Now Reading
ULanga Mavuso uzoyivala eThekwini i’Songs of the Sun Tour’
Dark Light

ULanga Mavuso uzoyivala eThekwini i’Songs of the Sun Tour’

Uzoyivala eThekwini ikhonsathi yakhe yosuku olulodwa ebizwa ngeSun Tour uhambo lokubuyela ekhaya uLanga Mavuso emuva kokushiya abantu besafuna impinda eKapa, eGoli, ePitoli, e-East London naseGqeberha.

Lo Zibandlela ungomatasa kakhulu kuMavuso njengoba esanda kubhelela amazolo isihlabani saphesheya kwezilwandle somculo weRnB Kenny Latimore Sunbet Arena City ePitoli muva nje. ULanga uzojabulisa abathandi bomculo nabalandeli bakhe eThekwini ekhonsathini ezoba ngoMgqibelo zili-17 kuZibandlela eThe Station, eThekwini. Lona kuzoba ngumlenze wokugcina waleli khonsathi lezingoma zakhe obizwa ngeSun Tour “buyela ekhaya” 

Njengoba iqanjwe ngebuyelekhaya nje yingoba umndeni wakhe ungowokudabuka kwelikaMthaniya okwenza iKwaZulu-Natal kube yisifundazwe esimqoka kule nasemculweni wakhe. Amathikithi ale khonsathi adayiswa ubuthaphuthaphu, kanti okwenza kakhulu abe yintandokazi ngalo Zibandlela yingoba uqokelwe kumaSouth African Music Awards (SAMA). UMavuso uthi akasakwazi ukulinda lolu suku olukhulu kangaka nokuzobe kuyimpelasonto ende kwazise uzobhulelwa amazolo intokazi yaseMlazi uNozi Sibiya owaziwa emncintiswaneni wama-Idols. UNozi waqala ukuqala emculweni ngesikhathi kwenziwa inhlolokhono ye‘The Clash of the Choirs’ esiteshini sethelevishini iDSTV. 

Emuva kwale mpumelelo akabange esabheka emuva ngoba ube esesebenzisana nezinye izingwazi zabaculi bakuleli njengoKhaya Mthethwa, uDumi Mkokstad, uMondli Ngcobo, uKelly Khumalo, uNaima Kay noPhindi P.  Ukuvulela uLanga kuzomnika ithuba uNozi lokuhlangana nabalandeli bakhe baKwaZulu-Natal laphl iphupho lachen lomculo lavala khona. Kulolu hambo i‘Songs of the Sun Tour’ – uLanga Mavuso uxhaswe abakwaMitsubishi South Africa. “Sijabule kakhulu ukusebenzisana noLanga njengoba ethatha ikhonsathi yakhe eyiyisa KwaZulu-Natal, siyakuthokozela ukuba naye emgwaqeni ngalesi sikhathi,” kusho u-Onela Mtilwa oyiMeneja Yezokukhangisa kwaMitsubishi Motors South Africa. 

See Also

Le khonsathi ixhaswe nayiJagermeister abazobe bekhangisa ngeziphisi zabo kuleli dili lomculo. Abagqugquzeli bathi bayokholwa izagila labo abayosuka muva ngoba amathikithi athengiswa okwamakhekhe ashisayo ngoba kunesipesheli sama-R250 ku-webtickets.co.za kwajwayelekile, uma usala kulesi sipesheli uzozithola ukhokha ama-R300 emnyango. Awomntakabani abiza ama-R500. Ngeminye imininingwane ngeSongs of the Sun Tour ungalandela uLanga Mavuso ezinkundleni zokuxhumana, @langamav nome uxhumane noNomthandazo Zulu ku thandi@dreamteamafrica.co.za. Amathikithi ayatholakala e-www.webtickets.co.za nasezitolo ezikhethekile zakwaPick n Pay.

Scroll To Top