Ziningi izindlela zokulwa nendlala
UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Izinga labantu abalala bengadlanga kanye nabangazi ukuthi bazovuka badleni lenyuke kakhulu ikakhulu kusukela onyakeni odlule. Okubuhlungu ukuthi liya ngokwanda kakhulu njengoba abantu abaningi kuleli belahlekelwe imisebenzi ngenxa yokhuvethe. Babodwa labo abangakaze baqashwe kusukela baphothula iziqu zabo, kanti okubuhlungu kakhulu ukuthi kunalabo abanganazo ngisho iziqu lezi. Ubuningi babantu abacela usizo emigwaqeni yakuleli benza uzibuze ukuthi bushonephi ubuholi, ashonephi aMakhosi nezinduna, bashonephi abefundisi, bashonephi abazali kanye neziphathimandla zezwe. Kuyadabukisa ukubona intsha yakuleli ivimbanise emigwaqeni, iphethe amabhodi icela usizo nanoma ngolwani.
Ngithe uma ngibheka ucwaningo lwakamuva lwendlala kanye nesimo sokuphila kuleli ngashaqeka uma ngithola ukuthi izibalo zikhomba ukuthi baningi kakhulu abantu abahluphekayo. Lolu cwaningo luveze ukuthi umuntu okuthiwa uphila ngaphansi kwezinga lempilo kuleli ngumuntu ophila ngemali engama-R624 ngenyanga. Okubuhlungu ukuthi noma bekhona abangabanayo imali engangaleyo ngenyanga, bayidla nomndeni. Okusho ukuthi ama-R350 akhishwa nguhulumeni awenzi lutho kuleli zinga lenhlupheko ehlasele elakuleli.
Ngiyacabanga ukuthi uyazibuza ukuthi sifike kanjani lapha. Impendulo yalowo mbuzo ilula kakhulu. Ukufika kosomabhizinisi eminyakeni elikhuli kuya kwamabili edlule yikho okwaguqula izinto eziningi. Ngiyabezwa nje abantu besola uhulumeni wobandlululo sengathi inhlupheko yabohlanga yaqala ngowe-1948. Ukufika kwabelungu kanye namabhizinisi kwaletha olukhulu uguquko ezimpilweni zabantu bakithi. Abakwazi ukuchaza umlando bathi ilapho inhlupheko yomuntu omnyama yaqala khona.
Angifisi ukuthatha isikhathi sakho sonke ngilanda umlando, ungaze ungafiki lapho ngifisa ufike khona nalesiqephu sanamuhla. Kanti futhi angithandi ukugxila kakhulu ekusoleni abathize ngesimo engikuso kodwa ngiye ngingakhohlwa ukuthi ngifike kanjani kuleso simo. Ngifisa nawe ukhumbule ukuthi sifike kanjani kulesi simo sendlala enkulu esibhekene nayo kodwa kube khona okwenzayo ukuguqula isimo. Indlala esibhekene nayo akusiyo eyokudla kuphela singabohlanga, kodwa sibhekene nengwadla enkulu yokwentuleka kobuholi obungasikhipha endlaleni esikuyo. Esiqeshini esedlule ngithe abohlanga abaphumile eGibhithe. Omunye uzothi kwakungcono naseGibhithe ngoba kwakukhona ukudla.
Indlela yokuqala yokuxosha indlala ukubhekana ngqo nakho konke okubanga indlala. Ukube bengikhuluma ngendlala yobuholi bengizothi asibukhiphe lobu esinabo sifake obunye, kodwa ngoba ngikhuluma ngendlala yesisu, ngizothi bhekana nayo yonke into ekwenza uzithola wentula okuya ngasethunjini nabantwana bakho. Akusizi ukuzama ukuqeda indlala ungakalwisani nembangela yendlala. Nginabangani abasebenza kahle futhi abahola imali ebhekile kodwa bahlezi benganayo imali yokuthenga ukudla ngenxa yophuzo oludakayo.
Okusho ukuthi indlala kubo ayibangwa ukungaholi imali eyanele kodwa ibangwa ukungakwazi ukonga lokho okuncane okungenile. Ukulwa nesihlava yiso kanye isisombululo kunokwelapha.
Indlela yesibili yokulwa nesimo sendlala, ukungesabi ukungcola. Ngike ngabuza abantu abasha esithangamini ebengimenywe kuso sokukhethwa kwemikhakha yemfundo. Ngethuswe ukuthi akekho kubo ofune ukusebenza umsebenzi ozobangcolisa. Bonke bafuna umsebenzi wasehhovisi lapho bazoshaywa umoya obandayo khona. Ngalokhu ngiqonde ukuthi asibuyele ekusebenzeni ngezandla nasekuthuthukiseni amakhono esinawo.
Iningi labantu abalambile nabaswele umsebenzi banamakhono, kodwa abazi ukuthi bangawasebenzisa kanjani ukuze bazakhele ikusasa futhi baxoshe nendlala. Iningi lethu sifuna ukuba osaziwayo kodwa asifuni ukukusebenzela ukuba usaziwayo. Ngiyacabanga ukuthi kwaba lula ukuntshontsha ingcebo yethu, eyingumhlaba, singabohlanga ngoba siyabuthanda ubukhazikhazi. Angimelene nokuthanda izinto ezinhle kodwa ngikhuthaza ukusebenza.
Enye yezinto ezikhuphule izinga lendlala kulo lonke izwe lakithi ukwethembela kwabanye abantu. Abantu abaningi babeke ithemba labo kwabanye abantu othemba labo likubo bonke abanganathemba. Engizama ukukuveza ukuthi, sibeke ithemba lethu kubantu abadinga thina ukuze libuye ithemba kubo kodwa benza sengathi sithembele kubo. Isibonelo esiseduze nozosibona, osopolitiki bakuleli kanye nosomabhizinisi. Uma ubezwa bekhuluma ungaze ucabange ukuthi bengakwazi ukwenza izinto ngaphandle kwethu.
Kwenye inkathi abasazi nokuthi siyini sibe sibalulekile kubo. Inkinga enkulu ukuthi sibeke ithemba lethu kulabo bantu kanti futhi asibambene futhi asifuni ukwenza izinto ngokubambisana. Into abakwazi ukuyenza kancono abelungu ukusihlukanisa. Namuhla kulula ukuthi kulambe umuntu aze ashone abulawe yindlala bekhona omakhelwane. Asisizani futhi asithandani singabohlanga. Indlala ilingisa ibhubesi uma lizingela. Ibhubesi liyakwazi ukubekezelela indlala lisalinde ukuthi inyamazane iphume esixukwini ukuze likwazi ukuyivimbezela. Indlala nokweswela kusibulele kanjalo singabohlanga. Kusenze saba lukhuni futhi sangafuna ukusebenzisana.
Uma sifuna ukulwisana nendlala kuzomele siyeke ukucabanga ngezisu. Izwe lifile ngenxa yabantu abacabanga ngesisu, abantu abathi bangezwa ukuthi balambile kube lula ukudayisa ngabanye. Uma sifuna ukunqoba indlala kuleli, kuzomele siyeke umhobholo kanye nenzondo. Kumele silwisane nendlala ingaze ifike engqondweni kwabaningi. Uma ike yafika engqondweni, ishaya umqondo ufe nya. Uma ungasasebenzi umqondo, ngeke wakwazi ukuzicabangela, okuzokwenza uhlezi uncike kwabanye abantu.