Izimpi zokuhlonipha “uGandaganda” Buthelezi zihlehlile
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Zibhuntshe ekugcineni izimpi eziqhathwe iStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga, obekulindeleke ukuthi zibe ngeSonto eCecil Emmett Hall, eVryheid ngaphansi kwaMasipala Abaqulusi.
Lezi zimpi bekuzohlonishwa ngazo uSimiso “Gandaganda” Buthelezi, owadlula emhlabeni ngoNhlangulana nonyaka. UButhelezi wayevikela ibhande le-WBF All Africa Lightweight kuSiphesihle Mtungwa ezimpini ezaziqhathwe iyona iStarline Boxing Promotions, wabonakala eshaya ubala ekhoneni waphuthunyiswa esibhedlela iKing Edward VIII, walala usuku olulodwa kuphela wabe eseyadlula emhlabeni ngakusasa.
UNkk Malinga ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Ngiyazi abantu, kakhulukazi osomankomane akade bezolwa akubaphathanga kahle lokhu, kodwa nami kube ngaphezulu kwamandla ami. Kodwa ngiyaqinisekisa ukuthi zona izimpi zizoba khona maduze, usuku sizolazi. Engingakusho ukuthi sizovakashela umndeni wakaButhelezi siwuhambisele ukhisimusi, kwazise lo mqhudelwano ubuzobe uthinta wona kakhulu njengoba kuyiwo owalahlekelwa ingane yawo” kubeka uZandile. Uthe lokhu kudalwe yizizathu angethande ukunaba ngazo.
Uthe ulinde inhlangano ephethe isibhakela kuleli iBoxing South Africa (BSA) ikhiphe isinqumo sosuku, kodwa izimpi zisazoma njengoba zinjalo inkinga ukishintshwa kosuku kuphela.
Lezi zimpi zibhuntsha nje, umama kaButhelezi, uSibongile ubemnikezile uZandile izibusiso zokuthi aqhathe ngenhloso yokukhumbula indodana yakhe, futhi ubezobe ekhona kuzona.
Lezi zimpi bekulindeleke ukuthi izinga libe phezulu kuzona njengoba bezizohanjelwa izinkakha zalo mdlalo okubalwa uFrancios “White Buffalo” Botha okunguyena yedwa lapha eNingizimu Afrika owalwa noMike Tyson. Omunye uDingaan “The rose of Soweto” Thobela owaba ngowesibili kuleli ukuba umpetha we-WBC.
Inkece ebizokwenziwa ngalezi zimpi ibizohanjiswa kumndeni wakaButhelezi.
UThema Zuma ongomunye usomankomane obezolwa kulezi zimpi utshele elaboHlanga ngomoya ophansi ukuthi uphoxekile ngokubhuntsha kwalezi zimpi.
“Ngizwa ngiphelelwa amazwi ngoba besengizitshelile ukuthi ngeSonto unyaka ngiyowuvala kahle ngokuqhubeka ukuba umpetha. Besengizilolonge izinyanga ezintathu, nengikholwa ukuthi bengimi ngomumo ukuba seringini. Kodwake akusenzekalanga, akukho esingakwenza” usho kanje.
UThema ubezotholana phezulu nomngani wakhe uBathabile “Fill It” Ziqubu, bebanga ibhande le-SA Female Junior Bantamweight, ebekuzoba impindamshaye njengoba laba bobabili balwa ezimpini ezabe zingoNhlangulana ziqhathwe iyona iStarline Boxing Promotions nokwanqoba khona intokazi yakaZuma ngamaphuzu.
Empini obekuzoba eyosuku ekaBongani Mahlangu evikela ibhande likazwelonke le-Junior Featherweight ku-Innocent “Tycoon” Mantengu. Kwenye uMpendulo Gumede noNhlonipho Hlubi bebezobanga elingaphethwe muntu le-KZN Featherweight. Kukhona neyokungcweka yosondonzima eyimizuliswano eyisishiyagalombili, phakathi kukaJosh Pretorius noDidier Nywembwe waseDRC.
Lezi zimpi zixhaswe uMnyango weZemidlalo KwaZulu-Natal, uMasipala Wesifunda iZululand nabangaphansi kwalesisiFunda okungowaseBaqulusini nowaseDumbe.