Zinkani zababili phakathi kweCroatia ne-Argentina
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Munye umdlalo obhekwe namuhla nokuyilowo ongowandulela owamanqamu ophakathi kwe-Argentina neCroatia.
Iningi labantu libona ompetha baseSouth America i-Argentina kuyiyo ezodlula kulo mdlalo bese ilinda owamanqamu, kodwa imiphumela yakamuva ibukeka ichaza okunye njengoba iCroatia eyahlulwa kowamanqamu ayo iNdebe YoMhlaba ngowezi-2018 ingamangaza abaningi njengoba kumaQuarter-Finals iwashiswe iBrazil ebiyizimfivilithi ijezi.
Abaningi babona iCroatia inqobe ngenhlanhla njengoba amaphenathi kuyinto esuke inganqotshwa noba ubani, kodwa ukunqoba kumaphenathi usudlale imizuzu engaphezulu kweli-120 udlala neBrazil kusho ukuthi kukhona okuhle enakho kakhulukazi ukuvika ukungenelwa amagoli.
Womabili la mazwe afike kulesi sigaba, ngokunqoba kumaphenathi, iCroatia ihlule iBrazil kwathi i-Argentina yahlula iNetherlands.
Lo mdlalo uzoqala ngehora lesi-9 kusihlwa uzobanjelwa eLusal Stadium.
“Akulona noma iliphi ilizwe elikwazi ukubalwa namazwe amane asele kweyoMhlaba, kulandelana sikwenzile lokho kwezi-2018 namanje silapha. Kodwa kulokhu sizimisele ukwenza kangcono, ukuthi singahlulwa kowamanqamu kube yithi ompetha boMhlaba” kusho uZlatko Dalic ongumqeqeshi weCroatia.
Lamazwe atholanile kweyoMhlaba ngonyaka wezi-2018 kweyabe iseRussia, sekungumlando ukuthi iCroatia yanqoba ngamagoli amathathu eqandeni.
“Umlando ukuthi sayihlula i-Argentina eRussia, futhi lapho kwakuwumdlalo wamaqoqo. Lona esizowudlala namhlanje ungohlukile umdlalo, ngoba ufaka izwe kowamanqamu okuyinto efunwa inoma ubani” kubeka uDalic.
Okuzobe kubhekwe kakhulu kulo mdlalo imilingo yabadlali ababili, abagqoka ujezi nombolo-10 baphinde babe ngokaputeni kulamazwe. Labo badlali uLuka Modric weCroatia noLionel Messi wase-Argentina.
Laba badlali bobabili badlala iNdebe YoMhlaba okokugcina, ingakho ubuhlakani kwabo okwaziwa umhlaba wonke buzobe bubhekiwe ngoba bafuna ukuwuwabeka kahle amakhokho ethala benendodo yeGolide.
Omunye umdlalo owandulela owamanqamu uzokuba kusasa lapho kuzobe kubhekene iFrance neMorocco.