukhulu. Siyajabula ukuthi nakulo nyaka uzophinde ube khona lo mqhudelwano, ogabe ngokunikeza intsha ithuba lokuziveza. Awugcini lapho kodwa uphinde ukhulise nabaqeqeshi abasebancane” kusho uZuma.

UZuma uphinde abe ngumqeqeshi weSicelo Sport Skills, kanti phambilini esewumdlali wagijima kwiSwallows FC, iThanda Royal Zulu neHong Kong Rangers.

Lo mqhudelwano unezigaba ezahlukene njengoba uqala kwabaneminyaka engaphansi kweli-11, kuya kwabaneminyaka engaphansi kweli-19. Uthe amaqembu azoba yingxenye yawo angama-48. Amaqembu azonqoba nazohlulwa kowamanqamu, azohlomula.

Kubadlali asebedlale kuyona iBB Bakers Super Cup, uLanga Mhlongo okwiRichards Bay FC noSbongakonke Ndlovu odlala kwi-All Stars egijima kwiMotsepe Foundation Championship. 

“Okuhle ukuthi ngikwazile ukumema abaqeqeshi bamaqembu amakhulu, ukuthi bezohlola ikhono. Mina ngiyakholelwa ekutheni ligotshwa lisemanzi, entsheni ilapho ligcwele khona ikhono, yingakho ngifuna lo mqhudelano ukhule kakhulu eminyakeni ezayo. Iningi labadlali elidlale kulo mqhudelwano lidlala kwiDSTV Diski Challenge (DDC), ABC Motsepe League”, kubeka uZuma.

Abaqeqeshi okulindeleke ukuthi babe kulo mqhudelwano uPapi “Ginger” Zothwane oqeqesha uThongathi FC, uMafa “Wele” Zuma okwiSummerfield Dynamos, uJaphet Zwane okwiLamontville Golden Arrows, u-Ayanda “Cobra” Dlamini okuMaZulu FC, uPitso Dladla weRichards Bay FC. Ubalule ukuthi nabeMaritzburg United kungenzeka batheleke.

Omunye okhulume nelaboHlanga uMusa Ngcongo ongomunye wabahleli beJolivet Soccer Tournament.

Lo mqhudelwano mkhulu kakhulu ufaniswa neNdebe YoMhlaba njengoba udlalwa amaqembu angama-32 aqhamuka ezindaweni ezehlukene esifundazweni iKwaZulu-Natal.

See Also

“Kulo nyaka siyathembisa ukuthi izinga lizoba phezulu impela, iqiniso ukuthi uphazamisekile lo mqhudelwano njengoba bekunokhuvethe. Kulokhu zonke izinto zivulelekile, amaqembu ajoyine ngesikhathi, namuhla ngoLwesihlanu sizoqhatha amaqembu” kusho uNgcongo.

IJolivet Soccer Tournament igabe ngokuthi iqembu elinqobile lihamba nezinkulungwane ezili-R100 kuthi iqembu elihlulwe kowamanqamu ligoduke nezinkulungwane ezingama-R50. Abadlali abenze kahle baphinde bahlomule emva kumqhudelwano, lapho kubalwa umdlali odlale ukubadlula bonke, umdlali ovalele phakathi amagoli amaningi, umdlali omncane odlale kahle, nonozinti bonke bathola inkulungwane. Izoqala mhla zingama-24 ize isongwe mhla zingama-28.

Eminye imiqhudelwano kukhona iKaslam Soccer Tournament eyenziwe uPhilani “Splash” Ngwenya, okungokwesithathu uzodlalwa. Unamaqembu ali-16, uzodlalwa mhla zingama-29 usongwe mhla zingama-31 ezinkundleni iGround No 5 ne-No 6 KwaMashu. Iqembu elizonqoba lizogoduka nezinkulungwane ezingama-R35.

Khona KwaMashu ezinkundleni ezifanayo, kuzoqhubeka umqhudelwano iNdabase Cup osekusele kudlalwe owamandulela owamanqamu nowamanqamu. 

Mhla zingama-26 kuya mhla zingama-28 kuzoba nowaziwa ngeMduzu Soccer Tournament ohlelwa uXolani “Mduzu” Ngcobo ongunozinti weRoyal AM.

Scroll To Top